zulu.865.sisstars
ESITHOMBENI KULINGISIWE
NGINEMINYAKA engu-45. Ingu-20 iminyaka ngishadile kanti nginezingane ezimbili esezikhulile. Inkinga yami wukuthi ngibona sengathi ngilubulele uthando emshadweni wami. Ngikhuluphele, angimuhle, anginamdlandla kanti sengimdala. Angikwazi ukumnika uthando umyeni wami noma ukuzenza ngibe muhle. Uma ngizibuka esibukweni angisithandi isimo sami.
Ngidinga usizo ngoba angifuni ukulahlekelwa wumyeni wami nakuba ekhombisa ukungabi nankinga ngami.
Ongemuhle, ePitoli
Kunezigidi ngezigidi zabesimame abazinyeza njengawe emhlabeni - bathi bakhuluphele, ababahle, abanamdlandla kanti babona sengathi badala. Okuhle wukuthi kukhona ongakwenza ngale nkinga. Akukho esingakwenza ngeminyaka yakho, kodwa uzokhululeka uma ulungisa okunye kwalokhu okubalile.
Okokuqala, vakashela udokotela wakho ukuze akuhlole.
Kungenzeka ukuthi ungena esigabeni sokunqamuka kwesikhathi sakho njengoba usukhulile. Kusho ukuthi ngeke usakhulelwa uma ungasayi ezinsukwini zakho.
Lokhu kwenzeka ngokwemvelo kumuntu wesimame kanti kwenza abe nolaka noma akhandleke ngokwengqondo abe nesithukuthezi. Udokotela angakusiza.
Ukukhuluphala kungenza uphelelwe amandla. Uma uzivocavoca umzimba wakho ukhipha amakhemikhali enza uphatheke kahle, okuyiwona enza uhlale weneme avuselele ukuzethemba kwakho nokulangazelela ukuya ocansini.
Ukuzinyeza akuthinti indlela obukeka ngayo kuphela kodwa kuthinta nesimo sengqondo yakho. Uma uzitshela ukuthi umubi, abantu bazokubona kanjalo.
Ngesikhathi abesimame bekhula, bayayemukela imizimba yabo ngisho noma benezici ezithile.
Shintsha ongakushintsha kanti uma ungenankinga ngezingalo zakho ezinkulu ungabi namahloni ngazo. Ubuhle bungaphakathi kuwena kanti yilobo buhle umyeni wakho abubonayo.
Mhlawumbe lesi yisikhathi sokuzama okusha empilweni. Wake wacabanga ukujoyina isitokifela noma inhlangano yabesimame?
Kuhle ngoba uyabona ukuthi ukungazethembi kwakho kulimaza uthando. Zethembe ushintshe ongakushintsha uziqhenye.
Ufuna imali yami kuphela
Sashada ngo-2001 kanti kwakukahle sisenonyaka sishadile. Manje ngineminyaka engu-30, nginengane eyodwa engayithola ngingakashadi kanti angithokozile neze. Umyeni wami akasebenzi kanti uthanda abantu besimame. Uze abakhulelise.
Isithunzi sami usehlisile. Izintombi zakhe ziyangidelela.
Ngiyasebenza kanti ngicabanga ukumdivosa ngoba uthi indlu engayakha ngemali yami eyakhe. Akasangithandi, uthanda imali yami kuphela. Engingakufuni kakhulu ngaye wukuthi uma sixabana ufaka nengane yami. Nginovalo lokuthi uzosibulala ngelinye ilanga. Ngisize...
Okhathazekile, Umzimkulu
Umyeni wakho akakuhloniphi kanti akukuhle ukuthi uhlale ungakhululekile ngenxa yakhe.
Qaphela njengoba esekusabisile. Ngabe ngeke akusize amalungu omndeni noma umfundisi wenu kule nkinga?
Ngibuza lokhu ngoba udinga abantu abasondelene nawe abazokhuluma nomyeni wakho bamtshele ukuthi ufuna nidivose.
Kungaba kuhle udayise noma uqashise ngendlu yakho uhlale kwenye indawo. (Mhlawumbe umqashi wakho angakuzamela isikhala kwenye indawo.)
Akukuhle lokhu akwenzayo njengoba ephehla uthuthuva ekhaya lenu - kodwa nawe kufanele uzicabangele. Izintombi zakhe ziyakudelela kanti anizwani. Ukuphepha kwakho kumqoka kakhulu kanti kuhle uthuthe usuke eduze kwale ndoda ungabe usaxhumana nayo.
Qina uthathe isinqumo ngempilo yakho. Uzozifaka kwenkulu inkinga uma uvuma ukuba akushintshise umqondo wakho akuyekise ukuba umdivose.
Thola neseluleko kwabomthetho njengoba umuzi wakhiwa uwena.
Ngicabanga ukuthi uyayazi manje into oyifunayo njengoba sekuphele iminyaka eyisithupha uphila impilo emuncu kanti kufanele ucabangele wena nengane yakho.
Usemncane, usothandweni
Ngiyintombazane eneminyaka engu-14 kanti ngifuna ukwazi ukuthi kuhle yini ukuthandana nomuntu ongaphansi kwami? Ngabe kuhle ukuthi owesimame azicelele uthando kowesilisa?
