zulu.94.Spa
Bayithemba kwabakhubazekile
Izingane ezikhubazekile ziyahlekwa zihlukumezeke emiphakathini eminingi, kodwa lo mama usebenzela ukukushintsha lokho - aqiniseke ukuthi lezi zingane zakhe uzakhela ikusasa eliqhakazile.
LENA yindaba ebuhlungu kodwa esiyijwayele. Indodana kaPrisca Tshabalala uNkanyezi wazalwa enokukhubazeka. Kwatholakala ukuthi unesifo i-cerebral palsy okungukuthikamezeka engqondweni okwamenza kwadingeka asebenzise isihlalo esinamasondo, ekubeni wayephethwe nayisifo sobulephelo.
Umama wakhe akatholanga lusizo ekhaya. Umyeni wakhe wasola yena ngokuthola indodana ekhubazekile.
"Wathi angikhethe phakathi kukaNkanyezi naye," kusho uPrisca - nokuyinto ebuhlungu kumuntu wesimame.
Lokho kwakuchaza ukuphela komshado wakhe, kodwa futhi kwamenza uPrisca waqina.
Uthando lwakhe ngendodana yakhe uNkanyezi lwamenza waphuma wayofunda lonke ulwazi nge-cerebral palsy (CP) nokunye ukukhubazeka.
"Ngalujaha ulwazi," kusho kubeka yena ngale ndlela.
Ngokushesha, wayesengomunye wabanakekela izingane oqeqeshiwe. Akuqaphela wukuthi, izikhungo zabakhubazekile lapho ayesebenza khona zazinenkinga.
"Kwakunezingane eziningi ezazingakwazi ukuba zamukelwe ngenxa yemithetho eqinile yokwamukelwa kwezingane."
U-Prisca wakhuthaza omama bezingane ezinokukhubazeka nokuyinto eyaholela ekusungulweni kweNkanyezi Stimulation Centre e-Orlando West.
Okubuhlungu wukuthi, emva kokuba lesi sikhungo sesisunguliwe - ngo-1998 - umfana omncane esasunguleka ngaye, wedlula emhlabeni.
"Waba kwi-coma isikhashana kodwa ngalithola ithuba lokukhuluma naye ngasekugcineni," kusho uPrisca.
"Ngamthembisa ukuthi ngiyozinakekela izingane ezikhubazekile ngize ngife."
Ekuqaleni, ukwentuleka kwezimali kwenza lesi sikhungo sacishe savalwa. Emva kwalokho abakwaStandard Bank banikela imali engaphezu kukaR1 million ukwakha isikhungo esinakho konke esinanendawo yokupaka. Kukhona ojwijwi, indawo etshaza amanzi, amagceke anotshani, izindawo zokuhamba ezikhonkiwe, i-greenhouse, ingadi yama-veg.
Nakuba uPrisca ebonga kakhulu kwabeJoburg City Parks nabeStandard Bank kodwa uthi lesi sikhungo sisabhekene nezinkinga.
Ukwentuleka kwezimali ngenye yazo enkulu. "Uxhaso lokugcina saluthola kwabeHealth Department ngoMay," kusho uPrisca.
Lokhu kwadingeka ukuba abanye babasebenzi bahoxiswe. UPatricia Ngcobo (30) ngomunye walabo.
Omunye wabanakekela lezi zingane uthi kunezimbili azondla ngomholo wakhe. "Manje sengilahlekelwe wumsebenzi! Ngizozondla ngizigqokise kanjani izingane zami?"
"Ngiphatheke kabi ngoba ngiyazithanda - isimo sezimali esibhekene naso lapha sinzima.
Enye ingqinamba wukwentuleka kwezinto zokuthutha. UPrisca uthi ukwentuleka kwamabhasi kwenza ezinye zezingane ezikhubazekile zingakwazi ukuza kulesi sikhungo.
Lesi sikhungo sihlukaniswe kabili - isikole sabafundi abaphilayo nengxenye yesikhungo sabakhubazekile okukhona kuyo izingane ezingu-30.
UPrisca uthi ukuhlanganisa izingane eziphilayo nezikhubazekile, kwenza eziphilayo zazi kabanzi ngokukhubazeka. ULesego Mokomela (19) ngomunye wamavolontiya kulesi sikhungo othanda
ukuchitha isikhathi sakhe nalezi zingane.[z]
Indaba: Mbuyisi Mgibisa
Izithombe: Molefi Sebatie
BENZA OKUHLE
Ukuse-benza nezingane kuyinto-kozo
Ipaki ekulesi sikhungo esingemumva kwenkundla yase-Orlando esivuselelwe kabusha.
Osebenza eNkanyezi encelisa ingane ekhubazekile.
IYINI?
I-celebral palsy wukuthinteka kwemithambo ebuchosheni okwenza kungabikho ukuxhumana nokusebenzisana komqondo nezinyama kuholele ekukhubazekeni.
Ngeminye imininingwane vula iWebsite ethi www.CHANSA.org
Ongumsunguli weNkanyezi uPrisca Tshabalala enezinye zezingane zakhe ezincane.
