zulu.1024.blockpuzzle
BONA ZULU – March 2007
BONA Block Puzzle
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomculi waseSouth Africa ezikweleni ezimnyama.
No 65
WINA! WINA! WINA!
AMAHAMPA AMA-CD ABIZA
R6 000!
AKEKHO umculi wasekhaya obeke induku ebandla lapha nakwamanye amazwe njengoba kwenze uMiriam Makeba. Njengamanje ama-albhamu kaMiriam athakwa kabusha ukuze abe seqophelweni eliphezulu kuphuculwe nomsindo wesigqi sawo kanti azokhishwa kwiCD okokuqala ngqa.
Kule nyanga uBONA nabakwaGallo banikeza abafundi bakaBONA ithuba lokuwina amaCD e-classic ayisithupha alesi sihlabani saseSouth Africa ukuze baqale ukuziqoqela wona.
Nanka azowinwa: WELELA – enye yamaCD akhe adume kakhulu okuboshelwe kuyona ingoma ethi Welela, kanye neSoweto Blues nePata Pata; COUNTRY GIRL – kubandakanya neClick Song yodumo kanye neThe Lion Cries (Mbubo); A PROMISE – enemicu eminingi efana nethi Mama neHauteng ebhalwe nguCaiphus Semenya; SABELANI – eneMalaisha (Bring The Axe), eyabhalwa yiManhattan Brothers; EYES ON TOMORROW – lapho uMiriam ecula khona noNina Simone noDizzy Gillespie, ne-AU THEATRE DES CHAMPS ELYSEES – enye yamakhonsathi akhe aba nesasasa eyayibanjelwe eFrance okukhona kuyona imicu efana nethi I Shall Sing, Malaika nethi Amapondo.
Ukuze uwine
Gcwalisa izikwele ukuze uthole igama elifihlekile kwezimnyama. Bhala impendulo kwi-postcard ufake igama lakho nekheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Miriam Makeba March Block Puzzle No 65, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe MIRIAM ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Kuvalwa mhlaka: 30 March 2007
