zulu.91.cv
Thola umsebenzi owufunayo
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe ngabeGREAT STOCK!
NJENGOBA esikhathini samanje iminingi imisebenzi abantu abangayenza, abaqashi bazothola izicelo eziningi zemisebenzi ezokhangiswa. Abanasikhathi sokufunda amaCV amade kanti abaningi sebenxusa abantu ukuba bathumele amafishane angamakhasi amabili kuphela.
Okunye okusemqoka, uma iCV yakho ifika ezandleni zomqashi kufanele iwathathe amehlo akhe, ngale kwalokho uzodlulela kwelandelayo.
Abaqashi bafuna ukubona ukuthi yini oza nayo ngakhoke iCV yakho mayigxile konako yenze nomqashi abe nomdlandla wokuthola okuningi ngawe.
Uma iCV inamakhasi angaphezulu kwamabili ingachazi ngokwaziyo nangemfundo yakho ekhasini lokuqala, kusho ukuthi isadinga uyihlolisise.
UBONA wacela uLee Currie, ongumbhali wencwadi ethi CVs The New Way ukuba asinike izeluleko mayelana nokubhalwa kweCV ezogqama kwamaningi.
Imithetho
n Okokuqala, iCV yakho kumele ibhalwe ngobunono.
n Imininingwane mayelana nokuthi uzotholakala kanjani mayicace kahle ngaphezulu. (Qiniseka ukuthi leyo mininingwane injengoba ibhaliwe nokuthi ucingo lwakho luzophendulwa ngoba ungakulahlekela lowo msebenzi uma umqashi engakutholi.)
n Bhala kafishane phezulu kwiCV yakho ukuthi yini oyaziyo nokuthi unaziphi izitifiketi ukuze abaqashi babone ngokushesha ukuthi yini ozobanika yona.
n Uma usuchaza ngomsebenzi owake wawenza kufake nokuzokhombisa ukuthi uzimisele ngokuzikhandla. (Ukwenza isibonelo, bhala ukuthi uzimisele ngokukhuphula izinga lokuthengwa kwemikhiqizo noma ukuthola imiklomelo eyisipesheli.)
n I-CV yakho ibhale igxile kulowo msebenzi okhishiwe. Uma kungukuthi umsebenzi udinga umuntu ozoba yi-receptionist kanti wena une-reception ne-sales, gxila kwi-reception.
n Bhala incwadi engeyinde ezohambisana neCV yakho. Ungalandi okuningi kuyona, gxila kokwaziyo noma okulungele wena. Bhala kucace ngomsebenzi owufunayo ubhale nezinombolo zocingo ezisesikhangisweni.
n Akubalulekile ukusho iminyaka yakho, nokuthi ushadile yini, noma okunye okuthinta impilo yakho.
Ungakwenzi lokhu
n Ukubhala iCV ewubunuku.
n Ukwenza amaphutha uma ubhala amagama. (Hlolisisa iCV yakho ucele nomngani ukuba abheke ukuthi awuwenzanga yini amaphutha.)
n I-CV yakho ungayithumeli nezitifiketi, izincwadi nokunye uma kungashiwongo ukuthi kwenze lokho. Abaqashi bahlale bematasa kanti akubaphathi kahle ukuthola inqwaba yamaphepha.
"Ngake ngathola i-fax eyayinamakhasi angu-21 iphuma kowayefuna umsebenzi," kusho uLee. "Wayefake izitifiketi nezincwadi ezazibhalwe othisha bakhe nabefundisi! Ngangithe abazofaka izicelo zomsebenzi mabathumele i-fax enamakhasi amabili kuphela. Angizange ngizisole ngesikhathi sengiwafaka emgqomeni wonke lawo maphepha!"
n Ungaqambi amanga ngolwazi nangemfundo onayo. Uma bekubizela kwi-interview, ungacelwa ukuba ufakazele lokho okubhalile ubanjwe uma uqamba amanga.
n Ungayithumeli iCV uma ungenakho okubalwe esikhangisweni. [z]
AmaCV nezibonelo encwadini kaLee Currie ethi CVs The New Way. Ungayithola ngencwadi noma kwi-computer. Ngeminye imininingwane vakashela ku-www.cvsthenewway.co.za
BONA ZULU - February 2006
Iyona ezokuxhumanisa nomqashi wakho wangomuso, ngakhoke yibhale kahle
Bhala iCV ehehayo
Ngabe awukaze usebenze"
Ungayibhala iCV ehehayo ngisho noma usanda kuqeda esikoleni noma ekolishi futhi ungakaze usebenze.
Okusho ukuthi kwiCV yakho uzonaba ngemfundo nowawukwenza esikoleni noma ekolishi. Kungenzeka ukuthi wawuyi-prefect esikoleni noma kukhona imidlalo owawuyingxenye yayo. Kungenzeka nokuthi wawuzibandakanye ekuqoqweni kweminikelo noma kukhona iqembu lezingane owawuliqeqesha.
Ungakhohlwa wukubala amatoho owawuwabamba ngezimpelasonto noma ngamaholidi ngesikhathi usafunda. Faka nencazelo ekhomba ukuthi unezimpawu zobuholi.
BONA ZULU - February 2006
u
t
BONA ZULU - February 2006
Bhala iCV ehehayo
Umtitilizo
UBONA unamakhophi angu-10 eCVs The New Way ophisana ngawo. Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/CV Book Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
