zulu.904.kids
BONA ZULU - September 2007
NGO-JUNE kulo nyaka izingane ezimbili ezineminyaka engu-7 no-12, zabekwa icala lokubulala uWilfred Kriel owayeneminyaka engu-8. Zambulala ngembazo eKlawer ngaseClanwilliam. Zambulala ngenhloso ngoba uKriel watholwa enamanxeba amaningi emzimbeni kanti izinyawo zakhe zaziboshwe ngentambo.
NgoFebruary 12, 1993, eLiverpool eNgilandi uRobert Thompson noJon Venables, ababeneminyaka engu-10, bathumba uJames Bulger owayeneminyaka emibili. Isidumbu sakhe satholwa kulayini wesitimela sinqanyulwe yisitimela sahlukana kabili.
Sasipendwe ngopende oluhlaza sinamanxeba okhakhayini. Ngesikhathi kuqulwa icala labo, bathi baqhubeka bamshaya umufi ngoba wayelokhu "esukuma."
U-Jesse Pomeroy waseMelika wayeneminyaka engu-11 ngesikhathi eshaya ehlukumeza ngokocansi abafana abayisikhombisa. Emva kweminyaka emithathu wabulala umfana owayeneminyaka emine. Wavalelwa esikoleni sokuhlunyeleliswa kwezimilo kodwa washeshe wadedelwa. Esededeliwe wabulala intombazane eyayineminyaka engu-10 eyayisesitolo sikamama wakhe wagqiba isidumbu sayo ekamelweni elingaphansi endlini.
Emva kwalokho wanquma ingane eyayineminyaka emine.
U-Mary Bell naye wayeneminyaka engu-11 ngesikhathi ebulala uMartin Brown owayeneminyaka emine. Emva kokutholakala kwesidumbu sakhe, uMary waya kubo kaMartin efuna ukumbona esesebhokisini. Emva kwezinyanga ezimbili, waklinya uBrian Howe owayeneminyaka emithathu, wasika imilenze yakhe nesisu nge-razor nangesikele...
Ukushaqeka
Abaningi basola ama-movie anodlame nezinye izinhlelo zeTV ngokuba izingane zibe ababulali. U-Jesse Pomeroy wayephila ngeminyaka yo-1870 - ayengekho ama-movie anodlame noma imidlalo yeTV ngaleso sikhathi. U-Mary Bell wabulala izingane ngasekupheleni ko-1960 - izinhlelo ezazibonakala kwiTV zisagxile kakhulu emindenini.
Omunye umeluleki wathi, "ukubukela imidlalo enodlame kukodwa ngeke kwenze ukuba umuntu agcine engumbulali".
Abanye bathi izingane ezibulalayo ziyizinswelaboya eziyimbewu yobubi!
Kodwa le mpendulo ayiwuphenduli umbuzo othi "Ngabe izingane zibulalelani""
Udlame
Akekho umuntu ozalwa enodlame. Izingane ezibulalayo (noma ezenza amanye amacala) zenziwa yimindeni yazo nezimo ezithinta umphakathi ukuze zenze lezi zinto ngokusho kukaMike Earl-Taylor ongudokotela wezengqondo eRhodes University futhi onguchwepheshe ekuphenyeni amacala okubulala enziwa yizingane.
Ngokusho kwakhe, udaba lwamacala okubulala kwezingane luyinkinga yomhlaba wonke kanti okuholela ekutheni ziwenze kuhlukene ngezigaba ezine.
Okokuqala, ziwenza ngenxa yokuhlukumezeka ngokomzimba, ngokocansi noma ngokomoya noma ngenxa yokunganakwa. Ziyathikamezeka futhi uma zivame ukubona ubaba eshaya umama ekhaya.
Lona ngumbono ochwepheshe bamazwe omhlaba abavumelana ngawo.
"Simangaliswa yini uma izingane ezinganakekelwa, ezingahlonishwa, ezingathandwa ezingaphephile ziba nodlame zigcine sezinezinhliziyo ezimbi ezenza zingabi nozwelo uma zithatha umphefumulo womunye umuntu"" kubuza omunye umeluleki.
