zulu.958.ibs b
indaba nguPATRICIA McCRACKEN isithombe nguPETER WHITFIELD
WUSUKU oluhle kuGerry Rantseli - angacwecwa i-apula alidle. Uma usuku lwakhe luluhle ngokucwecwa i-apula, ngabe uma lulubi luba njani" "Nginenhlanhla ngoba azisekho izinsuku ezingangiphathi kahle," kusho yena emamatheka.
"Ngike ngahlushwa wukulunywa okwakwenza ngihluleke nawukuya emsebenzini."
U-Gerry wayeneminyaka eko-20 esanda kuzakhela igama kwiTV ngesikhathi eqala ukuhlushwa wukulunywa. Kwathatha iminyaka ukuthi akuqonde kahle okwakumphethe waze wezwa ngodokotela ukuthi umuntu oyedwa kwabayisithupha ohlushwa yisifo esibizwa nge-irritable bowel syndrome, noma i-IBS - wayengomunye walabo bantu.
I-IBS ibalwa kulezo zifo eziba yimbangela yokuthi abantu balove emsebenzini kodwa ngokocwaningo, abantu abathathu kwabane abane-IBS abakaze bathole ukwelashwa.
Abanye bathi i-IBS yi- "spastic colon," igama elisho ukufinyela komsipha - kanti kuningi ongakwenza ukuze usizakale.
Ebantwini abanjengoGerry, le nkinga ingaxazululeka ngokwenza izinto ezinjengokucwecwa i-apula ngoba lokho kusiza ngokususa i-fibre eyenza ukuba ulunywe.
Gwema ukuhlinzwa!
"Iziguli zivame ukushaywa wuvalo uma zilunywa zicabange ukuthi zinomdlavuza - kokunye isiguli sicabange ukuthi sinesifo senhliziyo uma kwenzeka kuqaqamba isifuba nemilenze," kusho uDokotela uKeith Pettengell, onguchwepheshe wezifo ezithinta amathumbu eThekwini.
"Odokotela bavame ukuhlola isiguli ukuze bathole ukuthi aziphethwe yilezo zifo. Kodwa uma kutholakale ukuthi isiguli sine-IBS, singazelapha ngaphandle kokuhlinzwa."
Kodwa ngeshwa, akusibo bonke odokotela abakwaziyo lokho. Njengoba izinhlungu zike zedlulele esiswini, kwesingezansi nakwezinye izindawo, odokotela bavele bathi isiguli asihlinzwe kungadingekile.
"Yisifo engisibiza ngeWandering Scarred Patient Syndrome lesi," kusho uDokotela uPettengell. "Ocwaningweni olwenziwa ezigulini ezingu-145 ezine-IBS, ziyingxenye yokuthathu okwadingeka ukuba zikhishwe i-appendix kanti abesimame kwadingeka ukuba bakhishwe isibeletho. Kodwa lokho akwenzanga mehluko enkingeni ezazinayo."
"Ebantwini abayikhulu abahambela ama-workshop eNovartis IBS engangingusihlalo wawo ngonyaka odlule, bahlanu kuphela abasizwa wukuhlinzwa," kusho uGerry.
Abanye baba namahloni okukhuluma ngezimpawu zalesi sifo - uhudo, ukuzingcolisela nokuqunjelwa ukwenza isibonelo - kangangoba bagcina bengayi kodokotela baye isimo sesisibi kakhulu.
"Bahlale befuna ukuba sendaweni enendlu yangasese," kusho uDokotela uPetengell. "Abacabangi ukusuka emakhaya."
Ukulwa ne-IBS
U-Gerry Rantseli akafunanga ukuba izimpawu zalesi sifo zize zibe mandla kakhulu. Washeshe waphuthuma kudokotela ukuze athole izimpendulo ayezidinga.
"I-IBS yangivula amehlo," kusho yena. "Ngihlale ngifuna ukuba izinto zenzeke ngokushesha - ngangingenasikhathi se-IBS kodwa futhi ngangingafuni ukuphila ngemithi yokuyelapha.
