ZULU.951.advice cover
KULOLU SHICILELO: 64 Gcina amanani omfaniswano wesikole ephansi
67 Siza! Ingane yami ayikwazi ukufunda 68 Ukuzisebenza 70 Ezezingadi: 3 izindlela zokugcina ingadi yakho iyinhle 71 Izeluleko zezomthetho 72 Ezemithi
74 Buza kuSis Sarah 76 Izeluleko zabazali 80 Ezabasha: uFat Charlie usigeqela amagula 98 Ukukhetha umuntu oyisibonelo esihle
IMFUNDO YAMAHHALA yengane yakho
Izingane zakho zisengaya esikoleni ngisho ngabe ungakwazi ukuba uzithumele khona...
ZINGU-14 000 izikole lapho ingane yakho ingathola imfundo yamahhala. Lezi zikole okungakhokhwa mali kuzona zisemiphakathini eyentulayo kanti zithola uxhaso kuhulumeni. Ngonyaka odlule, abafundi abangaphezu kwezigidi ezinhlanu bathola imfundo mahhala ngokusho kwaboMnyango wezeMfundo, kanti nakulo nyaka baningi abafundi abazozuza.
Ngisho noma ingane yakho ingabhaliswanga kwesinye salezi zikole, kodwa lokhu usengakugwema.
Izintandane nezingane ezisengozini:
Izingane ezingenabo abazali noma labo bazali abanakekela izintandane abadingi ukukhokha imali yesikole. Noma ngubani othola umxhaso wesondlo sokufundisa ingane kuhulumeni noma nanoma ngubani onesibopho sokondla ingane esekhaya lokunakekelwa kwezingane naye akadingi ukuba akhokhe.
Uzodinga izincwadi ezifana ne-death certificate, amaphepha akhomba ukukhokhelwa isondlo sengane nawokunakekela ingane okungesiyo eyakho lapho uyobhalisa ingane esikoleni.
Leli ilungelo lakho. Akekho uthishanhloko onelungelo lokuxosha ingane engakhokhile esikoleni.
Uma ungaholi imali eningi:
Uma imali eningenelayo ekhaya incane kakhulu, akufanele futhi nikhokhe imali yesikole. Ngakhoke kulula ukuba ungakhokhi uma ungumzali ongayedwana.
Ukuze ube ngaphansi kwalolu hlelo, imali yakho ekungenelayo iqhathaniswa neyesikole yangalowo nyaka - shayela ucingo lwabe-Education Department Hotline bakusize bakubhalise.
Uma futhi ucishe wangena kulolu hlelo, ungacela inhlangano yabazali elawula ukuphathwa kwesikole ukuba ikuvumele ukhokhe imali encane hhayi yonke.
Uma uphumelela, kuzodingeka ufake isicelo ngokubhalela i-school governing lapho urejista ingane yakho. Zilungiselele ukukhombisa ubufakazi ngesimo sakho sezimali - ukwenza isibonelo, kungadingeka nokuba ubanike amakhophi ezitatimende zasebhange nesitatimende sokuthi bangaki abantu obaphilisayo ngokwezimali, imalini oyichithayo ngezindleko zakho ngonyaka nezinye izikweletu:
Enza uhlelo lokukhokha:
Uma une-stress sokungabi nemali kodwa futhi imali ekungenelayo inkulu kangangoba ngeke ukwazi ukuba ngaphansi kwalolu hlelo, isikole singavuma ukuba ukhokhe ingxenye yemali noma uyikhiphe kancane, kancane. Buza zisasuka phansi. Nakuba kusenjalo, usengacelwa ukuba unikele mhlawumbe ngemali engu-R50 ngonyaka, kodwa bazokubiza imali ngezinto ezifana nokuhamba kwesikole nemidlalo yasesikoleni.[z]
Indaba: Patricia McCracken
SIYAKUSIZA UKUZE UZISIZE
