zulu.924.yourceleb_ebony
Ayikho
indawo enjengekhaya
U-Linah "Ebony" Ngcobo weMuvhango nomyeni wakhe odume ngelikaHashi Elimhlophe bakhula behlala ezindlini ezifulelwe ngotshani. Njengamanje indlu eniyibonayo ngemumva eyizitezi ezimbili ukuphakama ngumuzi wabo. Kodwa uMama
u-Ebony ukholwa wukuthi umndeni wakhe yiwo obalulekile ekhaya lakhe
SEKUPHELE unyaka ngihlala kuleli khaya. Ngalithanda ngoba lisendaweni ephephile. Mina nomyeni wami sihamba kakhulu, ngakhoke kuyasikhulula ukwazi ukuthi umuzi wethu nabantwana baphephile.
Enye into engibuye ngiyithande ngaleli khaya wukuthi linendawo evulekile ngaphakathi - ekubeni siyabathanda abantu, sivame nokuba nezifundo zeBhayibheli. Asilakhanga silisusa phansi. Njengoba ubona nginomndeni omkhulu, kudingeke ukuba kubekhona izindawo esizinwebayo. Sekuphele izinyanga ezinhlanu zonke silinweba. Kuyangithokozisa ukucabanga ukuthi lizobukeka kanjani lapho seliphelile. Ngiyathanda ukuhlobisa ngezibuko nomsebenzi wezandla wobuciko bakwelase-Africa.
Izinto ezinhle engihlobise ngazo ngazithenga ekuhambeni kwami eThekwini, eZimbabwe naseTanzania - kuningi engisakufuna.
Nakuba izingane zami ezimbili ezindala uNathi (26) noNtombi (24) sezishadile zingasahlali nathi, ezinye zisavakashile, ziyoze zibuye uma sesiqede ukunweba umuzi.
Kungenzeka ukuthi oJabu (21) noVusiwe (20), ezinye izingane zami ezimbili, bakutshele ukuthi angizwani nento ebhedayo. Ngingabafakazela ngoba ngihlala ngifuna ukwazi ukuthi bakuphi.
Ikamelo engilithanda kakhulu kuleli khaya yikamelo lami lokulala. Nakuba sisalilungisa, ngithanda ukuziphumulela kulona nomyeni wami.
Mina nomyeni wami siphila le mpilo oyibonayo. Singabangani, siyadlala sincokole - ngiziqhenya kakhulu ngaye.
Akusikhathazi ukuvulela abanye abantu ikhaya lethu noma ukushuthwa izithombe.
UNKULUNKULU UsiBusisile njengabaculi kanti uma EkuBusisile kuhle usisebenzise kahle leso siBusiso.[z]
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: Shaun Smith
SISEKHAYA NO-BONA
UNathi (ogqoke ijakhethi emhlophe) noNtombi (ofake iduku elimnyama) abasahlali ekhaya, kodwa uJabu (ofake ijezi eliluhlaza) noVusiwe (owenze i-fringe) bazoba namakamelo abo.
U-Linah uhlobise ngombala omnyama nomhlophe endlini yakhe. Imifanekiso ebaziwe yowesilisa nowesimame yathengwa eTanzania.
U-Linah uthanda ukugcwalisa izikhala ezisendlini ngokwase-Africa.
Laba bashadikazi babeka izinto ezibalulekile empilweni yabo kuleli khosomba eliyisipesheli.
