zulu.878.finance
BONA ZULU November 2008
EBHOLENI NGO-
2010!
NGABE iyiphi inhloso yakho ngeWorld Cup 2010? Uma ufana noMandla Ndlovu wase-East London uzimisele ngokubuka umdlalo walo mqhudelwano enkundleni selokhu iSA yathola igunya lokusingatha le midlalo ngo-2004, lokhu ungakwenza.
Kungenzeka ube nenhlanhla yokuhlomula emathikithini abasebenzi bezinkundla zeWorld Cup noma ukhokhe R140 ngethikithi ngoFebruary nokuyilapho iningi lethu lisuke libhekene nezinkinga zezimali. Sisuke sonke sisheshe sathola imiholo yethu ngoDecember - siphinde sibhekane nokukhokha izimali zesikole nokuthenga izincwadi nemifaniswano - size siphinde sihole ekupheleni kwenyanga kaJanuary.
NgoFebruary sonke sisuke sesisokola kakhulu njengoba sesizabalazela ukukhokhela ama-akhawunti ezikweleti esizenze ngoKhisimusi. Mhlawumbe uthole ukuthi nomashonisa sebefuna ukuba sibakhokhele imali esasiyibolekile.
Nansi indlela yokuphumelela kulezi zinhloso zakho...
1. Yiba nemali
Uma ufuna ukwenza iphupho lakho libe yimpumelelo kwiWorld Cup 2010 ngokubuka imidlalo kwezinye zezinkundla, qala uhlele manje nge-2010 Project Budget. Ngabantu abanezimali zabo kuphela abakwazi ukumelana nezindleko ngaphandle kokubhajetha, ngokusho kochwepheshe.
Naweke zenze ocebile ngokuhlelela ukusebenzisa kwakho imali - lokho kuzokusiza ekwenzeni amaphupho akho ka-2010 abe yimpumelelo.
2. Zivikele
Hlanganisa imali owaziyo uzoyithola ezinyangeni ezintathu ezizayo:
Umholo, ibhonasi noma enye imali. Khumbula uzobe ungenayo imali yomholo kaFebruary uma amathikithi eqala edayisa.
Nanoma yikuphi ukonga onakho kungakusiza.
Imali abakukweleta yona oyilindele.
3. Xazulula izinkinga
Zinikele kokwenzayo uhlanganise nozoziphilisa ngakho ezinyangeni ezintathu:
Izindleko zakho zonke - irenti, i-bond, ama-rates, amanzi nogesi, ama-akhawunti, ucingo noma i-airtime, ukudla, okokuthutha (imali yokugibela, uphethiloli, iminikelo yesonto, yezinhlangano ezintulayo...
Izimali zesikole, umfaniswano, izindleko zezinto zokuhamba.
Izindleko zokwelashwa kwabomndeni.
Imali yokunakekela nokusevisa imoto noma ukuyikhanda.
4. Qala wonge
Emalini yonke ekungenelayo, susa leyo ozoyidinga.
Bambisanani kulokhu:
Malini ozoyisebenzisa ngoKhisimusi - ngezingubo, ngokuvakasha, ngezipho, ngokunakekela izinwele nezindleko zokudla neziphuzo. Ukuzincisha intokozo ngokongela iWorld Cup ngeke kuzwakale kahle kwabanye bomndeni.
Nciphisa izindleko zokuhamba ngokusebenzisa isitimela, phatha umphako esikhundleni sokuthenga ukudla emsebenzini.
Malini ofuna ukuyisebenzisela amathikithi eWorld Cup. Uma uphetha ngokungabi namali eyanele, yonga ngokuthe xaxa...[z]
AMANDLA EMALI
Hlelani kusemanje ukuze niqiniseke ukuzitholela amathikithi eWorld Cup 2010 lapho eseqala ukuthengisa ngoFebruary...indaba nguPatricia McCracken
QOKA IQEMBU LAKHO LIKA-2010
Cabanga ngokuhlanganyela nabangani abazimisele ngokuba bazibandakanye nemidlalo yeWorld Cup 2010 - nizisungulele umfelandawonye wesitokifela sokongela lokho.
