zulu.966.letterfeb2008
WINA
AMAHAMPA EZINTO ZOKUBHALA
Ewine ihampa ka-R2 500
Bhala...
Yisikhathi sokuziphi-ndiselela
Zwakalisa uvo lwakho:
l bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
l i-fax: 031-912-2720 l i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
IZIKOLE zethu seziphenduke izinkundla zokudlalela abathengisa ngezidakamizwa. Izikole yizindawo okufanele kufundiswe kuzo intsha kukhiqizwe nabaholi bangomuso - kodwa kunalokho abathengisa izidakamizwa bacekela phansi ikusasa lezingane zethu. Lokhu kungasiholela esimweni esimbi kakhulu.
Masibhukuleni sisukume sikhiphe abezidakamizwa ezikoleni.
Masizwakalise ukukhathazeka kwethu ngalaba bantu abahlukumeza izingane zethu. Masingakuvumeli ukuba izingane zethu zibe yizigqila zabantu abathengisa izidakamizwa ngoba befuna ukuzicebisa.
Bazali, ngisho kunganzima kangakanani masizame ukufaka izingane zethu endleleni eyiyo esikhundleni sokuba sihlale sisonge izandla izinto zonakala ezweni lethu.
Adam Mazibuko,
Daveyton
I-PaperMate yithuluzi elibalulekile esikhathini sanamuhla kanti ngumkhiqizo ofanele abantu beminyaka yonke.
I-PaperMate iyaqhubeka futhi ukusiza ivuselele izimpilo zabantu bakuleli ngohlelo lwayo lokufundisa - i-PaperMate Literacy Project nokuyilapho amaphesenti amathathu okuthengiswa komkhiqizo wabo enikelelwa emnyangweni wezemfundo
ukuze kusizakale abantu
bakwazi ukufunda nokubhala.
abe-JEL yibo abasabalalisa
umsebenzi wabe-PaperMate.
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Nqandani udlame
Ewine ihampa
ka-R1 500
MANINGI amangcwaba agcwele izingane ezafa zibulawa abahlukumezi. Izwe lethu lehluleka ukusindisa le miphefumulo kanjalo nalezo zingane ezihlukumezwayo, ezidlwengulwayo, ezilahliwe, ezihlukunyezwa ngokocansi ziphinde zishaywe, zize zithikamezeke ngokwengqondo.
Masibambisaneni silwe naleli chilo ukuze siqede lolu dlame.
IB Jacobs, Mitchells Plain
Masisebenzisaneni namaphoyisa!
l NGIKHOLWA wukuthi singalwa nobugebengu ngempumelelo ngokubambisana namaphoyisa. Amaphoyisa kufanele abonakale kuzo zonke izindawo ikakhulu emalokishini. Umphakathi kufanele uzibandakanye ekulweni nobugebengu uzibike emaphoyiseni izenzo zobugebengu.
TV Madonsela, Bethal
l UMA thina njengomphakathi singayeka ukuthenga emaseleni izinto ezebiwe, inkinga yokugqekeza ingaxazululeka ngokukhulu ukushesha.
Ngeke zibe khona izizathu zokuba amasela agqekeze imizi yabantu uma azi ukuthi akekho umuntu othenga kuwona. Lena yiyona ndlela yokuqeda ubugebengu.
MC, Limpopo
BONA ZULU – February 2008
izincwadi
u
t
izincwadi
Isexwayiso esibalulekile!
Ngithanda ukuthatha leli thuba ngizwakalise ukubonga kwami kuThemba noBernard Makhubu ngokungisiza kwabo ngihluphekile. Ngangingenakhaya ngingenabazali nginezingane zakithi eziyisithupha nezami ezimbili okwakufanele ngizinakekele kodwa ngingenamali.
Ngacela uThemba noBernard ukuba bangisize, bakwazi ukunginika umsebenzi.
Njengamanje omunye wakithi usebenza njengesikhulu samaphoyisa kanti abanye bona basesesikoleni.
Ngizibonga kakhulu lezi zinsizwa.
Yolisa Giyama, Bizana
Izindlela eziyizo
Ama-ATM kufanele anike usizo sikwazi ukukhipha imali noma yingasiphi isikhathi - kodwa manje inkinga wukuthi awaphephile njengoba izigebengu ziwaqola. Amabhange nohulumeni kufanele basebenze ndawonye ukuze baqhamuke nezindlela zokwenza ama-ATM aphephe.
YB, Bizana
Musani ukucekela phansi impahla!
Ngithanda ukweluleka abafundi ngokuthi mabayeke ukulimaza impahla yesikole uma kukhona ukungaboni ngaso linye nothisha. Bonisanani nothisha nifinyelele esisombululweni kunokuba nilimaze impahla.
Khumbulani ukuthi niyikusasa lezwe lethu.
Ukulimaza impahla yesikole, kuyefana nokukhubaza ikusasa lenu eliqhakazile.
Sakhumzi Kuse, Grahamstown
QAPHELA…
AbakwaNu Metro ngokukhonjiswa kweBordertown – eyakhishwa ngoNovember 23 2007 - kubafundi bakaBONA. Ngeshwa leli filimu lakhishwa eMelika emva kokuba iphephabhuku lethu seliyoshicilelwa. Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi ngaleyo ndlela asikwazanga ukuba sithole amakhophi anele ale-movie ukuze akhonjiswe kuwo wonke ama-cinema amane njengoba kwakuhleliwe. Ngaleyo ndlela eThekwini naseCape Town sakhombisa enye i-movie okwakuyiyo eyayikhona ngaleso sikhathi. Kubafundi abaphoxeka kulezi zindawo, sithanda ukuxolisa kakhulu.[z]
BONA ZULU – February 2008
Ucwaningo…
Ngikhathazekile ngabantu abathatha isinqumo sokuzibulala uma bethola ukuthi ba-HIV+. Ucwaningo oluncane luzobakhombisa ukuthi bangayiphila impilo enhle ngisho bene-HIV.
SM, Sharpeville
… namakhondomu
Kubalulekile ukuba intsha ilalele futhi izwe. I-AIDS iyo eqeda intsha. Ngiyaninxusa ukuba nisebenzise ikhondomu zikhathi zonke lapho niya ocansini.
Nami ngiphethwe yilesi sifo, ngakhoke angizimisele ngokubona abanye abantu bekulesi simo engikuso.
PP, Venterspos
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Ellen Gumede
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Teddy Gomba
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600 Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076 E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Xhumanani noChristine Marot kule nombolo: 031-910-5723; e-mail: christinem@dbn.caxton.co.za
