zulu.886.ambi
B3371/01/08 Izithombe Jan Botha I-styling Linda Bean
NGABE YINI ENGAKUSEBENZELA ESIKHUMBENI?
STEP 2: Swakamisa
Emva kokuhlanza isikhumba, sebenzisa isiswakamisi esingenawoyela esizoshiya isikhumba sakho sithambile sisihle. Zama i-AMBI® Natural Colour Creams eyenzelwe isikhumba esinsundu. Lo khilimu awusicwebezelisi isikhumba kanti ungena kalula kusona. Uno-Vitamin E owenza ukuba isikhumba sibe sihle kanti ubuye ube ne-sun protection factor SPF8 esiza ngokuvikela isikhumba ukuze singagqunqi. Khetha phakathi kwe: • AMBI® Natural Colour Cream for Normal to Oily Skin ne • AMBI® Natural Colour Cream for Very Oily Skin.
STEP 1: Sihlanze
Hlanza isikhumba sakho njalo ekuseni nakusihlwa ukuze kusuke ukungcola, amagciwane nowoyela ongadingeki. Lokho kuzosiza ngokulwa nezinduna nezisihla ezingashiya amabala amabi amnyama. Insipho ejwayelekile isomisa kakhulu isikhumba kanti ingavala neziqu zoboya. Kodwa uma ukhetha insipho eyenzelwe ukuhlanza ubuso, njenge-AMBI® Facial Cleansing Bars (R6.25), ubuso bakho buzohlanzeka ngokuphelele isikhumba sisale sicacile sinempilo.
Okumele ukwazi nge-AMBI®
Uchunge lwe-AMBI® olusha olwethenjwayo olwenziwe ngabakwaJohnson & Johnson ochwepheshe bokunakekelwa kwesikhumba, lwenzelwe abesimame abansundu lwabuye lwahlolwa kubona. Lutholakala kwaShoprite, Checkers, Pick n Pay, Spar nakwaDiscom, ezitolo zakwaClicks ezikhethiweyo, Emakhemisi nasezitolo zakwaDischem.[z]
® Umkhiqizo wakwaJOHNSON & JOHNSON © J & J (Pty) Ltd 2008. Ngeminye imininingwane shayela ku-0860 410 032
Ubuhle bebala elinsundu!
Imfihlo yokuba nebala elihle elinsundu ilele ekwazini izidingo zalo nasekulinakekeleni kwakho nsuku zonke usebenzisa imikhiqizo eyenzelwe abanebala elinsundu.
NGABE YINI EDINGEKA EBALENI ELINSUNDU?
• I-melanin (okwemvelo okunika isikhumba ibala laso) iyona ekhomba umbala wesikhumba nowezinwele. Njengoba isikhumba esinsundu sine-melanin eningi, kuba lula ukuthi sibe namabala. Izinduna noma amaqhubu avela emva kokutinyelwa yizinambuzane kungashiya amabala amabi amnyama ebusweni. • Isikhumba esinsundu sinowoyela kakhulu, ngenxa yalokho siyacwebezela sibe namabala noma izinduna. • Ilanga liyasigqunqisa isikhumba kanti lingasona, ngakho khumbula ukuthi kubalulekile ukusivikela elangeni.
ezentengiso
