zulu.974.yourlifeguide_talk
Ukwesaba uKhisimusi!!
U-Sis Angie ukunika amasu okuthokozela uKhisimusi
Dear Sis Angie: Ngingowesimame oneminyaka engu-39 owesaba isikhathi sikaKhisimusi. Ngisebenza eGoli kanti uma abantu bejabula beya emakhaya, mina ngiphatheka kabi.
Abantwana basekhaya abayisishiyagalombili no-anti bami abane bafuna izipho, imali nokuvakashiswa noma kuphi lapho bethanda khona ngemoto yami.
Ngiyabathanda kodwa ngisuke ngifuna ukuphumula ekhaya. Ngicabanga ukungagoduki ngalo Khisimusi ukuze ngigweme ukuphatheka kabi.
Lesedi, Rivonia
Dear Lesedi: Isikhathi sikaKhisimusi singakukhandla ngokwemali nangokomoya.
Ngeshwa ukusebenza eGoli kungaba nomthelela omuhle nomubi empilweni yethu.
Ngasohlangothini oluhle, imindeni esiyishiya emakhaya yakha isithombe esihle ngempilo esiyiphilayo nangezinto esinamandla okuzenza. Uma unemoto, bacabanga ukuthi unemali eningi.
Ingcindezi yakho idalwa wukulangazelela ukujabulisa abantu ukuze utuswe. NgokukaDixon Hammer ongumeluleki wezempilo, ukulangazelela ukujabulisa abantu kuba mandla kakhulu ngesikhathi sikaKhisimusi ngoba lesi sikhathi sithathwa njengesikhathi sokuphana. Ukunakekela umndeni wakho kubuye kube yingxenye yendlela okhuliswa ngayo kanti kungaba lukhuni ukwenqaba uma becela ubenzele okuthile.
Nazi izimpawu ezingaba yisexwayiso sokuthi wenza okungaphezulu kwamandla akho:
Uvuma ukwenza okushiwo wumndeni wakho ube ungathandi
Awukwazi ukuma emagameni akho
Uvuma ukwenza abakufunayo ngenhloso yokugwema ingxabano
Wenza okungaphezulu kwamandla akho ukuze bakuthande
Ukhetha ukuthi kuhlupheke wena ukuze ujabulise abanye.
Uma usunolwazi lokuthi okwenzayo ukwenziswa yini, ungaqala ukulungisa isimo. Shintsha indlela ocabanga ngayo nozibuka ngayo.
Khumbula ukuthi umdala manje. Lokho kukunika igunya lokuthatha izinqumo ngempilo yakho ukhulume nomndeni wakho ngezinto ezinithintayo.
Ebhokisini ngezansi sinezinye zezibonelo zokuhlukana nezinkolelo ezindala endaweni yazo usebenzise ezintsha. Ngale ndlela ungafunda ukubambelela emazwini akho ungavumi ukuxhashazwa wumndeni wakho.
ISELULEKO: Bhala phansi ukuthi ungathanda ukuba noKhisimusi onjani. Lokhu kungabandakanya uKhisimusi ozowuhlela ubambelele kwibhajethi yakho, nokuyilapho namanye amalungu omndeni ezofaka khona isandla noma nibe nohlelo enizoluqala kabusha.
Uma usunolwazi lokuthi ufuna ube njani uKhisimusi wakho, kungakuhle utshele namalungu omndeni wakho. Mabasho ukuthi bona bangathanda ube njani nokuthi bazowulungiselela kanjani. [z]
INKOLELO ENDALA
INKOLELO ENTSHA
Njengomuntu wesimame kumele nginakekele umndeni wami.
Ngizocela umndeni wami ukuba wenze izinto ezizowuhlomisa.
Ngibaluleke uma ngisiza abanye abantu.
Ukusho ukuthi yini engingayenza nengingeke ngiyenze kwenza ngibone ukuthi ngibalulekile kufundise nabantu ukuthi mabangiphathe kanjani.
Kufanele ngilalele abadala.
Ngokwenza izinto ngokuzikalela, umndeni wami uzongethemba ungihloniphe. Ngizofunda nokuthi ukuthandwa akumqoka njengokuhlonishwa.
Sengilungele ukujabulisa abanye kanti anginazidingo zami.
Ukutshela umndeni wami ukuthi yini engiyikhokhela ngenyanga kuzowukhombisa ukuthi anginothile. Lokho kungenza ukuba bangisize.
Anginahlelo lokwenza izinto, ngithenga ngingacabanganga.
Singahlelela uKhisimusi ozayo manje sisendawonye. Singaqala ukuthenga amavawusha noma sibeke imali njalo ngenyanga.
ASIKHULUME
