zulu.900.parenting
BONA ZULU - May 2008
ONYAKENI wokuqala ingane izelwe kwenzeka izinguquko eziningi nsuku zonke empilweni yayo. Iqala ihleke, ilale ngezikhathi ezithile, ikhaliswe wukuqhuma kwabathakathi...
Yisikhathi esigqilazayo nesikhathazayo lesi kubazali, kodwa kuzothi kungakapheli nesikhathi esingakanani, ingane yakho igubhe usuku lwayo lokuzalwa.
Izinguquko okufanele uzibheke ngalesi sikhathi...
Ezinyangeni ezingu- 12
Iyakhasa noma ishishilize ngezinqe phansi.
Ibambelela efenisheni uma ihamba.
Ihlala phansi isikhathi eside ngaphandle kokusekelwa.
Ibambelela entweni izame ukusukuma.
Iyavuka ihlale ngezinqe.
Iphuza ngenkomishi.
Ishaya izandla ithathaze.
Icosha izinto ezincane ngeminwe.
Ikukhombisa izinto noma ikudonse ikukhombise zona.
Ezinyangeni ezingu-15
Iyakhasa igibele ezitebhisini yehle kuzona ngokuhlehlela nyova.
Iyacathula.
Yelekanisa izinto ngokubonela kumuntu.
Ihlukanisa izinto ezibona nsuku zonke.
Iphimisa amagama .
Ezinyangeni ezingu-18
Ihamba igxamalaze.
Iyazimela.
Ihamba ezitebhisini ngosizo lomunye umuntu.
Iphusha idonse amathoyizi amakhulu anamasondo.
Igibela kosofa ibuye izehlele.
Eneminyaka emibili
Kukhona amagama ezowaphimisa uma ikhuluma kanti maningi amagama ewafunda nsuku zonke.
Ihamba ngamanzonzwane.
Iyagxuma.
Iyazigqokisa ibuye ikhumule.
Iphatha izinto ezingasindi "iqhathanise ihlanganise" izinto - njengokufaka ama-pegs esikhwameni sawo noma ixhume ubuhlalu entanjeni.
Iwabamba kahle ama-crayon, kube lula kakhulu ukudweba.
Eneminyaka emithathu
Ikhuluma ingaphezi iqhubeke nokufunda amagama. Ezinye izingane zisuke sezazi amagama angu-1 000 ngalesi sikhathi zisho nemisho emifishane.
Ima ngonyawo olulodwa isikhathi esingangomzuzwana.
Ikwazi ukugibela ezitebhisini.
Igibela ibhayisiklili.
Iqaqa izinkinobho noziphu.
Idlala ngezitini zepulasitiki ihlobise imidwebo.
Isebenzisa isikela sezingane.
Eneminyaka emine
Yehla ezitebhisini igijime.
Idweba okuyindilinga kahle.
Iphatha ingilazi enojusi ngaphandle kokuwuchitha.
Yenza izinto ezinjengokugeza izandla, isize uma kudekwa itafula ifole eziwashiwe.
Eneminyaka emihlanu
Manje isikwazi ukuhamba izehlele ezitebhisini.
Ihamba kahle ingashiyani nezinye
Ingagibela efenisheni, ebhayisikilini nasezintweni ezingaphandle ngaphandle kokwesaba.
Ithanda ukudlala ngamathoyizi abucayi ihlanganisa izingxenye zamathoyizi ekwenzeni izinto.
Eneminyaka eyisithupha
Uzoqaphela ukuthi ubude nesisindo sayo kukhula ngamandla ibe namandla kakhulu.
Imisipha yayo isebenza kahle.
Eneminyaka engu-7-8
Ubude nesisindo sayo kuyaqhubeka kukhule ngamandla, kanjalo namandla ayo.
Isebenzisa zonke izitho zomzimba wayo.
Imisipha emikhulu isebenza ngendlela efanele.
Imisipha emincane isebenza kahle .
Imisipha yayo ayiyisebenzisi yonke kanyekanye.
Ubukhulu bobuchopho bayo bungu-90% kobomuntu omdala.
Eneminyaka engu-9-10
Izingane zamantombazane zikhula ngamandla zibe namandla.
Kukhula zonke izitho zomzimba.
Imisipha isebenza ngokubambisana.
Isiyakwazi ukuma izimelele.
Eneminyaka engu-11
Amantombazane avame ukuba made abe nemizimba eqatha kunabafana.
Abafana bavame ukukhula ngamandla.
Imisipha emincane iyaqhubeka iqine kahle.
Ikwazi ukusebenzisa imisipha ngokuhlanganyela.
Iyaqhubeka ifunde ukusebenzisa imisipha yonke.
Ukukhula kwengane
Emva konyaka, ingane yakho isuke isikhule kahle. Eminyakeni engu-10 elandelayo kukhona izinto ezimbalwa ongazisebenzisela ukubheka ukuthi ingane yakho ikhula kanjani. Sijoyine kulolo hambo lokukhula kwengane...
