zulu.930.sunglasses
Izibuko
ZELANGA
Akufanele uhlale ngaphandle kwezibuko zelanga ozohloba ngazo - khetha ezinhle ezifanele ubuso bakho ukuze ubukeke kahle...
IZIBUKO ZELANGA ziyintandokazi uma kukhulunywa ngezinto zokuhloba, kodwa isizathu esenza kubaluleke ukuthi sizifake wukuthi zivikela amehlo ethu emisebeni yelanga edala umonakalo ongapheli esikhumbeni...
Ukukhetha izibuko zelanga ezinhle ezizokuphatha kahle kulula uma wazi ukuthi iyiphi i-frame ezohlala kahle ebusweni bakho, ikufanele ihambisane nempilo oyiphilayo.
Nanku umhlahlandlela wethu ozokwenza ubukeke njengesihlabani.
Ubuso Obuyindilinga. Uma unobuso obuyindilinga gwema izibuko ezine-frame eyindilinga. Khetha ezine-frame eyisikwele ezokwenza ubuso bubukeke bubude bubuncane.
Ubuso Obude. Abantu abanobuso obude bangakhetha noma yiziphi izinhlobo zezibuko zelanga. Bafanelwa yinoma yisiphi isitayela, kodwa ama-frame ayisikwele angabukeka kahle kakhulu kubona.
Ubuso Obuyisikwele. Uma unobuso obuyisikwele khetha izitayela ezizokwenza ubuso bubukeke bubude. Yizibuko zelanga ezinama-frame ayisikwele noma ayindilinga ezingakufanela.
Ubuso Obumise Okwenhliziyo. Ukhiye wokukhetha izibuko zobuso obumise okwenhliziyo usekukhetheni ezizokwenza ukuthi isiphongo silingane nesilevu esicijile. Khetha ama-frame anjengegobolondo lofudu noma amibalabala azokwenza ukuthi amehlo ahehe.
I-styling: Lethu Nxumalo
Izithombe zezibuko: Andrea Caldwell
Izithombe zezihlabani: GALLO
Umthombo: shoesaccessories.suite101.com
IZITOLO: FOSCHINI: Ezweni lonke
IDENTITY: Shayela ku-011-476-3691 uma unemibuzo
IFESHINI
