zulu.907.beauty
kwezobuhle
Silwa nokuyimfundisoze
Phuza amanzi
Sekukaningi sizwa kuthiwa masiphuze amanzi kakhulu - kodwa ngabe asilungele- Imizimba yethu iluketshezi olungu-70 percent okusho ukuthi ukuphuza izingilazi zamanzi eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalolunye ngosuku kuhlanza ingaphakathi kugcine nomswakama emzimbeni.
Ushokoledi wenza ube nezinduna
Khululekani bathandi bakashokoledi! Vele siyazi ukuthi ngokudla ukudla okungenamsoco (kungaba wukudla okunamafutha noma ushokoledi omningi) impilo yakho kanjalo nesikhumba kungaba senkingeni.
Akunankinga ukudla okunomsoco noshokoledi abambalwa ngesonto. Izinduna zidalwa yizinguquko eziba kuma-hormones kanti ukukhandleka kwengqondo okwenza zibe mandla kakhulu.
Amafutha ayisitha sesikhumba
Kule minyaka, baningi abangakusebenzisi okunamafutha esikhumbeni sabo. Amafutha ayasisinda isikhumba ebusweni enze singaphefumuli kahle. Okhilimu abaluketshezi abathakwe ngamanzi badlala indima esemqoka kwezokunakekelwa kwesikhumba kule mihla kanti kubona amafutha awabi maningi kakhulu.
Kodwa ukugwema amafutha ngeke kusisize ngalutho - ngoba ondla ahlanze isikhumba. Akahle esikhumbeni esomile, esizwelayo nesithandwa yizinduna. Amafutha ancibilikisa i-make-up nokungcola, isikhumba sisale sihlanzekile sondlekile.
Asusa ukungcola esikhumbeni ngaphandle kokuthikameza isikhumba ngokwemvelo kodwa asenze sigcine umswakama. Lokho kunqanda ukuphela kwamanzi esikhumbeni okuyinkinga ejwayelekile esikhathini samanje.
AbakwaClarins banemikhiqizo emithathu esiza esikhumbeni esomile, esingenamanzi noma esinamafutha kanti iReturn To Roots (shayela ku-011-485-5526) inochunge olwenzelwe isikhumba sabantu baseSouth Africa.
Uma unesikhumba esijwayelekile, zama ukotapheya obandayo, i-jojoba noma i-almond oil. Yigcobe ebusuku. Gcoba amafutha ebusweni nasemqaleni, uyeke umzuzu owodwa uwasule nge-sponge noma ngovolo omanzi.
I-coconut oil iyi-conditioner ekahle ekondleni izinwele. Yifudumeze ngaphambi kokuyigcoba ezinweleni, iyeke imizuzu engu-15 bese ufaka i-shampoo uyihlambululisise.
Ama-Vitamin asemqoka
Sekuphele iminyaka kunenkulumo-mpikiswano mayelana nokuthi kukahle yini ukusebenzisa amaphilisi anama-vitamin.
Ocwepheshe kwezokudla okunomsoco nodokotela bathi umzimba uthola wonke umsoco owudingayo uma udla ukudla okunempilo. Kodwa bambalwa abantu abadla ngendlela efanele - nokuyisizathu esenza kubaluleke ukusebenzisa amaphilisi anama-vitamin.
Kodwa umzimba wakho ungaba nenkinga uma usebenzisa angafanele.
Ungazikhohlisi ngokuthi ama-vitamin ayimpendulo uma ungadli ngokuyikho. Awekho ama-vitamin angathatha indawo yokunomsoco.
Umuntu oyedwa kwabathathu eSouth Africa usebenzisa ama-multivitamin. Ngabe le mikhiqizo iyikhwalithi kangakanani- Kusebenza angakanani emzimbeni-
Iqiniso wukuthi ngeke sazi. Izidingo zethu ziyashiyana - ngisho namakhemikhali asemzimbeni wethu ayaguquguquka. Yenza ucwaningo ngaphambi kokuthenga okungabeka impilo yakho engozini.
Okokuqala, ungavumi ukukhohliswa abakhiqizi abahlale betusa imikhiqizo yabo. Okwesibili, khetha. Ama-multivitamin amaningi awavamile ukwenza okuthiwa ayakwenza. Okwesithathu, uma ekuphatha kahle lawo ma-vitamin, umehluko uzowuzwa emva kwamasonto amane uqale ukuwasebenzisa. Qiniseka ukuthi mangaki okufanele uwaphuze nokuthi yimuphi umonakalo awudalayo emzimbeni.
I-foundation no-powder kuvala iziqu zoboya
Le mfundisoze yaqala ngeminyaka yo-1950 kusasetshenziswa i-foundation eyayiyindukwana no-powder kuphela njenge-make-up. Ngalezo zinsuku, izihlabani zama-movie zazifaka i-make-up kakhulu nokuyinto eyayenziwa abesimame emhlabeni wonkana.
Manje sinama-foundation ashelela kahle ebusweni. Iziqu zoboya zingavaleka uma kungukuthi zinkulu kakhulu noma zivalwe wukungayisusi i-make-up.
Manje i-foundation no-powder sekwenziwe ngendlela ekwenza kuhlale ngaphezulu esikhumbeni, kuvikele kumboze isikhumba ngaphandle kokuvala iziqu zoboya.
Ukuzivocavoca kuphela okukugcina uphilile
Kufanele sizibongele ngoba esikhathini samanje akusadingeki ukuba uchithe amahora amabili ejimini uzivocavoca. Ziningi izindlela ezingcono ongazivocavoca ngazo.
Lezo zindlela zibandakanya ukwelula nokufinyeza imisipha. Okumqoka ukuphumula uvuselele umzimba kuphela.
Ukwenza okuzowugqilaza umzimba kuba nomthelela omubi kuwona kanti kuthikameza izindawo ezinjengamadolo namaqakala. Ukuhamba ulule umzimba okungcono kunokuya ejimini.
Okhilimu baqeda iminyama
Ngeshwa, akukuningi ongakwenza ukuze uqede iminyama. Okhilimu okuthiwa bayakwenza lokho abakwenzi. Behlisa izinga layo kuphela emzimbeni benze isikhumba sibukeke kangcono.
Iminyama ayipheli nya emzimbeni. Idalwa wukunwebeka kwesikhumba singabe sisaba yilokho esasiyikho. Ibonakala uma umzimba unonophala kanti yanda kakhulu uma ungena esigabeni sokukhula noma ukhulelwe.
Kungcono ukuvikela kunokwelapha kanti ukuze uphephe kule nkinga, gcoba okhilimu nowoyela emzimbeni. Yize noma lokhu kungeke kwaqinisekisa ukuthi ngeke usaba nayo, kukubeka ethubeni elihle
lokuyigwema. [z]
BONA ZULU - January 2006
Kuyiqiniso noma kungamanga- Siyadideka ukuthi yikuphi esingakwenza noma esingakugwema uma kukhulunywa ngezobuhle
BONA ZULU - January 2006
nguCHRISTINE HAMMANN
isithombe abeGREAT STOCK!