"Ngachitha isikhathi ngifunda ngami - ngathola nokuthi esingezansi sami sigqilazwa wukukhandleka kwengqondo yami. Ngathola nokuthi lokho kukhandleka kwengqondo kuzoxabana nokudla ukudla okungenamsoco."
Kwaphela isikhathi esingaphezu konyaka uGerry ezama ukudambisa izimpawu zalesi sifo ngokushintsha indlela ayephila ngayo.
Akubanga lula ukuyijwayela indlela okwakumele adle ngayo ngoba wayevame ukudla irayisi elimhlophe, amazambane nobhatata, isitshulu, isiteki, inkukhu, nenhlanzi engazwani nesinkwa, utamatisi nezithelo.
Ukuzimisela kukaGerry kwamsiza ngoba wagwema ukwelashwa ngendlela engafanele.
NgokukaDokotela uPettengell, i-IBS yisifo esingalawuleka ngokushintsha indlela odla ngayo (bheka kwi-panel) ungazigqilazi uma uzivocavoca, wenze izinto ezinjengokuhamba noma i-yoga. Njengoba kuke kwenzeke ukuba uphinde uhlaselwe yi-IBS ikakhulu uma ingqondo ikhandlekile, kungenzeka kudingeke ukuba welashwe isikhashana.
"Amaphilisi ayasiza" kusho uDokotela uPettengell, "kodwa awaselaphi lesi sifo. Asiza uma uxineke kakhulu."
Kukhona izindaba ezimnandi kwabangu-15 percent abane-IBS. Kungenzeka ukuthi baphathwe yilesi sifo ngenxa yamagciwane angena esiswini akhandla umgudu wokudla.
"NgokukaDokotela uPettengell, "lolu hlobo lwe-IBS lungelapheka isiguli singaphinde sihlushwe yilona."
Ukuze wazi kabanzi nge-IBS, iya kwi- website ethi: www.tummytalk.co.za; noma ushayele abakwaNovartis ucingo ku: 0891-929-929.[z]
Ngesikhathi uGerry Rantseli ehlushwa yizinhlungu kwesingezansi, wayecabanga ukuthi sekuphelile ngomsebenzi wakhe - kodwa unalo ikhambi elingasiza nabanye
BONA ZULU - January 2007
Ngabe kunesidingo sokuba uhlinzwe"
"IBS yangiqwa-shisa," kusho uGerry Rantseli - ukunakekela kwakhe impilo yakhe kwamsiza wagwema ukuhlinzwa.
U
kulwa
nokulunywa
Ngabe une-IBS"
Izisu zabantu abane-IBS ziyazwela kanti uma isibahlasele, ukudla kuyashesha noma kuphuze ukungena emathunjini bahlushwe wuhudo noma ukuqunjelwa. Bavame ukuhlushwa yizinhlungu kwesingezansi.
Kusemqoka ukuya kudokotela uma izimpawu zikukhathaza ngokukaDokotela uPettengell. Kungenzeka ube ne-IBS, kodwa kudingeke ukuba welashelwe nezinye izifo ezikuphethe ukuze ube ngcono.
Kubhale phansi ozokudingida nodokotela wakho - ubhale nazokutshela kona ukuze ungakukhohlwa. Uma usulungiselela ukuya kuyena, zibuze lokhu:
lZikuphatha isikhathi esingakanani izinhlungu nokuthi azibi ngcono yini emva kokuzikhulula;
lNgabe isisu sakho sigcwala umoya, ukhipha indle eqinile noma emanzi;
lNgabe kudingeka ukuba ukhanule uma usendlini yangasese noma uya njalo endlini yangasese;
lNgabe emndenini wakho kukhona owake waba nomdlavuza wamathumbu noma isifo esihlasela amathumbu;
lNgabe isisindo sakho sehle ngaphandle kwesizathu;
lNgabe kuyopha embotsheni yokuzikhulula;
lNgabe izimpawu wazibona uneminyaka emingaki;
lNgabe uke wavakashela endaweni okungenzeka ukuthi ufike wathola kuyona igciwane elihlasela amathumbu;
lYimiphi imithi oyisebenzisile ukudambisa lesi sifo.
