zulu.875.glenryck_ad
Umncintiswano wethu iGlenryck South African Family Cash Splash Competition usufike emaphethelweni kanti kuyintokozo ukunazisa ukuthi u-Irene Makobe uyena owine umklomelo omkhulu
ka-R6 000!!!
UMNDENI OWINILE!
Badle umhlanganiso! Kusukela kwesobunxele, nguBrigette, Tlotlego, Irene, Thabelo noWilliam.
B 4844_09_09
Abenzi beGlenryck Tinned Fish babonga bonke abathengi abathembekile ngokuxhasa kwabo lo mncintiswano. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule sithole indathane yezincwadi zabafundi bakaBona kulo lonke elaseSA. Siyabonga ngokusazisa ngempilo yenu, sibonge amaresiphi nezithombe zenu!
U-IRENE MAKOBE umama onezingane ezintathu uwine umklomelo omkhulu ka-R6 000 ngenxa yeresiphi yakhe ye “Glenryck with Phutu Layers”. Yisidlo esiyintandokazi lesi emndenini wakwaMakobe kanti sicishe sifane ne-lasagne. Uma u-Irene epheka lesi sidlo ngendlela yase-Africa, esikhundleni sama-layer e-pasta ufaka ipapa ne-filling yenhlanzi esethinini iGlenryck esikhundleni se-bolognese.
“Umndeni wami uyazifela ngezidlo zeGlenryck kanti ngithanda ukwenza amaresiphi ahlukahlukene ngenhlanzi. Imnandi uma uyiseva nemifino nepapa noma uyidla iphuma ethinini!” U-Irene uhlala eBoksburg nomyeni wakhe uWilliam, nezingane zabo ezintathu oBrigette, Tlotlego noThabelo.[z]
Owinile, u-Irene Makobe.
EZENTENGISO
