zulu.877.muthi
I-VALENTINE'S DAY
nemithi yothando
Enza umuntu othandana naye akuthande ngale mithi ongayithaka ne-perfume yakho
SEKUYILEYO nyanga futhi! Inyanga yokukhombisa uthando kumuntu wakho nokuyisikhathi esihambisana neValentine's Day.
Lesi yisikhathi sothando, yisikhathi futhi sezinhliziyo ezibuhlungu kanjalo nokwaliwa. Ngoba ukwaliwa kuyinto ebuhlungu enhliziyweni, baningi futhi abazophendukela ezangomeni befuna usizo.
Abantu abasha abahlale bechukuluza abazali babo ngokuxhumana nabelaphi bendabuko, nabo sebebonile ukuthi bayaludinga lolu sizo lokwelashwa ngokwendabuko. Lolo wuthando olungakwenzisa noma yini.
Omunye umfundi ubhale wathi: "Ngabe likhona ithemba kimina? Ngesabela ukuthi umuntu wami wesilisa uzongishiya. Ungangisiza ukuze angangishiyi ahlale engithanda?
"Ngifuna angithande. Lokhu ngiyazi kuzokwenzeka uma echitha isikhathi nami. Ngabe isangoma singangisiza ukuze lokho kwenzeke," kusho kubuza omunye.
"Angifuni ukumenza isithilolo sami kodwa ngifuna umuthi ozomenza angithande nokuthi abone kungakuhle kangakanani ukuhlale sindawonye."
Ngokukhuthazwa yilezi zincwadi nezinye eziphuma kubafundi abakhathazekile emoyeni befuna ukwazi ukuthi bangenzenjani ukuze bathole abesimame noma abesilisa abafuna ukuthandana nabo, ngibe sengiya endaweni yami yemithi engelaphela kuyo.
Lapho ngifike ngasebenzisa 'izipopolo' zami okungamathambo okubhula.
Amathambo ami angikhanyisele ngemithi yothando engaba lusizo kulokhu.
Kunjalo, nizwe kahle impela - imithi yothando!
Khululekani. Angikhulumi ngekorobela noma imithi okuhloswe ngayo ukwenza othandana naye isigqila.
Le mithi ngeke ikusize uma ufuna ukuthatha isoka noma intombi yomuntu, unkosikazi noma umyeni.
Yonke le mithi ingasetshenziswa abesilisa nabesimame - kodwa hhayi abeminyaka engaphansi kuka-18!
Buza isangoma sakho noma inyanga ngalokhu okulandelayo:
vela bahleke;
utshani bezwe;
bheka mina ngedwa;
mlomo mnandi.
Qiniseka ukuthi uthenga umuthi oyimpuphu okulula ukuwusebenzisa.
Okufanele ukwenze wukufaka i-teaspoon eyodwa emanzini afudumele njalo ekuseni bese ugeza ngawo lawo manzi. Ungawasebenzisa nensipho yakho ogeza ngayo.
Ungafaka kancane futhi uvela bahleke nobheka mina ngedwa kwi-perfume yakho nakukhilimu wezandla.
Faka umlomo mnandi emlonyeni sekusele imizuzu embalwa ubonane nomuntu ozimisele ngaye. Noma ungayifaka nakwi-lipgloss. Lokhu kuzokwenza umlomo wakho 'ukhulume okuthandekayo' njengegama lawo lo muthi.
Empeleni, indlela le mithi esebenza ngayo nokuqanjwa kwayo kusukela lapho. Sebenzisa uvela bahleke, uzobona nomuntu wakho uzolokhu ehleka. Ngobheka mina ngedwa, ngempela kuzokuba njalo, uzonaka wena wedwa kuphela.
Uma usebenzisa utshani bezwe, baningi njengotshani abantu ongakhetha kubona.[z]
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
Faka umuthi kwi-lipgloss ukuze ukhulume amazwi amnandi
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
EZEMITHI
IZANGOMA ZINGAKUSIZA!
Ungabi namahloni okuthola usizo lwesangoma ngalesi sikhathi sonyaka. Kuyinto ejwayelekile ukufuna usizo ezintweni ezithinta uthando.
Uma unokwesaba ukuya esangomeni, cabanga ngazo zonke izinto ozenzile ukuze uthole uthando.
Cabanga ngezingubo zokugqoka ezibizayo nezitayela zezinwele, nayo yonke imali eshisayo osuyichithile ngemizamo yokulingisa izihlabani zakho.
Ngosizo lwezangoma, ngeke uze ungene kulezo zindleko.
