zulu.969.siphokazi
BONA ZULU November 2008
NGANGQONGQOZA, emnyango kwavula intokazi esukile egadeni, eyilamba lidlile imamatheka. Yasingenisa ekhaya layo elinamagumbi okulala amabili yasihlalisa kosofa abahle.
Sakhangwa yizithombe zodadewabo bakaSiphokazi, oThembi no-Asanda, nesomfowabo u-Oyama. Kwakukhona nesikagogo wakhe, amncoma kakhulu ngendima ayidlale empilweni yakhe.
Ekhishini phezu kwekhabethe, kwakukhona amapuleti amabili ezidlo ayesilungisele zona.
Kodwa uSiphokazi uyilolo hlobo lomuntu - uyaphana unozwelo.
Lokho akumangalisi. Nakuba engomunye wabaculi abanethalente esibusiswe ngabo kule minyaka embalwa edlule, akakhohliwe amagugu endawo yangakubo lo mculi waseLusikisiki e-Eastern Cape.
Uyayithanda le ndawo ahlala kuyona ngoba nayo imnika ukuthula akuthola uma eseLusikisiki.
"Uma ngifika ekhaya emva kokucula ngisuke ngifuna ukuphumula," kusho yena kithina.
"Ngathokoza ngesikhathi ngithola le ndawo ngoba ngiyakwazi ukushaywa wumoya kuyona."
Kuleli khaya lakhe, indawo ebaluleke kakhulu kuyena yigumbi alala kulona.
"Ngiyayithanda i-bedroom yami," kusho yena. "Iyangivuselela ngiphumuze nomzimba wami nomqondo uma ngilele noma ngifunda izincwadi zami."
Ebantwini abamkhuthazayo... Ngaphandle kukagogo wakhe, uSiphokazi ubala uBusi Mhlongo noSbongile Khumalo okuyibona abamakhayo.
"Bahlala nami phansi bangitshele abakwaziyo ngemboni yezomculo. Ngiyalubonga usizo lwabo," kusho yena.
Uma ingaculi noma ingaqophi le ntokazi eyahlanyisa izihlwele nge-albhamu yayo yokuqala eyayithi Ubuntu Bam', ithanda ukupheka - nokuthenga.
"Ngihlala ngizama amaresiphi amasha, kodwa angiwaphekeli abanye abantu ngingakezwa ukuthi anambitheka kanjani."
Ngasohlangothini lokuthenga... "Ngivame ukuthenga into ngingayibhajethelanga. Ngiyafa ngezicathulo nokokulala okuhle! Ngiyazithanda nezimpahla zasendlini..."
Siyamnika igunya lokuba azibusise lo mculi onethalente osazoqhubeka enyakazisa izihlwele ngomculo wakhe... [z]
Sisekhaya noSiphokazi intokazi yaseLusikisiki esashisa izikhotha namanje emculweni... indaba nguSteven Makhanya
IMPILO
Wazalelwa ukucula
(nokuthenga)
Uma esekhaya lo mculi ukhonze ukupheka nokuziphumulela.
Ikamelo lakhe lokulala uSiphokazi, yiyonanto ayithanda kunazo zonke.
BONA ZULU November 2008
