zulu.971.career
Ezemisebenzi
Ukucwala izinwele kwenza ushintsho!
Umsebenzi wokucwala izinwele namuhla ungaphezu kokugunda amakhanda abantu. Kwenziwa izitayela ezahlukene, kuthengiswe nemikhiqizo yazo
KULE MINYAKA eyedlule, imboni yokucwalwa kwezinwele ishintshe kakhulu kangangoba maningi amakhono afundwayo kuyo. Manje ngisho nezinwele ezisongene sezingashintshwa zithambe zenziwe izitayela ezinhlobonhlobo kuthi lezo ezimfishane zenziwe zibe zinde ngokusetshenziswa kwama-extensions.
"Namuhla, abancane nabadala, abesilisa nabesimame bonke bayaya emasaluni beyofuna usizo lokunakekelwa kwezinwele olwehlukahlukene.
"Uma sekuziwa ngasezinweleni zabomdabu, kwakungekho ukuqeqeshwa okwakukhona, abacwali bezinwele babesebenzisa ulwazi ababesuke beluthole kwabanye," kusho uPamela Galwas oyi-agent yabeHairdressing And Cosmetology Bargaining Council. "Manje selukhona uhlelo lokuqeqeshelwa lokhu olwenganyelwe yiSSETA (Services Sector Education And Training Authority) olunezincwajana ezinezindlela ezilandelwayo ekusebenzeni izinwele zabomdabu. Ukuze ube ngumcwali wezinwele oqeqeshiwe, kufanele uphase i-trade test ngezinwele zabomdabu noma lezo ezinde noma kuzona zombili lezi zinhlobo. Lokhu kwaliphakamisa izinga lokunakekelwa kwezinwele zabansundu kwabenza bakuthatha njengomsebenzi wobuchwepheshe hhayi nje umsebenzi owenza ngoba kungekho okunye ongakwenza."
Ngesikhathi umcwali wezinwele uZaba Mvelase esemncane, wayekuthanda ukudlala ngezinwele zabantu. Washeshe wabona ukuthi lokhu yikhono lakhe aliphiwa uMdali njengoba ayesenza abangani nabomndeni wakhe ama-braids. Eseneminyaka engu-12 waqala wenza leli khono lakhe ibhizinisi ayeziphilisa ngalo okwesikhashana.
Wazifundisa ngokwakhe ukusebenza ngezinwele kwaze kwaba wunyaka odlule ngesikhathi enikwa ithuba lokusebenza kwenye yamasaluni asezindaweni zabezambane likapondo KwaZulu Natal.
Ama-client kaZaba abandakanya abesilisa, abesimame nezingane.
"Engikwenza kakhulu ama-braids nama-extensions njengoba kuyizinto ezidumile esikhathini samanje," kusho uZaba. "Ngikholwa wukuthi kubalulekile ukuba abangabacwali bezinwele banike usizo lobuchwepheshe babe ngabantu babantu.
"Kudingeka futhi ukuba uhlale umile isikhathi eside. Ngezinsuku zebhizi, ngihlale ngimile usuku lonke ngifike ngikhathele ekhaya.
"Ama-client ngesinye isikhathi aye afike nesithombe sento afuna ukuba yenziwe ezinweleni zawo, phezu kokuba izinwele zawo zingahambisani naleso sitayela. Kokunye ngithola ama-client amaningi afika nezinwele ezonakele ngenxa yokusebenzisa imikhiqizo engekho ezingeni.
UZaba akakaze akuqeqeshelwe ukucwala izinwele, usebenzisa ikhono lakhe nesipiliyoni. Kusezinhlelweni zakhe ukuba athole ukuqeqeshelwa lo msebenzi nokuba enze izifundo zezobuhle.
"Ngiyakuthanda ukusebenza ngezinwele kangangoba angiyiboni enye into engingayenza. Ngiyafisa ukuba neyami isaluni ngelinye ilanga, nokuyilapho ngizobenza izinwele ngiphinde ngibasize nangezobuhle."
Amathuba emisebenzi
Maningi amathuba emisebenzi yochwepheshe bezinwele abandakanya:
Amasaluni ezinwele nawezobuhle.
Emahhotela
Emikhunjini.
Ezitudiyo zeTV nezama-movie.
Ezinkampanini zemikhiqizo yezinwele.
Ukufundisa. (Kudingeka uthuthukise imfundo yakho ukuze ukwazi ukufundisa ngokucwalwa kwezinwele.)
Ukuzivulela eyakho isaluni noma usebenzele ekhaya.
Imali ongayihola
Uma uqhathanisa nakwezinye izimboni, imali oqala ngayo ekucwaleni izinwele (usafunda nomsebenzi) incane kakhulu. Iyehluka ngokwezifunda, kodwa ingaba ko-R1 100 ngenyanga yenyuke ifike ko-R2 600 kubacwali zinwele abaqeqeshiwe. Kodwa-ke abacwali zinwele abaqeqeshiwe abathembeli emalini abayiholayo kuphela, babuye basizwe yikhomishini abayitholayo. Umcwali zinwele ophusile, ngeholo nekhomishini angathola phakathi kuka-R10 000 no-R15 000 ngenyanga.
