zulu.973.gloria
indaba nguDOUG GORDON noPATRICIA McCRACKEN
ODADEWETHU balikhonzile ibhola. Bayabathanda abadlali nezigameko ezenzeka ngaphandle nangaphakathi kwenkundla. Ucwaningo lweTV lwakamumva lukhomba ukuthi baningi abesimame ababukela ibhola, balalele izinkulumo ezandulela imidlalo neziba emva kwemidlalo. Abadlali abake balikhahlela ibhola abanjengoGloria Brown bazimisele ngokubalwa kwabesimame abayobe besakaza ibhola kwiWorld Cup ngo-2010.
“Yilokho engikuhlosile,” kusho uGloria. “Ukusakaza imidlalo yamazwe ngamazwe kukhombisa iqophelo eliphezulu ekusakazweni kwemidlalo kanti nami ngifuna ukusakaza ngo-2010.
“Lukhona uvalo nokho kodwa kwangisiza ukuhambela amazwe omhlaba ngidlalela elaseSouth Africa. Manje ngifuna ukusakaza imidlalo yomhlaba.”
Le ntokazi eneminyaka engu-33 ayikakashadi. Yayingunozinti weBanyana Banyana kanti ingubude obungu-1,8 metres, isebenza njenge-accountant enkampanini yomshwalensi eGoli.
Ngo-2001, wacelwa ukuba asakaze imidlalo yabesimame abuye axoxisane nabadlali nabaqeqeshi.
Ngonyaka odlule kwabonakala ukuthi angakwazi ukusebenza nozakwabo besilisa abanjengoSizwe Mabena noBaba Mthethwa basakaze imidlalo yePSL.
Ngaleso sikhathi, uDesiree Ellis owayengukaputeni weBanyana Banyana wajoyina ithimba leSABC lezemiDlalo eKapa enza umsebenzi onjengokaGloria.
UJimi Matthews, ophethe emnyangweni wezemiDlalo kwaSABC uthi ukuqeqesha abesimame abaningi abazosakaza ibhola kukhomba ukuthi siyanda isibalo sabesimame abakhonze ezemidlalo.
Ukwanda kwabasakazi besimame kusho ukwanda kwababukeli besimame nokukhomba ngokusobala ukuthi umdlalo ungowabo bonke abantu.
E-EUROPE nase-Asia, abesimame ababebukela imidlalo yeWorld Cup eGermany babenza u-40 percent wesibalo sababukeli.
E-SA, abesimame abangabalandeli bebhola bathi uJimmy Tau noJosta Dladla bahle ukwedlula izihlabani ezidlala emidlalweni yeTV.
“Ibhola ngilazi njengoba ngizazi,” kusho uGloria, “kodwa ngake ngaba novalo lokubhekana nabadlali bePSL phambi kwe-camera ngiphethe ne-microphone.
“Ngaphathiswa okweqanda ngoba ngangingowesimame ngimusha kule ndima. Ngangibahlonipha abadlali kanti kwathi uma bethola ukuthi ngiyayazi into engikhuluma ngayo bangihlonipha.”
Ngabe uphawula athini ngezingxoxo aba nazo nabadlali emva kwemidlalo ephakathi kwabadlali abanegama abasuke bekhathele bejulukile?
“Kimina akusho lutho ukuba phakathi kwabo,” kusho uGloria. “Usuke ungeve ufuna ukubona ukuthi imizimba yabo imi kanjani kodwa okubalulekile wukuzwa uvo lwabo izintambo zingakabuyiselwa estudiyo.
“Abadlali bayizihlabani, wena usuke wenza umsebenzi wakho. Ngikhululekile kulo msebenzi. Sasiqeqeshwa ngumuntu wesilisa ngesikhathi ngisadlalela iqembu lesizwe. Wayeyingxenye yeqembu kanti sonke sasineqhaza esasilibambile.”
U-GLORIA uyawuhlonipha umsebenzi wakhe. Wake waqeqesha iSoweto Ladies Football Club yodumo wamela ibhola labesimame esigungwini esikhulu seSouth African Football Association.
“Ngikholelwa kakhulu ekubambisaneni,” kusho yena. “Yimidlalo eyasiza izwe lami lakwazi ukubumbana emva kokhetho luka-1994 ngesikhathi uMongameli Mandela egubha kanye nathi emva kokuwina iWorld Cup ne-African Nations Cup.
“Eyepolitiki yayingakhulunywa kodwa kwabonakala ukuthi awekho amaphupho angafezeki.”
Ukhuluma ngesiNgisi nesiZulu uma esakaza ibhola noma enezingxoxo.
“Ngihambisana nesimo sokusenkundleni,” kusho yena. “Lokho kwenza ukuba nezihlwele zingamukele kalula.”
Uyayibukela imidlalo yaphesheya kwiTV, abheke namakhono abadlali abahlonishwayo emaqenjini anjengoBarcelona noChelsea.
“Ngaleyo ndlela ngithola ukwazi ngabadlali base-Africa abadlala eNgilandi naseSpain,” kusho uGloria.
“Ngokubukela leyo midlalo uthola nokubona ukuthi abadlali bagijima kanjani uma bedlala ubone nezitayela abazisebenzisayo. Uma usakaza kumele ukuqonde okubukelayo ukuze unike ababukeli isithombe esigcwele ngomdlalo.
“Uma usakaza kufanele ufunde ukubiza amagama abo bonke abadlali ngendlela efanele.”[z]
Uwenza njengabesilisa!
Uyalazi ibhola kanti uselindele ukusakaza ngo-2010
BONA ZULU – May 2007
Umsakazi wesimame onekhono lokusakaza ibhola eSA
Sijwayele ukubona uGloria Brown esihlaziyela imidlalo yebhola exoxisana nanabadlali, kodwa into emthokozisa kakhulu wukuchitha isikhathi ekhaya no-De’Angelo.
BONA ZULU – May 2007