"Kuyiqiniso ukuthi iningi lezingane ezikhula ngaphansi kwaleso simo azibi ababulali, kodwa kukhona ezingakwenza kwezinye ukuze zikhombise intukuthelo yazo. Akukho okujabulisa ingane njengothando eluthola kubazali.
"Uthando eluthola kubazali bayo luyifundisa ukuba izithande, izethembe ibaphathe kahle abanye abantu."
Kwamukelekile
Ngokwesigaba sesithathu, izingane zenza izenzo zodlame emva kokukhuthazwa wukubona izenzo zodlame ezenziwa lapho zihlala khona. Ngokwazo, udlame luba yindlela yokuxazulula izinkinga. Iziqhwaga namalungu amaqembu ezigelekeqe agcina eseyizibonelo ezinhle ezinganeni.
"Izingane ziba nodlame ngoba zibone abantu bephunyuka kalula emva kokwenza izenzo zodlame," kusho u-Arina Smit, ongusonhlalakahle kwiNational Institute For Crime Prevention And The Reintegration Of Offenders (Nicro).
Esigabeni sokugcina, kulapho ingane yenza udlame ngenxa yokukhuthazwa yilabo bantu ebabona beyisibonelo esihle kuyona esike sababala - okuyibona abajuba izingane ukuba zintshontshe kuboshwe zona noma zibulawe, kuqhuba uDkt. Nirmala Gopaul waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Akuzona zonke izingane ezikhulela ngaphansi kwezimo esizibalile eziba ababulali. Ezinye zenza amacala anjengokweba, ukugqekeza nokuduna izimoto ziqinisekise ukuthi udlame luba yindlela eziphila ngayo.
Kodwa kuthiwani ngamacala afana nelokubulawa kukaJamie, lapho izingane zibulala ezinye ngesihluku noma zizihlukumeze ngokocansi"
Izizathu
Kukhona izizathu eziyimbangela yale nkinga.
Ababulali bakaJamie Bulger, oRobert Thompson noJon Venables bakhulela emakhaya ayenezinkinga kanti uThompson wakhula ehlukunyezwa.
U-Mary Bell wazalelwa emndenini owawumpofu edolobheni elalinezinga eliphezulu lobugebengu, abantu abaningi bephuza ngokweqile, kanti nezinga lokuntuleka kwemisebenzi laliphezulu kakhulu eBritain ngokukaGitta Sereny oyintatheli yeCries Unheard.
Umama wakhe wayethengisa ngomzimba. Wayeneminyaka emine uMary ngesikhathi umama wakhe emsebenzisa njengesigqila socansi. Wayemlalisa phansi, kwesinye isikhathi amvale amehlo aye naye ocansini.
USolwazi uKatherine Ramsland onolwazi olunzulu ngamacala uthi ucwaningo olwenziwa oluthinta izingane ezenza izenzo ezimbi lwakhomba ukuthi ingqondo yalezo ezazenza izinto ezishaqisayo yayithikamezekile.
Umuntu othikamezeke ngokwengqondo akanazwelo kanti akumphathi kabi ukwenza okubi kwabanye.
Ngaleyo ndlela zehlisa ezinye isithunzi ukuze zibe yisisulu sokuzizwisa ubuhlungu zingacabangi ukuthi labo bantu bangabantu ababuzwayo nabo ubuhlungu.
Ngokwethu sicabanga ukuthi abantu benza izenzo eziyinkomba yokuthi bathikamezeke ngokwengqondo sebebadala kanti akunjalo.
Abantu ababulala bephindelela, ukwenza isibonelo, benza izenzo eziyinkomba yokuthi kukhona okungahambi kahle ngabo besebancane. Bahlukumeza izilwane, bathungele imililo kokunye babulale. Abanye ababulali bephindelela kodwa bahlala beyingozi kwabanye abantu.
Izingane ezithikamezeke ngokwengqondo ziba nonya, azizwani nokwenza imisebenzi okumele ziyenze, zisheshe zikhathale kanti ziba yizixhwanguxhwangu.