Udinga ukuba ngumuntu onjani
Udinga:
Ukuba ngumuntu okwaziyo ukuzisungulela izinto - abacwali zinwele bangochwepheshe bezobuciko:
Yiba ngumuntu ohlale ephilile ngezinsuku zebhizi ngoba kuye kudingeke ukuba ume ngezinyawo usuku lonke ngaphandle kwekhefu;
Iba nobungani ukwazi ukukhulumisana kahle nabantu;
(Abacwali zinwele abaningi nama-client abo baba abangani kangangoba i-client lingaze lithembele kuwe. Lokhu kufanele ukugcine kuyimfihlo.)
"Kufanele wazi ukuthi okwenzayo kuzogcina kunjani, ngisho ngabe i-client uyabona ukuthi lifuna isitayela obonayo ukuthi ngeke sihambisane kahle nezinwele zalo," kusho kweluleka uPamela Galwas.
Izidingo ngokwemfundo
Kufanele ube neminyaka eko-16 futhi ube ngumuntu osephase uGrade 10.
Ukuqeqeshwa
Iningi lama-technical college/izikhungo zokuqeqesha namanye amakolishi azimele anezifundo ezigunyaziwe kwezokucwalwa kwezinwele zanoma yiziphi izinhlobo.
Ekuqeqeshelweni lo msebenzi, uchitha isikhathi esingangonyaka ekilasini kanye nezinyanga ezingu-12 usuwenza bukhoma lo msebenzi esaluni nokuyilapho kufanele ukuphase ukuhlolwa kwakho.
Izifundo ziqukethe ama-Unit Based Modules, nokuchaza ukuthi i-module ngayinye ingaqhutshelwa phambili uma umfundi kufanele abambezele izifundo zakhe isikhathi esithile.
AmaModules abandakanya: iShampooing and Conditioning, Perming and Relaxing, Colour, Cutting, Styling and Retailing.
Zikhona izifundo zesikhashana.
Qaphelani
"Ngeshwa kunamakolishi amaningi aqasha abantu abazokwethula izifundo (lectures) kodwa abangagunyazekile (abangabhalisile ngaphansi kweSSTA) futhi abangalandeli inqubo eyiyo ukuze banike izifundo eziyizo," kusho kwexwayisa uTonder van Tonder onguMphathi wabeDepartment of Hairdressing and Cosmetology eCoastal KZN Further Education And Training College.
"Kuhle ukuwagwema lawa makolishi ungaze uzichithele isikhathi sakho nemali.
Ukucutshungulwa kubhekwa abantu kufanele kwenziwe ngabacubunguli abagunyaziwe.
"Ngaphezu kwalokho, lezi zikhungo kufanele ziqoke ama-moderators ukuqiniseka ukuthi ziqhuba ngokuyikho yini.
"Uma kukhona ukungabaza, abafundi kufanele bacele ukubona izinombolo zokubhalisa zabangama-assessors nama-moderators kanti bangabheka kwabeSSETA ukuqiniseka ukuthi lezo zikhungo zokuqeqesha zigunyaziwe yini.
"Umsebenzi wokucwala izinwele, ungomunye yochwepheshe embalwa nokuyilapho ukwazi khona ukuba wenze umehluko omkhulu empilweni yomunye umuntu nangendlea abazethemba ngayo ngokomqondo nangesiqu sabo. Wena njengomcwali wezinwele kuyakuthokozisa ukwazi ukuthi lokhu ukwazile ukukwenza," kusho uCarol.
BONA ZULU - November 2005
indaba nguGRACE KHUZWAYO izithombe nguZANE COLQUHOUN
BONA ZULU - November 2005
KWESOBUNXELE: Ngisho esemncane uZaba Mvelase, wayekuthanda ukudlala ngezinwele zabanye abantu.
KUDE KWESOBUNXELE: "Ngingathanda ukuzibona ngelinye ilanga ngineyami isaluni yezobuhle," kusho uZaba.
u
t
Zikhona izifundo zesikhashana
Okubalulekile
Ukuthola ukuthi ikolishi ligunyaziwe yini, noma ukuthola kabanzi ngokufunda nangama-workshop, xhumana namahhovisi abeSSETA endaweni yangakini ucele isikhulu sabe-ETQA (Education Training And Quality Assurance):
Gauteng: 011-715-1800;
KZN: 031-304-0367;
Eastern Cape: 043-743-5410; Western Cape: 021-914-7740;
Free State: 051-430-6223.
Inombolo ehlanganisa zonke izikhungo: 086-110-1148.
Uhlu lwezikhungo zokuqeqesha ezigunyaziwe lungatholakala kwi-website yabeSSETA ethi:
www.serviceseta.org.za [z]
