zulu.944.Manaka
BONA ZULU - December 2006
Uthando, ucansi nabantwana!
UManaka wawina oweSAFTA Best TV Comedy ngendawo yakhe kaLerato ayidlala kwiStokvel. Ukulambela kwakhe impumelelo, kubukeka kuthela izithelo ezinhle. (I-top namacici: Ruby In The Dust; ibhulukwe: Identity.)
UMANAKA Ranaka unguLerato emdlalweni iStokvel, kwiTshisa unguVinolia. "Impumelelo ngiyilambele njengoVinolia, kanti nomntwana ngimfukamela njengaye uLerato uma ephethe ingane yakhe," kuchaza yena.
Emva kokuxoshwa emdlalweni Isidingo, wachitha iminyaka emibili ehleli ngaphambi kokuba ashaye ibuya - waqala kwiGaz'lam, wase ebonakala nakwiSABC 2 ngeSonto ebusuku emdlalweni iStokvel.
Manje uManaka usezakhela abalandeli abaningi kwiSABC 1 ebusuku ngoLwesine emdlalweni iTshisa, nokuyilapho enguphrojusa ocebile nosemqondweni wokuzakhela imali ngodumo.
"Ngiyayazi leyo mpilo iyingozi. Akufanele ulawulwe iyona ngoba uzolahlekelwa yikho konke onakho ngesikhathi esincane," kusho yena.
UManaka usitshele nangomunye wabadlali bemidlalo yeTV wesilisa owathola ithuba lokudlala enye yezindawo ezinkulu kweminye yemidlalo ephambili ngonyaka odlule wathenga imoto yohlobo oluphambili nezingubo zokugqoka zikanokusho ephila impilo yokuzithokozisa emaphathini.
Ngesikhathi esifushane wabe esengusaziwayo kwaze kwafika isikhathi sokuphelelwa yisikhathi sendawo ayeyidlala.
"Ngambona ngelinye ilanga engasenalutho. Akazange ayibeke imali ayeyithola esadlala emidlalweni yeTV. Lokhu kubuhlungu, kodwa iyona mpilo embonini yezikaqedisizungu," kusho uManaka.
UMANAKA akayichithi imali yakhe ezintweni ezingenasidingo - ukufundisa indodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha uKatlego, yikho okubaluleke kakhulu kuyena.
Uthandana noMichael ongumbhali ahlangana naye eminyakeni emine eyedlule ngesikhathi ehambele eNorth West. Ngaleso sikhathi wayesemusha ekhonze izinto.
"Siyakuthokozela ukuba ndawonye njengakuqala. UMichael usebenza ngezingane ezincane emajele aseCape Town. Mdala kimina ngeminyaka elishumi kodwa futhi akazenyezi ngenxa yomsebenzi wami. Indawo yowesimame engiyidlalayo uyazi akusiye uManaka amaziyo."
Le ntokazi eneminyaka engu-27, isizakhele igama njengomunye wabadlali beTV abaphambili. Udadewabo uNompumelelo uneminyaka engu-25 kanti wenza umsebenzi wokusiza emabhanoyini ngaphansi kwezindiza ze-Emirates ekubeni udadewabo omncane uDineo wenza ezibukwayo kwiTV emdlalweni uMzansi nakwiYfm ohlelweni alushayelayo ntambama.
Bobabili abashadile kanti futhi baphokophelele impumelelo, kodwa futhi abafuni ukuthathwa njengezihlabani nokuphila impilo yosaziwayo ngenxa yemisebenzi abayenzayo.
"Ukudlala indawo kaLerato kuStokvel yinto ebuye ivuke kimina ngezinye izikhathi," kusho uManaka. "Noma kunini uma ngiphethe ingane ngiyivikela ngendlela emangalisayo.
"Lokhu kungikhumbuza ngesikhathi indodakazi yami isencane."
Leyo mizwa yokuba ngumama ayikho ezinhlosweni zikaVinolia weTshisa. "Kodwa uVinolia uyakuthanda ukulawula njengoba nami ngikuthanda," kusho uManaka.
UTHINI ngezigcawu zocansi" UManaka useke wadlala kweziningi izigcawu zocansi kwiTV, kodwa ugcizelele ukuthi ayikho into eseyake yavela kuTV ngaphandle kokuba ayibone ayigunyaze.
"Kufanele niqale nivumelane ngemibandela ethile ngaphambi kokuba ukhumule izingubo zakho," kusho yena.
"Ngesikhathi uqala ukuhlolelwa ukudlala indawo kwiTV, iningi lophrojusa liye lisuse izigcawu zocansi ukuze ungaqale ubeke izaba zokufuna izimali eziphezulu ungakayinikwa nendawo ozoyidlala.
"Ngiye ngifune ukubona i-script ngaphambi kokuba ngisayine ikontileka. Kumele ngiphathwe ngendlela eyiyo kwengikwenzayo."
EnguPortia kwiGaz'lam, wakhumula esigcawini sendawo yowayeneHIV wazama nokugeza ngenhloso yokuzelapha.
"Ngaphoqelela ukuba leyo ndawo ithwetshulwe kungekho muntu omunye obukayo ngaphandle kwekhamera nomqondisi," kusho uManaka.
"Ekuqaleni le ndawo yayibhalelwe isigcawu sokuba oyidlalayo abe nqunu. Kwathi lapho ngiphoqelela ukuba ngithole imali enkulu ngayo, bayibhala kabusha ukuze ngingabi nqunu umzimba wonke.
"Lelo yilungelo lami kanti nabo bakuvuma lokho. Ngiyathanda ukudlala indawo kaPortia ngoba wathola i-HIV ngenxa yesoka lakhe kwathi emva kwalokho wazibandakanya ekuholeni umkhankaso wokulwa nalesi sifo."
Uma edlala indawo kaVinolia, benza izimanga nesoka lakhe uMandla.
"Izigcawu zokuqabulana ziyathandeka kodwa ezothando zenzelwe ukwenza ababukeli bahlale becabanga. "Siyakhula njengababukeli. Imidlalo yethu yothando ibukwa kulo lonke elase-Africa ekubeni ama-movies ethu awina ama-Oscar. Kuyisifiso sami ukudlala kulawo mafilimu
kangangoba noma yimuphi umsebenzi engiwenzayo uyigxathu elibange ekufezekeni kwalelo phupho."[z]
UManaka usixoxela ngeStokvel, Tshisa - nangaye
indaba nguDOUG GORDON
izithombe ngu-IVAN NAUDE
izinwele neziphaqulo: FAITH SEUOE
izitayela: MARINA WALSH
(Ekhaveni - i-top: Ruby In The Dust; ubucwebe: Attitude.)
ukulawula
Ngiyathanda
NGEZANSI: "UVinolia uyathanda ukulawula njengami," kusho uManaka.(I-top: YDE; ubucwebe: Attitude.)
BONA ZULU - December 2006