BONA ZULU - January 2007
u
t
Sebenzisa ukudla ekulweni ne-IBS
Ngabe i-fibre yakho iyancibilika endishini noma iyantanta" Lokho kuyikhambi ongalisebenzisa ekulweni ne-IBS ngokukaMandy Read onguchwepheshe kwezokudla oseThekwini. "O-fibre abangancibiliki abagayeki," kuchaza yena.
"Kodwa o-fibre abancibilikayo bayavokomala emanzini bakhe i-gel eyehlisa izinga lokungena kokudla emathunjini kwakheke indle emanzi. Lokho kukuvikela ekuqunjelweni nasekukhishweni yisisu okuyizinto ezihlupha abane-IBS."
Ungasizakala uma:
lUgwema u-chewing gum neziphuzo ezihlohlozayo;
lUdla amaqoqwana okudla njalo ukuze isisu singagcwali umoya;
lUngadleli emotweni noma phambi kweTV;
lUhlafunisisa ukudla;
lUgwema ugwayi ngoba ukhuthaza ukusebenza kwamathumbu.
Ukudla kwabane-IBS: I-pasta, irayisi elimhlophe, ukherothi, i-oats, i-gem squash, i-butternut, i-baby marrows, i-All Bran, i-yoghurt, ubhanana, i-chicory, ugaligi, izithelo eziphekiwe noma ezisemathinini, isipinashi, upopo, i-asparagus, isinkwa esimhlophe noma esi-brown, i-split lentils, ujusi wezithelo, inhlanzi, inkukhu, amaqanda, inyama.
Okungabafanele abane-IBS: Ummbila, i-broccoli, i-cauliflower, u-peas, u-green pepper, u-cucumber, u-lettuce, iklabishi, inyama enonile, i-coleslaw, amagilebhisi anezinhlamvu, u-guava, izithelo ezonyisiwe, ubhontshisi owonyisiwe, i-baked beans, u-samoosa, ama-doughnuts, ushizi oncibilikisiwe, amakinati, ikhofi, utshwala.
BONA ZULU - January 2007
'Kusemqoka ukubheka engikudlayo'
IZIKOLE sezizovulwa kanti ngabe ikhona enye indlela yokuqala unyaka omusha efana nokuwuqala ngehampa yezinto zokubhala zakwaBantex" Ukubuyela esikoleni kungathokozisa uma usebenzisa uchunge lwezinto zokubhala zakwaBantex ezinemibala emihle.
Lolu chunge oluyikhwalithi luzoqinisekisa ukuthi bonke abafundi baba nonyaka ohleleke kahle ongenazihibe.
Emikhiqizweni yabo kukhona ama-notebooks, izikhwama zamapeni, ama-file, ama-punches, ama-stapler nochunge lwezinto ezimqoka ezizokusiza ukuze wenze umsebenzi oncomekayo esikoleni.
Ukwenza umsebenzi wesikole kuzoba lula, kulokho sibonga i-stapler, i-punch, i-tape dispenser nesikele kanye nokokufaka umsebenzi wezobuciko. Konke lokhu kukwaBantex.
Khetha amakhava eBantex ukuze izincwadi zakho zibukeke kahle unyaka wonke, vikela amaCD akho ngemikhiqizo yakwaBantex yokufaka amaCD, uthole amamaki athe xaxa ngokufaka umsebenzi wakho kuma-files amahle.
Hleleka kahle... zitholele okwakaBantex. Ngeminye imininingwane vakashela ku-www.bantex.co.za
Ukuze uwine
UBONA nabakwaBantex banamahampa ezinto zokubhala angu-10 abiza R1 200 iyinye abaphisana ngawo. Gcwalisa izikwele uthole igama elifihlekile kwezimnyama. Kwi-postcard, bhala impendulo, igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Bantex Block Puzzle No 63, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe uBANTEX ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.) [z]
WINA
Amahampa ezinto zokubhala abiza
Usuku lokuvala: 31 January 2007
R12 000!
BONA Block Puzzle
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomdlali ezikweleni ezimnyama.
