ZULU.906.yourman_grooming
zenzE
ubukeke umusha
Yeka ukugcoba okwabesifazane, thola okwakho!
Ukuzinakekela akusho ukuthi ungowesifazane. Amadoda angempela ayaziqhenya ngokushefa, ukunquma kahle izinzipho zawo nangokunakekela isikhumba sawo. Miningi imikhiqizo yabesilisa etholakalayo manje; ngenhlanhla awuyidingi yonke – udinga owodwa ozokusebenzela kahle. Njengomuntu wesilisa, unezidingo ezihlukile kwezentombi yakho – ukwenza isibonelo, isikhumba sakho siwugqinsi sifudumele futhi nemithambo yenu ayifani.
Wonke umuntu uba nesiqalo, ngakhoke thina sikweluleka ngokuthi uqale ngale mikhiqizo: i-face wash, i-moisturiser yobuso ne-boby lotion.
Ungabona kanjani ukuthi umkhiqizo ungowabesilisa? Imikhiqizo yabesilisa iyabhalwa ukuthi ngeyabesilisa futhi ayifakwa emaphaketheni a-pink! [z]
UKUZICWALA KWABESILISA
1. I-OXY Regula Face Wash (R23,99)
2. I-L’oreal Paris Men Expert VitalLift Intense Double Action Moisturiser (R196,95)
3. I-Nivier for Men Sensitive Post Shave Balm (R34,95)
4. I-Palmolive Wild Forest Shower Gel for Men (R23,95)
5. I-Vaseline Men Cooling Body Cream (R23,95)
6. I-AXE Dark Temptation Deodorant Body Spray (R19,95)
7. I-Labello Lipcare for Men (R16,99)
8. I-VO5 Extreme Style Gel Wax (R19,99)
9. I-Gillette Series Shaving Foam (R49,99)
10. I-Designer Collection Meridian 100ml Eau de Cologne (R22,99)
Imikhiqizo engu-10 ehamba phambili
Nihlanganiselwe nguPippa Alcock Izithombe: Peter Whitfield
