zulu.963.metropolitan
isikhangiso esixhasiwe
Zinike into ezokunika intokozo ngalesi sikhathi sikaKhisimusi - ukuthula!
NGEMINYE IMINININGWANE: Shayela i-Metropolitan Life Call Centre kule nombolo: 0860-724-724
BONA ZULU - December 2007
ISIKHATHI sikaKhisimusi kumele kube - ngesentokozo. Emva kokusebenza kanzima unyaka wonke - ekugcineni sonke siyakudinga ukuphumula. Kungenzeka sizishayelwe wumoya sithokozele ukushisa ogwini, sithathe iholidi noma sizihlalele kamnandi nemindeni yethu.
Kodwa kukhona inkinga enkulu. Ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, sonke sibhekene nengozi yokubeka izimpilo zethu engcupheni:
Sichitha isikhathi esiningi sihamba emigwaqweni egcwele izimoto sibange ezindaweni zethu ezehlukene.
Siyaphumula, ngaleyo ndlela senze kube lula ukuba izigebengu zithathe amashansi.
Kodwa uma uzihlelela kusenesikhathi, ungazivikela wena nomndeni wakho - nithokozele amaholidi kaKhisimusi. Nakhu okubalulekile okufanele usebenzele phezu kwakho:
1. Imoto yakho
Uma uthatha uhambo olude, imoto enezinto ezingalungile ingakufaka engozini enkulu wena nomndeni wakho. Thatha izinyathelo ezinqala ukuba ugweme ukwenzeka kwengozi engase ikhubaze intokozo yakho yangalesi sikhathi sikaKhisimusi. Qiniseka ukuthi:
Imoto yakho iseviswe kahle
AmaWindscreen asesimweni esifanele
Amathayi anama-tread afanele.
Kungadingeka futhi ukuba uthathe ibhonasi yakho uthenge isethi entsha yamasondo azokwazi ukukuthwala wena nomndeni wakho ngalesi sikhathi nasonyakeni ozayo.
2. Umuzi wakho
Enza amasu okuba umuzi wakho uvikeleke ngesikhathi uhambile:
Lungisa amafasitela noma iminyango engavaleki noma engakhiyeki kahle.
Cela umakhelwane ukuba akuqalazele umuzi wakho zinsuku zonke.
Cela umngani wakho ahlale ekhaya lakho.
3. Umndeni wakho
Lokhu kuzwakala njengento engajwayelekile ukuyicabanga uma uzohamba uvakashele kude uyozithokozisa - kodwake akekho umuntu ozimisele ukubeka umndeni wakhe engozini ngalesi sikhathi sikaKhisimusi.
Ngakhoke ngaphambi kokuba uhambe uye lapho uvakashela khona uyozithokozisa, zibuze ukuthi - uma kwenzeka ngifa engozini yemoto, ngabe izingane zami zizokwazi ukuqhubeka nemfundo esikoleni- Ubani ozozikhokhela imali yezincwadi noma yomfaniswano neyesikole-
Iningi lethu liye lizitshele ukuthi ngeke kwenzeke lokhu kulona. Ake ubheke nje izibalo ezisemthethweni: ngo-2004 kuphela, izingozi zemigwaqo ezingu-1 932 zedlula nemiphefumulo yabantu abangu-2 333.
4. Ikusasa lakho
Qiniseka ukuthi unokuthula emqondweni ngokuba uthathe isinyathelo ngokushesha ukuze ugweme izindleko ezihambisana nokufa. Bheka ukuthi ngabe
akhona yini amalungiselelo okubhekela umndeni wakho uma kwenzeka uhlangabezana nengozi embi noma nokufa. Ukuze uthole ulwazi ngezingozi, i-life and funeral cover, khuluma noyi-Metropolitan Financial Adviser.
Akudingi ukuba uze ube ngumuntu osesikhundleni esiphezulu njenge-chartered accountant noma udokotela
ukuze uthathe ucingo ubashayele.
Umeluleki owufundele umsebenzi wakhe onolwazi olunzulu ngeFinancial Planning Institute, okungakuhle kube yiCertified Financial Planner, uzokubhekela lokho okuzozwana nesimo sakho sezezimali. Khetha umuntu wosizo lwezezimali onelayisensi futhi orejistiwe ngaphansi kwabeFinancial Services Board nakwiFinancial Advisory ne-Intermediary Service Act bese uyaqala uzakhele ukuvikeleka nabomndeni wakho ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi nangasemva kwawo!
Shayela inombolo yeFSB
yamahhala ethi: 0800-202-087 noma 0800-110-443. [z]
Zilungiselele ngalesi sikhathi sikaKhisimusi
GALLO
