zulu.946.rats
BONA ZULU - July 2006
Sekukhona indlela entsha yokuvumbulula iziqhumane ezigqitshiwe...
Amagundane ahogela iziqhumane
Njengezinja ezivame ukusetshenziselwa ukufuna iziqhumane, amagundane nawo ayakwazi ukuhogela iphunga. Kodwa okwamagundane kuhlukile ngoba awanaso isisindo esikhulu esingenza ukuba aqhumise iziqhumane.
AFAKA amahhanisi ahambe enhlabathini ebomvu nasotshanini obude. Enza umsebenzi oyingozi kunayo yonke emhlabeni kodwa ngeke ukubone lokho uma uwabheka. Abukeka ethokozile ngesikhathi ehamba kule ndawo eyingozi.
Anemilenze emifishane kanti ahlale enyakazisa amakhala awo ngoba ayithuluzi alisebenzisayo.
Siyawesaba ngoba athwala izifo eziningi sizame nokuwabulala. Kodwa yiwona asisindisayo.
Amagundane ase-Africa lawa, isisindo sawo singu-1,3kg kanti ubude bawo bungu-80cm. Kulula ukuwafuya ekhaya nokuwaqeqesha, awaguliswa wukushisa, kanti okumqoka kunakho konke wukuthi isiqhumane asiqhumi uma ehamba phezu kwaso...
IZIQHUMANE sezidlule nemiphefumulo engaphezulu kwengxenye yesigidi eminyakeni engu-20 edlule kulezo zindawo ezazikhungethwe yizimpi, kanti u-80 percent wabafayo awusiwo amasosha. Kuthiwa zingaphezulu kuka-60 million iziqhumane ezikhona ezilindele ukushabalalisa abantu.
Udinga umshini ozokwazi ukuthola okusansimbi okugqitshiwe ukuze uvumbulule iziqhumane. Lokhu akusebenzi ngokushesha.
Kodwa kusukela ngo-2000, uhlelo lomsebenzi lwaseBelgium oluseTanzania i-APOPO, lwaqala lwaqeqesha amagundane ukuze akwazi ukuhogela iziqhumane.
"Amagundane anamakhala abukhali ekuhogeleni iphunga kanti ayashesha ukufunda," kusho uChristophe Cox ongumdidiyeli walolu hlelo.
Ayalanjiswa ngaphambi kokufuna isiqhumane. Uma esithola, owagadayo ubona ngokuhlala kwawo phezu kwaso. Emva kwalokho uwabonga ngokuwapha ubhanana, ochwepheshe beziqhumane bazicekele phansi.
Igundane eliqeqeshiwe lingafuna iziqhumane endaweni engu-100 square metres esikhathini esingaphansi kwesigamu sehora. Onguchwepheshe ekususeni iziqhumane kungamthatha ingxenye yosuku ukwenza umsebenzi ofanayo.
Njengamanje lawa magundane asetshenziswa eMozambique izwe elineziqhumane ezingu-500 000 ezagqitshwa emva kwezimpi zomkhaya ezadonsa iminyaka engu-15.
UKUQEQESHA igundane ngalinye kuthatha izinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-10. Lo msebenzi uqalwa ezelwe kanti owaqeqeshayo uwafaka ephaketheni ukuze ajwayele iphunga labantu.
Uma esenamasonto amahlanu ezelwe, ayiswa emigedeni yasePlexiglass ashiywe lapho ukuze azulazule kojeke abayizingilazi kanti kwabanye ojeke kukhona izinsalela zesiqhumane esibizwa ngeTNT.
Abongwa ngobhanana njalo uma ethole izinsalela zesiqhumane.
Emva kwalokho amagundane aqeqeshelwa ukuthola ama-tea bags ano-powder weTNT agqitshwe phansi. Uma igundane lithole i-tea bag, umqeqeshi walo wenza umsindo oyi-click alinike ubhanana.
"Amagundane angadlala indima ebalulekile ekuqedeni iziqhumane e-Africa," kusho uChristophe.
Uma amagundane esebekwa endaweni esoleka ukuba neziqhumane, agitsheliswa entanjeni ebekwa phezu kwensimbi engu-1m ukuphakama nengububanzi obungu-6m.
U-Judy, unkosikazi kaChristophe uthi kumnandi ukusebenza namagundane kodwa kubuye kube yingozi.
"Ulandela amagundane asuke esendaweni eneziqhumane kanti lokho kusho ukuthi kufanele uwathembe amagundane akho," kusho yena.
Ngokwe-APOPO, awekho amagundane ake alimalela emsebenzini! [z]
isithombe ngesihle sabe-APOPO
Izinyawana zawo zenza omkhulu umsebenzi
Oqeqesha amagundane elungiselela igundane lakhe ukuba lihogele iziqhumane.
BONA ZULU - July 2006
...kukhona nokunye!
Amagundane aqeqeshelwe ukuhogela iziqhumane e-Africa asefundiswa ukuthola igciwane leTB ematheni omuntu.
"Lokhu kuyinselelo enkulu ngoba kuzoba nomthelela omkhulu emphakathini," kusho uBart Weetjens, ongumqondisi wohlelo lwe-APOPO ephawula eseDar es Salaam, eTanzania.
"I-TB iyinkinga enkulu kanti abantu babona sengathi iyasihlula le mpi."
NgokweWorld Health Organisation isibalo sabafa ngenxa yeTB sizokhuphuka sisuke ezigidini ezimbili esikuzo kulo nyaka siye kweziyisishiyagalombili ngo-2015.
U-Weetjens uthi igundane eliqeqeshiwe lingahogela amasampula amathe abantu angu-150 asezindishini zase-laboratory emizuzwini engu-30 kanti osebenza e-laboratory angahlola amasampula angu-20 kuphela ngosuku.
