zulu.905.mandela
Umculo weminyaka
Imisindo yabaphansi
Ngokukhuthazwa wumkhulu wakhe, uTandile Mandela usiza ekulondolozeni umculo wendabuko
indaba nezithombe nguDAVID MACGREGOR/@LIVEWIRE
KUSUKELA esemncane uTandile Mandela (31), wayelokhu efuna ukuba ngumculi.
Ngo-2004 waqamba iculo elithi Halala Madiba, nokuyiculo alicula kunombuthano omkhulu womndeni eQunu begubha iminyaka engu-85 umkhulu odumile wakhe azalwa. Waphinde wadlala uhadi, okungumcibisholo wokudlala umculo wakwaXhosa nokuyinto eyamthokozisa kakhulu okaMadiba.
“UMkhulu uMadiba wayehleli elokhu ehleka. Wajabula kangangoba waze wakhala izinyembezi zenjabulo,” kusho uTandile.
Ngesikhathi kufihlwa indodana kaMadiba uMakgatho Mandela, wadlala iculo elathinta izinhliziyo zabaningi nge-saxophone.
Ukube akagqugquzelwanga ngokaMadiba, uTandile ngabe wadlala umculo we-jazz kudala esikhundleni sokuqamba umculo wendabuko wakwelase-Africa.
Emva kokufundela umculo we-jazz eThekwini nowendabuko eCape Town, le ntokazi engumdlali wezinsimbi zomculo futhi engumqambi wezingoma njengamanje isisenyuvesi okwakufunda kuyo umkhulu wayo okaMadiba eFort Hare nokuyilapho isebenza khona isebenzela ukuthola iziqu zayo zobudokotela futhi ifundisa nesizukulwane esisha ukuthi zidlalwa kanjani izinsimbi zomculo wakwelase-Africa.
Emva kancane kokufika kwakhe enyuvesi nyakenye, uTandile wasungula i-orchestra yomculo wendabuko eyadlala ngoDecember e-Artscape Theatre eCape Town emdlalweni othi Guardian Of The Flame.
EMPELENI ngokozalo okaMadiba ungumfowabo omdala kagogo kaTandile ohlangothini lakomalume, kodwa umbiza ngo ‘mkhulu’.
“Ngangingamazi ubaba wami kangangoba okaMadiba nguyena baba engingazange ngibe naye. Unendawo ebalulekile empilweni yami ngimthanda kakhulu.”
UTandile wakhulela eMthatha. “Ngakhula ngomculo wakwelase-Africa. Umama wami wayecula ngisho ngabe esebenza endlini,” kusho kukhumbula yena.
“Ngakhula ngathanda umculo we-jazz ngaze ngafundela ukudlala i-saxophone, kodwa namuhla ngikhetha ukudlala umculo wesintu.”
Ukhumbula ngonyaka ka-1996 ukuthi wakhohlisa okaMadiba ukuze amsize ephuphweni lakhe lokuba ngumculi - phezu kokuba wathola u-E ku-matric wakhe.
“Wayefuna ukuba ngiphinde u-matric ukuze ngikwazi ukuthola amamaki angcono, emva kwalokho bese ngenza iziqu zomculo, kodwa mina ngangineminye imicabango.
“Ngangifuna ukuphuma eMthatha, ngakhoke ngamkhombisa u-B wami ka-matric womculo ngamkhohlisa ngathi sengithathiwe eNatal Technikon.”
EMVA kweminyaka emine efundela ukudlala i-saxophone nama-keyboard, uTandile wathola i-diploma yezomculo wacabanga ukuthi usekulungele ukuqala umsebenzi.
Wakhombisa umkhulu wakhe wodumo i-diploma yakhe, wacela usizo lwakhe, kodwa wangamkhuthaza kulokho. OkaMadiba yena wayeneminye imicabango.
“Wangibonisa ekutheni kufanele ngihambe ngiyokwenza iziqu zomculo e-UCT.
“Ngesikhathi ngithola iziqu zami, wangigqugquzela ukuba ngenze i-honours yami - engayiphasa ngamalengiso. Waphinde wangigqugquzela ukuba ngenze i-masters ngaqhubeka kanjalo,” kusho uTandile.
Kungesikhathi esese-UCT uTandile lapho aba nothando lomculo wesintu. Ngokukhuthazwa ngumethuli wezifundo kule nyuvesi uDizu Plaatjies, weqembu Amampondo, wakwazi ukuba naye aqhakaze endimeni yakhe entsha.
UTandile uthi okaMadiba kumanje umnxenxela ukuba aqhubeke aze abe nguphrofesa.
“Minyaka yonke bonke abazukulu abafundayo bayahamba bayobona umkhulu uMadiba eQunu ukuze bamkhombise amamaki abo. Uqotho kabi ngalokho kangangoba noma yini engaphansi kwamaphesenti angu-75, emehlweni akhe lokho kungukufeyila.
“Ufuna sonke sithole okungcono kangangoba uyasithethisa uma singatholi amamaki aphezulu.”
UKUDLALA ne-orchestra yakhe yamalungu angu-25 eRobben Island yinto eyamthinta kakhulu uTandile.
“Kwakungokokuqala ukuba ngiye kulesi siqhingi nokuyilapho ngafike ngabona isitokisi sikaMadiba nazo zonke ezinye izinto ezangenza ngangaphatheka kahle.
“Kwathi lapho ngicabanga ngazo zonke izinto umkhulu adlula kuzona, ngavele ngakhala ngazitshela ukuthi ngeke ngiphindele khona.
“I-orchestra yadlala ingcwenga yomculo osezingeni lokuhlonipha uMadiba.”
“Ngiwuthanda wonke umculo, kodwa into engcono ngomculo wesintu wukuthi awudingi izinto zokuwudlala ezisezingeni eliphezulu nogesi ukudlala umculo.
“Ungacosha izinto ezimbalwa ehlathini wenze izinto zokudlala umculo ezenza omnandi umsindo wamadlozi ethu.”[z]
@LiveWire
BONA ZULU – May 2007
KUDE KWESOBUNXELE: UTandile Mandela ufundisa isizukulwane esisha ukudlalwa komculo wendabuko.
KWESOBUNXELE: UMadiba ngumfowabo kagogo kaTandile komalume nakuba embiza ngo “mkhulu.”
NGENHLA: UTandile ne-orchestra yakhe.
BONA ZULU – May 2007
