zulu.884.career
Ezemisebenzi
Owokusikwa kwengqephu!
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
Kuningi okwenzekayo kwezengqephu kunokuthungwa kwezingubo…
IMBONI yezokusikwa kwengqephu inokuncintisana okukhulu nakuba inamathuba amaningi kulabo abanothando kuyona - ezintweni ezifana nokusika amaphethini, ukwenza izingubo nokuthunga.
UWanda Ndaba uneminyaka engu-22 kuphela, kodwa usengumthungi ongumsiki wengqephu nomnini webhizinisi elisimeme.
Emva kokuphothula i-diploma yeminyaka emithathu kwi-fashion design, imisiko yakhe yathakaselwa kakhulu embukisweni wengqephu ngomunye wabanini bezitolo ezimbili zezimpahla zokugqoka, waze wafaka ama-oda ezitolo zakhe (loyo mlisa).
Njengamanje uWanda unehhovisi ne-workshop eThekwini kanti useqashe abasebenzi abangu-6 ukuze akwazi ukumelana nama-oda ezitolo nawamakhasimende akhe.
Uchunge lwezimpahla zakhe lwe-Avalanche lubandakanya amasudi, amahembe, izikhindi namabhulukwe amade.
Ibhizinisi lakhe liphathelene nokuthunga njengoba evakashelwa amakhasimende amaningi asuke efuna ukuba awenzele amasudi nezinye izinto zokugqoka.
UWanda uthunga izimpahla zabesilisa nezabesimame kodwa ugxile kakhulu kwezabesilisa.
“Umama wami no-anti bangabasiki bengqephu, ngakhoke ngangibabuka benza umsebenzi wabo ngisakhula.
“Ngazitshela ukuthi nami ngifuna ukwenza okungaphezu kwabakwenzayo. Wumsebenzi onokuncintisana okukhulu, kodwa impumelelo yiyonanto engizimisele ngayo.
“Akufanele uhlale ucabange ukuthi amathuba azozizela, kufanele usebenze kanzima ukuze akuvulekele.”
Into eyaba yinselelo enkulu kuWanda kulo msebenzi wakhe, wukuthola i-oda lokuthunga amasudi omshado abesilisa ababengu-9. “Abanye balabo bantu babevela phesheya.
“Nganginamasonto ayisithupha kuphela ukuba ngiwaqede,” kusho kukhumbula uWanda.
“Kodwa ngawaqeda ngesikhathi nabo bawathokozela sengiwaqedile.”
Amathuba omsebenzi
Okuningi kuncika ekuqeqeshweni.
“Abafundi asebephothule izifundo zesikhashana bangaba abasizi kuma-design studio noma ama-pattern-maker noma ama-sample maker embonini yefeshini,” kusho uMonique Rolando weLinea Academy eThekwini.
“Labo abaphothule iziqu kwi-fashion design basethubeni lokuba ama-designer, merchandiser, buyer, stylist, noma izintatheli zefeshini noma bangene ngokwabo kuleli bhizinisi.
“Ukuthungela ekhaya ngezinye zezinto ongazenza nakuba ungeke ukwazi ukumelana nengcindezi yomsebenzi mhlawumbe kuze kudingeke uqashe ozokusiza.
“Qala ngokufunda kwabanye, njengokusebenza nabo e-design studio noma embonini yezefeshini noma yokuthengisa.
“Uma usuthole ulwazi oludingekayo usuzethemba, usungazimela ngokwakho. Zinikele ube nothando lwento ofuna ukuyenza.”
Kufanele ube ngumuntu onjani
Kufanele ube ngumuntu okwaziyo ukuzisungulela izinto, ukwazi futhi nokuzimaketha. Amakhono amahle kwezamabhizinisi nawo angakusiza.
“Kulo msebenzi kuyasiza ukuba nekhono. Kufanele-nje uzimisele,” kusho kweluleka uRolando.
Imali ongayihola
Imali yehluka kakhulu. Ongumsiki wama-pattern angathola cishe phakathi kukaR3 500 noR4 500 ngenyanga.
Oyi-junior designer angaqala phakathi kukaR5 000 noR6 000 ngenyanga kukhuphuke kuye kufike phakathi kukaR12 000 noR25 000 kwi-designer enesipiliyoni,
i-merchandiser noma i-buyer. [z]
BONA ZULU – December 2006
UWanda esemsebenzini.
NGEZANSI: UWanda manje unehhovisi ne-workshop eThekwini kanti uqashe abasebenzi abayisithupha ukuze akwazi ukumelana nama-oda ezitolo namakhasimende.
NGEZANSI KWESOKUDLA: UWanda Ndaba uneminyaka engu-22 kuphela kodwa usengumthungi ongumsiki wengqephu kanti unebhizinisi elisimeme.
Ungaqeqeshwaphi
uIningi lama-technikons anezifundo ze-fashion design.
uI-Linea Academy eThekwini inezifundo ongakhetha kuzo kusukela kwezesikhashana kuya kwiBA Honours in Fashion Design. Ucingo: 031-261-1414.
uI-Intec inezifundo zesitifiketi se-dressmaking, pattern-cutting and design ne-fashion merchandising. Ucingo: 08600-313-131.
uEDamelin banezifundo zesitifiketi kwi-fashion design kulezi zikhungo ezilandelayo:
Boksburg: 011-823-3790
Bramley : 011-440-7020
Centurion: 012-665-4824
West Rand: 011-955-5326
Cape Town: 012-686-8991.
BONA ZULU – December 2006
