zulu.870.free
Ithumbu lokuchelela elingasongani!
Ngabe ukusongana kwethumbu lasengadini yinto ekucasulayo njalo lapho uchelela? Ungabe usakhathazeka ngoba isikhona iTevo’s innovative Slinky, ithumbu elingasongani kodwa elinwebeka liye lifike kumamitha angu-15 (noma 23m).
Leli thumbu lokuchelela lakhiwe nge-polyurethane engu-100% kanti alisongani, ekubeni umlonyana walo ungawusetha ngezindlela ezingu-9.
Leli thumbu lifanele izingadi, ama-patio, izimoto, ama-deck nezikebhe, amakharaveni, izithuthuthu nokunye okuningi. Uma ulithenga ulithenga lihambisana nento ozolifaka ulibeke kuyo, kanjalo nesiqiniseko sezinyanga ezingu-12.
UBONA unamahampa amabili onikezela ngawo. Iyinye iqukethe iSlinky esingu-(23m), esingu-(15m), iBladeRunner, i-OneTouch can-opener, isipanela seBronco Kwikshift, iFridge To Go ongafaka kuyona iziphuzo, iWhizza mixer, iRapid Ironing Board Cover kanye ne-stand - kwenani likaR2 000.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuwina ihampa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli lomgwaqo nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini bese ukuthumela kuleli kheli: BONA/Slinky Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe SLINKY ku- 35919.
imititilizo
BONA ZULU – September 2007
I-Dream Cream…
Sikwethulela ukhilimu ophambili wasemini nasebusuku owondla zonke izinhlobo zesikhumba - iDream Cream.
Lo khilimu wemvelo wenzelwe ukuswakamisa isikhumba sakho ukuze sivuseleleke sibe sisha. Uphinde futhi ugqamise ibala laso, usishiye sithambile, sibushelelezi, sisihle ngokwemvelo.
UBONA unamashubhu onikezela ngawo angu-40 eDream Cream, abiza R75 lilinye. Ukuze uzibeke ethubeni lokuthola elilodwa - kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli lomgwaqo nenombolo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, ukuthumele kuleli kheli: BONA/Dream Cream Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe DREAM CREAM ku-35919.
Umpompi weziphuzo ezilula
“I-SodaStream yengeza impilo emanzini” kanti kulula ukuyisebenzisa. Ngokucindezela inkinobho, ungenza isiphuzo esiqabulayo esesilinde wena ukuba usifake amaqhwa.
I-SodaStream isiqhamuke nezinhlobo ezingu-21 ezinokunambitheka okwehlukile ezingenashukela zesithako se-isotonic sport neze-ice tea. Lesi siphuzo ungazenzela usekhaya ngezinhlobo ezehlukene kanti ngaso ngeke uyikhalele imali yakho. Njalo cabanga ngeSodaStream.
UBONA unamahampa angu-9 abiza R449 iyinye anomshini weSodaStream nezinhlobo ezingu-9 zokunambitheka okwehlukile onikezela ngawo.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuwina, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli lomgwaqo nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kanye nesiqubulo seSodaStream, ukuthumele kuleli kheli: BONA/SodaStream Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
Okuvuselela umzimba
I-stress, ukungadli kahle, ukuba buthaka nokugula - yizinto ezingeke zisasilokotha ngenxa yosizo lwezakhamzimba ezixube okuthathu ndawonye, leyo iMultibionta®. Lo mkhiqizo uqukethe ama-probiotics, amavithamini nama-mineral kanye nakho konke okudingwa wumzimba wakho ukuze ube sesimweni sendalo ube ngumqemane.
Ngakhoke ngisho ngabe uyavakasha uya endaweni ekude, noma uzizwa ukhathele, noma ufuna ukuziqabula ngezakhamzimba zekhwalithi - khetha iMultibionta®.
UBONA uzophakela abafundi abangu-12 ngeMultibionta® ebiza R6 000, izinyanga ezintathu.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuphakelwa lo mkhiqizo, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli lomgwaqo nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini. Ikheli lithi: BONA/Multibionta® Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe MULTIBIONTA ku-35919. [z]
Usuku lokuvala: mhlaka
28 September 2007
(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Izipho zikaR18 000
BONA – August 2005
