zulu.1321.sbu
USbu uphendula abamgxekayo
UDUMO lukaSbu Leope lwenza agxekwe ophrojusa bamarekhodi noDJ, kodwa ukuba matasa kwakhe kwenza angabashayi mkhuba abanomona ngempumelelo yakhe. Uneminyaka engu-27 kanti yena noTK Nciza abakanye naye eTS Records eJozi sebedayise ama-albhamu ayisigidi eminyakeni emihlanu.
Umucu okuqanjwe ngawo i-albhamu yakhe yokuqala ayikhiphe njengoDJ Sbu esihloko sithi Remember When It Rained, wavotelwa njenge "Song Of The Year" kumaSA Music Awards kanti izitatanyiswa ezingu-6 000 ezaziseSun City Superbowl zamhalalisela zimshayela ihlombe kwaphela imizuzu emithathu emva kokwamukela umklomelo wakhe.
Kulowo mcimbi wayegqoke ijakhethi eyisitayela sikaMichael Jackson kanti uthi ukunanela kwakhe ukuhalaliselwa kwakhe ngokuba naye aphakamise izandla, uthi wakwenza ngenhloso yokuphendula abamgxekayo.
"Uma bengenayo inhlanhla efana neyakho abantu abanamathuba afana nawakho, bayakugxeka kunokuthi bazigxeke bona," kusho yena.
"Kimina umklomelo weSong of the Year yiwona obaluleke kakhulu ngoba kuvota abantu. Basuke bengenazinhloso zabo."
Inhloso kaSbu wukukhulisa ibhizinisi lakhe anikeze abantu lokho abafuna ukukulalela.
Usesidlulisile emqondweni isigameko sokuzibulala kwengoduso yakhe ekupheleni konyaka odlule kanti akafuni ukukhuluma ngalolo daba.
Uthi yingoduso yakhe eyakhetha iRemember When It Rained njengomucu ozoba ngowokuqala kule-albhamu yakhe. Kwaba iyona futhi noNhlanhla Nciza oyisihlabani seMafikizolo ongunkosikazi kaTK abathi le-albhamu izothengwa kakhulu bacela uTK ukuba ayivotele kanye nabo.
Yilokho okwenza ukunqoba kwakhe kumaSAMA kuhambisane nomunyu nenjabulo. "Ngangithi ngizothatha ikhefu lonyaka emva kokuzibulala kwakhe," kusho yena.
"Sabonisana noTK nomama ngalolo daba bangeluleka ngokuthi ukulahlekelwa kwami akunginike amandla okusebenza kakhulu kunakuqala."
Wafunda ngamaphutha
USbu wakhulela eTembisa wafunda ukuthi izinkinga zinganqotshwa ngokusebenza ngokuzikhandla ufunde ngamaphutha akho.
Waqala ukuphrojusela abaculi abanjengoBrown Dash, Izinyoka, Ntando noMzekezeke eneminyaka engu-21 - leyo naleyo albhamu yayenzelwe ukwandisa isibalo sabalandeli bomculo we-kwaito.
Noma kunjalo, uthi iyamangalisa indlela abantu abayithande ngayo iCD yakhe.
"Ngonyaka odlule sasibonakala ezweni lonke sithuthukisa i-albhamu yethu. Kusha lokhu esikwenzile enkampanini yethu - sinochunge olusha lwezingubo nokokuhloba, sinabakhangisi befeshini nePorsche kwi-video yeRemember.
"Abantu babeyidansela kuzo zonke izindawo esasizihambela."
Lobo buchule bokudayisa umculo wakhe budalwa wukusebenza emsakazweni lapho lowo nalowo mucu uqokelwa ukuheha izigidi ngezigidi zabalaleli.
Inselelo yakhe
USbu wayeneminyaka engu-19 ngesikhathi esebenza kwiYfm kanti waxoshwa emva kokubanjwa ephuza nabangani bakhe estudiyo. Emva konyaka wabuyela kulesi siteshi njengophrojusa wohlelo lukaRudeboy no-Unathi lwasemini.
Ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwamahlaya lukaMzekezeke, uSbu wayethatha izingcingo zabalaleli ababethokozile wabuye wabambisana noTK Nciza owayeyimenenja yalolo hlelo ekwethulweni kweCD kaMzekezeke.
I-CD ethi Remember When It Rained isidayise amakhophi angu-200 000 kanti lokho kwenze iSABC yamnika ithuba lokusakaza uhlelo lwasekuseni oKhozini FM esakaza eseGoli.
Kuyinselelo enkulu ukuheha intsha ukuze ilalele isiteshi sokusakaza esinenkolelo yaso.
UKhozi FM oluzinze eThekwini yisiteshi esikhulu kunazo zonke kwaSABC esilalelwa abalaleli abangu-6.3-million ngesonto kanti ngonyaka odlule senza imali engaphezulu kuka-R130 million ngezikhangiso.
Banomona
Kungenzeka kube khona izikhalo ngokuthi uDJ onguMtswana asakaze uhlelo lweZasekseni olusakazwa phakathi nezinsuku. Kwaphuma umbiko ephepheni owawuthi kukhona abasebenza noSbu abathi ufuna ukunikwa istudiyo esihle kunazo zonke kanti ubabukela phansi ozakwabo. Eminye imibiko yayigxeka ulimi lwakhe.
"Ngigcina ngokuzifunda emaphepheni lezo zinto, akekho owake wangiqonda ngazo," kusho yena eziphendulela.
"Isikhathi esiningi ngisichitha eGoli. Mhlawumbe kukhona abanezikhalo eThekwini kodwa nabo abangiboni nsuku zonke ukuthi sebengasho izinto ezinjengalezo.
"Leyo mibiko ayisilo iqiniso. Ngizithobile emsebenzini wami kanti ngiyabahlonipha nozakwethu oKhozini FM.
"Angiziphakamisile. Uma kukhona abanezikhalo kungenzeka ukuthi bahlushwa wumona. Angikaze ngidlalele komunye umuntu selokhu ngajoyina lesi siteshi.
"Abalaleli bafuna ukuqala usuku ngentokozo. Kusemahlombe ami ukubagcina bethokozile." [z]
BONA ZULU - July 2007
Nakuba izinto zimhambela kahle uSbu Leope, impumelelo yakhe uyithole nezinkulumo ezingemnandi eziphuma kwabayizimbangi zakhe
ESIKHULU: U-DJ Sbu umangaliswa yindlela abantu abayithande ngayo iCD yakhe.
KWESISHUTHEKIWE: USbu noSbonga Mngadi asakaza naye oKhozini FM.
Ngizithobile kwezikaqedisizungu
BONA ZULU - July 2007
indaba nguDOUG GORDON