Ubona kanjani ukuthi lowo muntu ukuthanda ngempela?
Odidekile, Botswana
Ukuphendula umbuzo wakho wokuqala, akukho okubi uma intombazane ithandana nomuntu ongaphansi kwayo ngeminyaka. Uma wena nesoka lakho ningenankinga ngalokho, ngabe kubalulekile ukuthi abanye abantu bacabangani? Abantu bazokhuluma kanti kungenzeka kungakuphathi kahle ozokuzwa.
Ngabe owesimame angashela umuntu wesilisa? Njengoba uneminyaka engu-14 kulula ukuthi abantu badlale ngawe kanti bangakuthathisa okomuntu okhohlakele. Ungakumela lokho? Akekho umuntu oneminyaka engu-14 ongakumela lokho ngakhoke linda uze ukhule.
Ngeke kube lula ukuphendula umbuzo wokugcina ngoba usemncane. Uma intombazane esencane ithandana nomfana, izitshela ukuthi lolo thando "ngolweqiniso" - lokho kuphela uma lowo mfana esebone enye intombi noma uma intombi ithola elinye isoka.
Lokhu sikubiza ngokuthatheka. Ubona emva kokuthandana nabantu abambalwa ukuthi babengabalulekile njengoba wena wawucabanga.
Ngabe ngiyi-ATM yakhe?
Nginentombi ehlala ePitoli enezingane ezimbili eyazithola komunye umuntu. Sasixabana kakhulu sagcina sesihlukene. Uma kuphele inyanga iyangivakashela ifune imali ihambe. Sineminyaka emine sindawonye kanti angazi noma idlala ngami yini ngoba ngibona sengathi izifunela imali yami. Ngenzenjani?
Themba, Alexandra
Uma ungasathandani nale ntombi kusho ukuthi akukho okukweleta yona?
Kufanele kukukhanyele ukuthi kuwena ibona umuntu ozoyisiza ngemali ngisho noma ningaqhubeka nithandane.
Funda ukuthi "Cha!" uyitshele ukuthi ayihlukane nawe. [z]
AMANDLA OKUPHILA
SIZANI!
Angimuhle
USis Sarah
uzokusiza aphendule yonke imibuzo yakho aduduze nabalusizi
Bhalela kuleli kheli:
Ask Sis Sarah,
Box 32083, Mobeni
4060.
Qaphela:
USis Sarah
akaqeqeshelwe ukuxazulula
izinkinga ezithinta impilo.
ISIHLABANI SALE NYANGA
Umdlali webhola owazalwa ngomhlaka 22 December 1982
Umbhali wezebhola wathi ngomdlali ongowokuzalwa eSoweto:"Lo mdlali unekhono lokubamba ibhola nelimangalisayo ekuliphaseni." AbakwaMcDonald basanda kumqoka njengenxusa lokudla kwabo nge-World Cup ka-2010.
IZINKANYEZI
BONA ZULU January 2009
Uma usothandweni, lesi yisikhathi esihle sokuluvuselela. Uma ungawedwana, hlale uvule amehlo ngoba uzomthola umaqondana ngokuzitholela umuntu omusha.
Uthando lwakho lubukeka luthembisa, ngakhoke qala manje wenze izinhlelo zekusasa nesithandwa sakho. Uma ungawedwana uzokuba sothandweni.
Vuselela uthuthukise uthando lwakho ngokuba nomoya wokumnakekela omthandayo. Kubalulekile ukuthokozela ubumnandi ndawonye.
Kunethemba lokugcwaliseka kwesethembiso, ngakhoke ungabe usachitha sikhathi ekwakheni uthando oluhle. Uma ungawedwana ungase umthole umaqondana.
Lesi kufanele kube yisikhathi senjabulo. Wena nesithandwa sakho kuzodingeka ukuba nithathe izinqumo ezibalulekile. Sheshisa izinto uma ungawedwana kodwa futhi kukhona ozikhipha naye.
Uthando nokuba ndawonye kungaba ngokwakho uma ungumuntu ongenamfihlo. Uma ungawedwana themba imicabango yakho ngoba ngeke ikudukise.
Yisikhathi sokuba ukhombise uthando olujulile. Nawe uzoluthokozela uthando uma udlala indima yakho ngokuyikho. Khombisa okukhulu ukuzinikela othandweni.
Imizwa yakho inamandla okukulawula nokuyinto enzima okungelula ukuyilawula. Ngakhoke uma ungawedwana, usukulungele ukuba sothandweni.
Uthando luyohlale luthokozeleka, ngakhoke lesi yisikhathi sothando lweqiniso. Khombisa okukhulu ukunakekela kumuntu wakho.
Ukuba ndawonye kwenu kuzoluqinisa uthando lwenu. Uma ungawedwana uzothola izinto ezizokusondeza konesifiso sokuzwana naye ngakwezothando.
Kuningi ongakwenza ukuthuthukisa uthando lwakho uma ungumuntu osothandweni. Uma ungawedwana, kukhona ongase akhombise ukuba nomdlandla kuwena.
Ukhombisa okukhulu ukunakekela ngokothando. Uthando onalo yilo oluyisisekelo esihle ongakhela kuso ubuhlobo baphakade nesithandwa sakho.
IZINKANYEZI ZAKHO
