zulu.873.10Q
BONA ZULU November 2008
1. Kukuphatha kanjani ukudlala indawo yomuntu o-HIV-positive njengoNandipha?
Yisifundo esiqhubekayo. Kuyangithokozisa ngoba kuyisifiso sami sokuba yinxusa lokuqwashisa nge-HIV-AIDS nokusiza abanye abantu bakwazi ukuthola amandla okubhekana nokugula kwabo.
2. Abantu bakuthatha kanjani uma bekubona emgwaqweni?
Imibiko engiyitholayo kubantu iyathokozisa. Kuyajabulisa ukubona ukuthi abantu bayakuthokozela esiziphilisa ngakho.
3. Ngabe kubalulekile ukuba no-matric uma ufuna ukuba ngumdlali wezithombe?
Kubalulekile ukuba no-matric uma ufuna ukuba yinto emhlabeni. Leso yisona siqalo esibalulekile. Imfundo ikunika amandla ikuvulele yonke iminyango engakuholela ekucebeni.
4. Ukube awenzi lokhu okwenza njengamanje ngabe yini oyenzayo?
Ngiyazithanda izingane, ngakhoke noma yini ehlanganisa ukusebenzisana nezingane yiwona msebenzi engingawenza ukube angenzi lona engiwenzayo. Umsebenzi wami yiwo ohamba phambili empilweni yami njengamanje. Uma ngingawuyeka ngingasebenzisana nezingane.
5. Yini oziqhenya ngayo?
Wukukwazi ukufundisa abantu okuthile empilweni ngenxa yokudlala kwami ezithombeni nangezindawo engizidlalayo.
6. Yini oyithokozelayo ebusuku nesithandwa sakho?
Wukuzikhipha siye e-drive-in siyobuka i-movie sizihlalele ngemumva emotweni, sidle i-pizza sehlise ngewayini.
7. Yini ekuthokozisayo?
Ukudla okumnandi, abangani abahle neholidi elimnandi.
8. Kubantu yini oyithandayo nongayithandi?
Abantu bangabantu. Akekho omsulwa. Kufanele wamukele okuhle nokubi ngokwahlukana kwabantu. Ngiyakuthokozela ukuba nabantu empilweni ngoba isikhathi sokuphila sifishane! Ungachithi isikhathi ngezinto ezimbi nezibuhlungu.
9. Yini oyithanda kakhulu ngeSA nongayithandi?
Kuningi okuhle ngezwe laseMzansi. Ayikho enye indawo engingayikhetha ngaphezu koMzansi. Ngingumnsinsi walapha. Yilona khaya lami leli.
10. Yisiphi iseluleko ongasinika abantu emhlabeni?
Uma singanakekelana sithandane, nomhlaba ungasinakekela.[z]
UHlubi uphendula imibuzo engu-10
SIXOXA NESIHLABANI
Imibuzo ka-
