ZULU.970.stars
Okushiwo yizinkanyezi zakho
BONA ZULU - May 2006
Umsebenzi: Yisikhathi esihle sokuzama imibono emisha. Zama izinhlelo zakho ngokuzethemba.
Impilo: Bheka okudlayo! Ungakhohlwa wukuzivocavoca.
Imali: Sebenzisa amathuba owathola kwezamabhizinisi.
Uthando: Vuselela uthando lwenu umenze azizwe ebalulekile othandana naye.
Umsebenzi: Qhuba kahle emsebenzini uthole umvuzo walokho.
Impilo: Unethemba nomdlandla kanti uzokwazi ukubhekana nezinselelo.
Imali: Cophelela ukuze kukuhambele kahle ngasezimalini.
Uthando: Ungabi namahloni uma kukhulunywa ngothando!
Umsebenzi: Kuhamba kahle emsebenzini kanti uzophumelela ngenxa yokuzethemba kwakho.
Impilo: Qiniseka ukuthi uphumula ngokwanele.
Imali: Bhajetha ngokucophelela ungachithi imali.
Uthando: Usothandweni kodwa qaphela ungazoneli komthandayo. Bekezela ulalele umaqondana wakho.
Umsebenzi: Awunazinkinga emsebenzini kanti izinhlelo ezintsha zizokusebenzela.
Impilo: Nakekela impilo yakho. Zivocavoce udle okunempilo.
Imali: Yiphathe kahle imali yakho ungayimoshi.
Uthando: Thokozela ukuba sothandweni. Uzomthola umaqondana uma ungawedwana.
Umsebenzi: Ungazikhandli ngokweqile emsebenzini nasekhaya.
Impilo: Zinakekele uqiniseke ukuthi uyazivocavoca udle kahle.
Imali: Zama izindlela zokwandisa iholo lakho.
Uthando: Othandana naye ubhekene nezinkinga.Yiba nobubele umlalele.
Umsebenzi: Qiniseka ukuthi uyawasebenzisa amathuba owatholayo.
Impilo: Kuzokuvuselela ukuchitha isikhathi ngaphandle. Bheka okudlayo.
Imali: Qaphela uma kukhulunywa ngezezimali uzame ukuyonga.
Uthando: Mthande umenzele akufunayo othandana naye.
Umsebenzi: Lindela ukubhekana nezinselelo emsebenzini.
Impilo: Gwema okungayilungele impilo yakho uzivocavoce ngokwanele.
Imali: Zama izinhlelo ezizoqinisa iphakethe lakho.
Uthando: Xhumana nothandana naye ngokucacile. Kufanele nazane kahle.
Umsebenzi: Ungenza ezibukwayo kwezamabhizinisi uma uzama ngawo wonke amandla.
Impilo: Funda ngokudla okunomsoco uguqule indlela odla ngayo.
Imali: Uzothola inzuzo ngenxa yemibono yakho emihle ngakwezezimali.
Uthando: Ungasivumeli isikhwele. Yiba nesineke ubekezelele owakwakho.
Umsebenzi: Zinikele kokwenzayo uma ufuna ukuthola umvuzo.
Impilo: Zivocavoce wenze neminye imidlalo ukhuthaze nabangani ukuba bakujoyine.
Imali: Ungayimoshi imali ngokugembula!
Uthando: Ukuba namahlaya kungakusiza kuhehe lowo muntu omthandayo.
Umsebenzi: Sebenzisa ubuchule bakho uma ubhekene nezimo eziyindida.
Impilo: Ungakuvumeli ukukhandleka ngokomqondo. Yiba nesikhathi sokuphumula.
Imali: Ungathola inzuzo uma uyiphatha kahle imali.
Uthando: Zinikele othandweni ngoba yilona oluzokuthokozisa.
Umsebenzi: Ungaphumelela uma ubekezela uqikelela.
Impilo: Qaphela uyinakekele impilo yakho kusekuhle nje.
Imali: Uzozithola usunezindleko obungazilindele uma ungenamali oyibekayo.
Uthando: Ungakuvumeli ukuba nguvuma zonke noma ukuzicabangela wedwa othandweni.
Umsebenzi: Gxila ekuvuleni ibhizinisi uzinikele kulona.
Impilo: Vuseleleka ngokomqondo uzivocavoce.
Imali: Hlelela imali yakho ubhajethe ngokuyikho ukuze wonge imali. Sizofika isikhathi sokuyidinga.
Uthando: Mcabangele umphathe kahle othandana naye. [z]
>
>