Ijele
Kukhona omunye umbuzo okufanele sizibuze wona uma kukhulunywa ngezingane ezibulalayo (noma ezenza amacala anjengokudlwengula) - ngabe kumele zenziwe njani"
UDkt. Gopaul uthi umgomo kahulumeni wokuthi izingane ezenza amacala azithole izigwebo ezifana nalezo ezitholwa abadala kumele uhlolisiswe.
U-Joan van Niekerk, ongumqondisi kazwelonke wakwaChildline, uvumelana noGopaul. Ngokwakhe kumbalwa okubekelwe ukusiza izingane eziphambana nengalo yomthetho.
Ijele alisiso isixazululo kule nkinga. "Uma izingane zigqunywa emajele zifunda ukwenza amacala enziwa yiziboshwa ezindala ezivalelwa nazo emajele," kusho u-Earl-Taylor.
Okunye, izingane ezigqunywa emajele azifundi - kanti imfundo iyisikhali esinamandla ekulweni nobugebengu.
Ngesikhathi uSolwazi uJaap Doek ongusihlalo we-United Nations Committee On The Rights Of The Child (Uncroc) ekhuluma emhlanganweni owawuseTshwane owawuthinta izingane nobulungiswa wathi akushintshwe indlela izingane ezijeziswa ngayo uma zenze izenzo zobugebengu.
"Ziningi izindlela ezingasetshenziselwa ukubuyisela ingane emndenini wayo noma emphakathini," kuchaza yena.
Izingane zingahlaliswa emakhaya aphephile zilulekwe abantu abaqeqeshiwe abazokwazi ukubuyisela ukuzethemba kuzona, kusho u-Earl-Taylor.
AbakwaNicro bachaza ngohlelo abalusebenzisayo olwenzelwe izingane ezenza amacala ahlukahlukene.
"Ingane ifakwa ohlelweni oluzoyenza ukuba ibone ukuthi inecala," kuchaza uDeon Ruiters wakwaNicro.
Izingane zifakwa kulolo hlelo uma zivuma ukuthi zenze okungalungile. Ngalezo zinhlelo kuhloswe ukuba kufundiswe izingane ukuthi zingaba nekusasa eliqhakazile, ziwabone amaphutha azo, zikhuthazwe ukuba zilungise umonakalo eziwudalile zifundiswe nokuphila impilo entsha.
Imihlangano ehlanganisa imindeni ibuye inike owenze icala, nalowo owoniwe kanye nemindeni ethintekayo ithuba lokukhuluma ngecala elenziwe nembangela yokwenziwa kwalo, nomthelela walo.
Ithemba
"Izingane ziyohlala zinelungelo lokuphathiswa okwezingane ngisho sezenze izenzo ezimbi," kusho iJaji uYvonne Mokgoro weNkantolo yoMthetho-sisekelo.
U-Mary Bell, owabulala izingane ezimbili ekupheleni kweminyaka yo-1960 waphuma ejele ngo-1980 kwathatha isikhathi ukuthi abone ububi becala alenza.
Impilo yakhe ayisoze yabuyela esimweni "esijwayelekile" - usathola ukwelulekwa namanje kanti uyilungu lomphakathi elihlonipha umthetho.
E-South Africa, abakwaNicro bathi izinhlelo zabo ziyimpumelelo ngoba ezinganeni ezingu-45 abazisizayo, yingane eyodwa ebuyela ezenzweni zobugebengu.
Iqiniso lithi asikalilahli
ithemba ngezingane zethu ezinezinkinga! [z]
Ngubani onecala" Ngabe umphakathi" Abazali" Ama-movie anodlame" Noma ngabe izimpendulo kulo mbuzo zidida - ziyashaqisa. Okusemqoka kakhulu, ngabe kufanele kwenziweni ngalezi zingane"
u
Izingane ezi- ngababulali
BONA ZULU - September 2007
Uphenyo lukaBONA
t
BONA ZULU - September 2007
'Izingane ziyohlale zinelungelo lokuphathiswa okwezi- ngane ngisho noma sezenze into embi'
BONA ZULU - September 2007
