zulu.1315.health
ezempilo
Mabadle izithelo
Phephisa isixubho!
Angu-750 000 amagciwane asabalala emoyeni njalo uma ushaya indlu yangasese ngokocwaningo lwaseBritain. Beka isixubho sakho ekhishini kunase-bathroom - noma usifake kwisibulali magciwane usihlanze njengoba usuke uhlanza ibhodlela lengane.
Likhona ithemba kubazali abanezingane ezingazifuni izithelo nama-veg ngokukaPriya Lalla onguchwepheshe wezokudla kwabeSA Sugar.
Abacwaningi ababesebenza ezikoleni ezimbili zaseMelika bathola ukuthi "izingane eziningi zazizidla izithelo uma sezilungiswe kahle ziyiphuze nejusi," kusho yena.
Ngokusho kwakhe kufanele wenze ukuba kube lula ukudla i-apula ngokuliqoba noma ucwecwe iwolintshi.
BONA ZULU - September 2007
Okuqinile
IQINISO: Ukuphuma kwezinyembezi uma ukhala kungathatha imizuzu eyisithupha.
Ingane mayinganikwa ukudla okwenzelwe izingane ezincane kuphela ngokusho kukaGill Rapley weFriendly Baby Institute ye-UNICEF. Ingane ungayipha ukudla okuqinile emva kwezinyanga eziyisithupha incela ibele - ingazifunza yona ukudla ukuze ifunde ukusebenzisa izandla namehlo. Ngeke iqunjelwe ngoba izodla okulingene.
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Abadlali bebhola, abagijimi nabanye abadlali akulula ukuba baphathwe yizinyawo kanti bayisikhombisa kwabayishumi abantu abaphathwa yilesi sifo empilweni.
Izimpawu zaso eziba nenkani zibandakanya ukubaba kwezinyawo nokushisa kwazo, ukuxebuka nokuklayeka kwesikhumba sophe. Zivikele ngalokhu kulesi sifo:
n Gcina izinyawo zomile ikakhulu phakathi kwezinzwani.
n Gqoka amasokisi enziwe ngokotini noma ngewuli noma ngofayibha ukuze adonse umswakama.
n Shintsha amasokisi njalo.
n Gqoka izicathulo ezingenwa wumoya.
n Qiniseka ukuthi izicathulo zomile ngaphambi kokuzigqoka.
n Ungazigqoki izicathulo uma usekhaya.
n Gqoka izicathulo ezingangenwa amanzi uma ugeza endaweni esetshenziswa umphakathi.[z]
Ukuphathwa yizinyawo
Khulumela kweyosobunxele
Ngabe abantu abakuzwa kahle uma ukhuluma" Uma kunjalo khulula umoya wakho ngokwenza okutholwe wucwaningo olwenziwe eSam Houston University eTexas - abantu bayilalela kahle inkulumo yakho uma ukhulumela endlebeni yangakwesobunxele kuneyesokudla!
Inhliziyo encane!
Abesimame abakhulelwe abaphatheki kahle uma behlushwa yinhliziyo encane - kodwa lokho kungehlisa amathuba okuba baphathwe wumdlavuza webele. Abacwaningi base-University Of Buffalo eMelika bathola ukuthi labo eba mandla kubona kakhulu le nkinga baphephe kakhulu kulo mdlavuza.
IQINISO: I-caffeine esekhofini ikhuphula i-blood pressure amahora amathathu.
BONA - August 2005
