zulu.88.yourworld_knowall
INDODANA YAMI ENEMINYAKA EMITHATHU YANGIBUZA UKUTHI AMA-CELLPHONE ASUNGULWA NINI NGANGAKWAZI UKUYIPHENDULA.
Mrs K Mashele, Bloemfontein
■ Elinye igama le- “cellphone” yi “mobile phone” kanti, uma ubuyisa umqondo kahle, umsakazo osetshenziselwa ukuthumela nokuthola ulwazi ufana ne-mobile phone.
U-Martin Cooper wakwaMotorola uthathwa njengomsunguli we-cellphone ngokwazi kwethu. Washaya ucingo esebenzisa i-cellphone ngo-April 3, 1973.
I-cellular network yokuqala yasungulwa eJapan ngo-1979.
Ama-cellphone angaleso sikhathi ayemakhulu equmbile – lokhu izingane namuhla ezingakubiza ngezitini.
Ngeminyaka yo-1990, ama-cellphone ancishiswa abiza kahle – lokho kwasho ukuqalwa kabusha kwama-cellphone.
Ukuthunyelwa komlayezo ngeSMS kwaqala eFinland ngo-1993 kanti ukusebenzisa i-cell njengebhange kwaqala eNorway ngo-1999.
IMIBUZO YAKHO
Ngabe kukhona into oke uzibuze ukuthi yenzeka kanjani, kuphi noma nini? Nakhu lapho uzothola khona izimpendulo ngemibuzo ekuqwashisa nasebusuku ulele
ANGIKWAZI UKUCULA PHAKATHI KWABANTU, KODWA NGICULA KAHLE UMA NGIGEZA. NGABE LOKHO KUDALWA YINI?
Sarah Vhembe, East London
■ Sarah, baningi abamangaliswa yilokho. Impendulo kulo mbuzo ibucayi kanti ihambelana nesayensi kodwa sizozama ukwenza ibe lula.
Ucula kahle uma ugeza ngoba usuke uculela endaweni encane. Umsindo uyasabalala kanti lokho kwenza izwi lizwakale kahle. Ukusabalala kwezwi kuyaligqiba, nokuyinto eyenza ukuba ungabhimbi.
Okunye: uma ucula wedwa uyakhululeka akufani nokucula ubukwa abantu! [z]
NGISANDA KUFUNDA UKUSHAYELA KANTI NGIFUNA UKWAZI UKUTHI AMATEMU AFANA NATHI “N1”, “M1” no “R59” ASHO UKUTHINI.
George Matheba, Soweto
■ George, lezi zinto obuza ngazo ziyindida ikakhulu edolobheni elikhulu njengeGoli. Kuke kuthi lapho usahamba ngo-N3, uzithole usuku-R-freeway, ungakafiki ku-M1.
Imigwaqo ivame ukufana – pho ibizelwani ngamagama angafani?
Okokuqala nje, umgwaqo onguthela-wayeka uvame ukuba nama-lane amabili zinhlangothi zombili, ahlukaniswe wunqenqema, noma yi-drainage ditch.
E-SA zintathu izinhlobo zemigwaqo engothela-wayeka, lowo nalowo uqanjwe ngohlamvu lwegama:
■ U-N umele u-national roads, ohamba ibanga elide njengo-N1 osuka eCape Town uye eBeit Bridge (emngceleni waseZimbabwe) noma uN3, osuka eGoli uye eThekwini.
■ U-R umele u-route, umgwaqo oxhumanisa amadolobha akuleso sifundazwe, njengo-R59, oxhumanisa iGoli neVereeniging.
■ U-M umele u-metropolitan (idolobha), okunguthela-wayeka osedolobheni, njengoM1, oseGoli, osuka eSoweto uye eBuccleuch.
BUZA KITHINA Ngabe unombuzo kaMiss Know-all? Bhalela ekhelini elithi Miss Know-all, Box 32083, Mobeni, 4060.
SITHI INTO ETHILE IYI “REAL McCOY” UMA KUNGESIYO EYEKHWALITHI SITHI YI “FONG KONG”. APHUMAPHI LAWA MAGAMA?
Botlhale Mthombeni, Libode
■ Abanye bathi i “real McCoy” kwakungumshayi-sibhakela kodwa akunjalo Botlhale.
Leli temu lisuka eScotland. Kule lizwe i “MacKay” kwakuluhlobo oluthile lwe-whisky. Ngo-1856, isisho esithi “A drappie o’ the real MacKay” (A drop of the real MacKay) sasisetshenziswa njengesiqubulo sokukhangisa le whisky. Lesi sisho sagcina sesisetshenziswa kokungu ngqo.
U “MacKay” uma umbiza uthi “Mack-eye” kanti u “MacKay” ngu “McCoy”. E-Scotland kusasetshenziswa u “the real MacKay”.
Ngo-2000 igama elithi “Fong Kong” laduma ngengoma kaSinyaka kanti lisetshenziswa eSA uma kukhulunywa ngento engesiyo ikhwalithi eyipulasitiki ngokwe-Urban Dictionary. Leli gama liyasetshenziswa nakumuntu ozenza into angesiyo.
Njengoba izinto ezenziwe ngepulasitiki ziqhamuka eFar East, kungenzeka ukuthi leli gama lihlanganise amagama athi “from Hong Kong”.
