zulu.1322.yourstyle_teenfashion
IFESHINI YENTSHA
UNonhle Thema
UNonhle weChannel O usidalulela imfihlo yesitayela sakhe nokuthi yini okumele ube nayo kwezefeshini
1. Kwi-wardrobe yami kugcwele...
Izingubo ezinhle ezingiphatha kahle.
2. Ngithanda ukuthenga...
Phesheya! Ngithanda izingubo zakwaBebe ngoba amanani abo mahle kanti izimpahla zabo ziyikhwalithi.
3. Abayisibonelo esihle kwezefeshini...
U-Rihanna, Megan Goodman, Christian Millian, Ann Hathaway, Gerry Rantseli noKhanyi Dhlomo Mkhize.
4. Umuntu wesifazane makabe...
Nepheya lama-skinny jeans ne-top efanela umzimba wakhe. Udinga nengubo emnyama emfishane.
5. Angiyithengi...
Into ebizayo ngoba ngihlale ngithenga izingubo njalo.
6. Ngeke ungithole ngigqoke...
Ibhulukwe elivulekile! Izingubo ezivulekile zenza abantu abafishane babukeke beyizidudla.
7. Okokugqoka enginako okubiza kakhulu...
Yipheya le-Evisu jeans elihlotshiswe ngedayimane ngemuva, libiza R10 000!
8. Ngiyazifela...
Ngama-sunglasses ami! Uma ngiwakhohliwe ngiphinda emuva ngiyowalanda, abaluleke kabi kimina.
9. Okusesitayeleni efeshinini...
Wukupenda izinzipho ngemibala egqamile nokulungisa izinzipho.
10. Uma ngihlangana nentombazane egqoke ingubo efana neyami ephathini...
Ngeke ngibe nenkinga! Ngingashutha isithombe nayo ngishaye sengathi besivele sihlele ukugqoka izingubo ezifanayo! [z]