UTHI UBUWAZI?
Ungathola ukuthi ingane yakho iyoba yinde kangakanani uma isindala ngokuhlanganisa ubude bukababa kobukamama (bala ngama-centimetre). Hlukansia kabili, uhlanganise no-7cm kubafana ususe u-7cm emantombazaneni.
OKWABAZALI
BONA ZULU - May 2008
u
t
Uhudo ezinganeni
Luyini?
Uma ingane inohudo ikhipha indle emanzi eyinjimbilili.
Ludalwa yini?
Uhudo luvame ukudalwa wukufa okuhlasela amathumbu. Kokunye uhudo ludalwa wukungazwani nohlobo oluthile lokudla kanye nezinye izinkinga ezenzeka emathunjini.
Okumele ukubheke
Okumqoka kakhulu, ingane enohudo akufanele iphelelwe amanzi emzimbeni. Izingane ezincane kakhulu kumele zibhekisiswe ngoba zona zingaphelelwa amanzi ngokushesha. Uma kungenzeka yiphuthumise kudokotela.
Okumele ukwenze
Phuzisa ingane izinto eziluketshezi kakhulu, ungayiniki ukudla okuqinile. Uketshezi lubuyisela amanzi emzimbeni. Zama ukuyiphuzisa uketshezi kancane zikhathi zonke kunokuthi uyiphuzise lona kakhulu.
KHUMBULA!
Uma kuphela amahora angu-24 uhudo lungapheli, xhumana nodokotela noma nomtholampilo ngokushesha.
BONA ZULU - May 2008
Ingxube yamanzi ongazenzela yona
1. Bilisa ilitha yamanzi uwapholise.
2. Faka ingxenye ye-teaspoon kasawoti nama-teaspoon angu-8 kashukela ugovuze.
3. Phuzisa ingane emva kwamahora amabili noma amathathu.
u
t
Ukuthenga isikhwama samanabukeni
Ngeke uzisole uma uthenga isikhwama samanabukeni esiyikhwalithi kanti singenza kube lula ukuphatha izimpahla zengane. Okumele ukubheke uma uthenga isikhwama...
? Ukuma kwaso: Khetha okuzoba lula ukusiphatha. Ngabe esibelethwa emhlane noma esigaxwa ehlombe esizokuphatha kahle?
? Ukupakisha: Bhala izinto ozozifaka esikhwameni ubheke ukuthi zizokwanela yini.
? Indawo yokufaka okumanzi: Akunamqondo ukupakisha amanabukeni nezingubo uma ungenayo indawo yokufaka izinto ezimanzi nezingcolile.
? Amaphakethe anoziphu: Kule ndawo ungafaka okokugcoba nokunye.
? Iphakethe lokufaka okubandayo noma okushisayo: Ligcina okufudumele kufudumele okubandayo kubanda. Faka amabhodlela uma ingane incela ibhodlela.
? Indawo yezinto zikamama: Ungakhohlwa yindawo yokufaka isikhwama semali, i-cellphone, okhiye, ama-tissue nokunye.
? Ikhwalithi: Uzosisebenzisa isikhathi eside isikhwama, thenga esiyikhwalithi.
UTHI UBUWAZI?
Usayizi wekhanda lengane uthatha u-25% womzimba wayo uwonke, okusho ukuthi likhulu ngaphezulu komzimba wayo.
ISELULEKO
Nasi iseluleko esizosiza omama okungenzeka bangalali ebusuku uma sekubanda ebusika.
Ingane ayivuki ebusuku ngaphandle kwesizathu, kungenzeka ukuthi iyagodola ngoba ikhanda layo lingafakwe lutho. Yigqokise isigqoko esingafudumali kakhulu ukuze nilale ngokuthula.
BONA ZULU - May 2008
12 IZELULEKO ZOKULWA NENHLIZIYO ENCANE
Ongazenzela kona okungakusiza...
1 Vuka udle ucezu lwe-toast noma ibhisikidi.
2 Emini yidla amaqoqwana okudla amancane kunokudla kakhulu kathathu ngosuku.
3 Phuza okuphuzwayo kakhulu.
4 Phuza ubisi.
5 Phuza iziphuzo ezihlohlozayo.
6 Ungakudli ukudla okunamafutha, yidla izambane elibhakiwe, isaladi lerayisi noma i-pasta.
7 Lala ngokwanele.
8 Cela omunye akuphekele uma ungezwani nephunga lokudla.
9 Gwema ukudla okunongiwe nokuthosiwe.
10 Mungunya uswidi one-glucose.
U-Bra Force uthi...
Uma uvuka ukhathele noma unesiyezi phuza ikota yengilazi yamanzi afudumele nengxenye ye-teaspoon ka-gobho nomdabu.
Ungahlanganisa nekota ye-teaspoon yomdabu neyomhlonyane nesipuni esisodwa soju ufake nekota yengilazi yamanzi ashisayo. Phuza ngesipuni kushisa.[z]
