zulu.131.project page
Amakhasi ephrojekthi ka Bona
Ilanga noMhlaba kwakusebenza njengewashi elikhulu
BONA ZULU – April 2006
As•tron•o•mer - umuntu ocwaninga ngezinkanyezi nomhlaba
Esikhathini samanje siyazi ukuthi isikhathi sibalulekile, siyasiphelela nokuthi singumsuka wakho konke. Kulolu shicilelo sizobheka izindlela ezazisetshenziswa emandulo zokuthola isikhathi sikutshele nokuthi ungayenza kanjani i-sundial.
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweMaths TODAY olushicilelwe abakwaMaskew Miller Longman. Uchunge lweTODAY luneLearning Areas yakho konke okukaGrade 7 kuya kuGrade 9.
Ukuthola isikhathi
Esikhathini esedlule abantu babethola isikhathi ngokubheka izinto zendalo
ezinjengezinsuku, ubusuku, ukushintsha kwesizini kubhekwe nezinkanyezi.
Eminyakeni engu-6 000 edlule, abase-Egypt bathola ukuthi isikhathi esikahle
sokutshala yingasemva kokugcwala kweNile River, nokuthi inyanga ivela ka-12 kusukela ekungeniseni kwalo mfula okokuqala kuya kokwesibili. Bathola nokuthi ngesikhathi umfula ugcwele, kubonakala inkanyezi egqamile ebizwa ngoSirius lingakaphumi ilanga. Babala izinsuku kusukela ekubonakaleni kwenkanyezi okokuqala kuye kokulandelayo bathola ukuthi zazingu-365. Ngale ndlela, iLanga noMhlaba kwasebenza njengewashi elikhulu.
AbaseChina abacwaninga ngezinkanyezi bathola ukuthi uMhlaba ujikeleza iLanga
izinsuku ezingu-365¼. Kwavunyelwana ngokuthi unyaka unezinsuku ezingu-365 nokuthi unyaka wesine (obizwa nge-leap year) kumele ube nezinsuku ezingu-366 ukuze kukhaveke leso sikhathi esilahleke eminyakeni emithathu yokugcina.
Kulungele izingane zeminyaka engu-8-14
Ngabe bewazi?
AM - Ante meridiem, yigama lesiLatin elisho ukuthi ”phambi kwemini”
PM - Post meridiem, yigama lesiLatin elisho ukuthi “emva kwemini”
Ukusetshenziswa kwamawashi ukuthola isikhathi
Abase-Egypt babesebenzisa izithunzi ze-obelisks nama-sundials, amawashi amanzi nezingilazi ezinenhlabathi uma befuna ukuthola isikhathi. I-sundial inendukwana eqondile eyenza kube nethunzi. Ithunzi likukhombisa isikhathi ngendlela efanayo neyewashi.
Kunezinto ezihlukene zokuthola isikhathi abantu ababezenzela zona phambilini
Ukwenza i-sundial
1. Udinga induku ubude bayo obungu-1 100cm namatshe angu-12.
2. Hloma induku phansi endaweni enelanga ubhale enye yalezi zinombolo ezilandelayo etsheni
ngalinye: 7, 8, 9, 10, 11, 12, 1, 2, 3, 4, 5 no-6.
3. Bheka ithunzi lenduku ngo-7 ekuseni ubeke itshe elino-7 ekupheleni kwethunzi.
4. Hlola induku yakho njalo ngehora kuze kube ngu-6 kusihlwa. Beka itshe elinenombolo efanayo njalo ekupheleni kwethunzi.
Amawashi amanje
Ososayensi nochwepheshe baqhamuka namawashi ayimishini,
anezipringi alengiswayo. Lawa ayeseqophelweni eliphezulu
kunawokuqala kodwa inkinga ngawo kuwukuthi iwashi laliba semuva ngemizuzwana ngosuku. Amawashi asebenza ngokunyakaza
kwama-quartz crystals. Lawa abala imizuzwana embalwa onyakeni.
Timeline
1500 BC
Sundial
Sandglass Obelisk Sundial Burning candle
1300 BC
BONA ZULU – April 2006
Iwashi lamanzi elakhiwa abase-Egypt
400 BC
I-Pendulum eyakhiwa nguChristiaan Huygens
1656
Kwakhiwa iQuartz crystal
1920
Kwakhiwa i-Atomic
clock
1967
