zulu.862.yourcelebs_township
I-SOWETO
KaBra Georgie
ILOKISHI LAMI, ISIHLABANI SAMI
U-Bra Georgie wazalelwa kuleli khaya eliseSoweto eWhite City Jabavu.
Igama lakhe nguDarlington Michaels, kodwa iSA imazi njengoBra Georgie weSidingo. Sijoyine njengoba lo mdlali esikhombisa indawo akhulele kuyona
IKHAYA LAKHE ELIDALA
U-Bra Georgie wayengabaza ukusiyisa endaweni akhulele kuyona ukuze asikhombise izindawo ayezihambela engakadumi. Kodwa samncenga sathi okungenani makasikhombise isitaladi ayehamba kusona uma eya noma ebuya esikoleni.
Akuphelanga ngisho nemizuzu emihlanu sibone leso sitaladi ngesikhathi uBra Georgie esiyisa ekhaya akhulela kulona emamatheka.
Wasitshela ukuthi akukuningi osekushintshile kulelo khaya ngesikhathi sime esangweni lomuzi ayehlala kuwona nabazali bakhe, udadewabo nabafowabo ababili.
Ngazibuza ukuthi ngabe abalandeli balo mdlali bayazi yini ukuthi ukhulele endaweni engesibo ubukhazikhazi njengalena futhi eyayiyingozi ngoba ngaleso sikhathi eWhite City Jabavu eSoweto izigebengu zazizicanasela.
U-Bra Georgie wasikhombisa nekamelo azalelwa kulona ejabulile.
UMA STOCKY
U-Anna Polotse owayengumakhelwane kaBra Georgie usahlala kulowo muzi ayehlala kuwona. UMa Stocky, igama uGeorgie ambiza ngalo, wasitshela ukuthi babemdlalisa ngelikaNdebs uBra Georgie kanti umama wakhe wayengumama ophilayo. Uthi wayengazitotosi izingane zakhe kanti wafundisa uNdebs ukuwasha noku-ayina izingubo zakhe.
“Umama wami wayethunga ebhaka,” kuqhuba uBra Georgie.
Ulwazi alucosha kumama wakhe olwenza akwazi ukusika ingqephu yakhe – kubandakanya namahembe amahle awagqoka kwiSidingo!
WAFUNDA I-GEOGRAPHY NGESIBHUNU
Sadlulela eMorris Isaacson eRockville lapho uBra Georgie ayefunda khona.
Imfundo yamabanga aphansi naphakeme wayenza kulesi sikole. Ngokusho kwakhe, ngaleso sikhathi zazingakaqali izidubedube zika-1976 kanti kwaqala ngonyaka afunda ngawo kulesi sikole ukuthi baphoqwe ukufunda ngesiBhunu. “Sasifundiswa i-geography ne-history ngesiBhunu,” kuqhuba yena.
UGOGO U-ETHEL
UGogo u-Ethel Mudau oyisakhamuzi saseDube uthi uBra Georgie wayebalwa ezinganeni ezazizithobile zihlonipha endaweni. “UNdebs sasimthuma noma kuphi anganqabi. Ngifisa sengathi izingane zingahlonipha njengaye,” kusho yena.
U-Bra Georgie wasitshela nokuthi umnyeni kaGogo Ethel wayedume ngokwenza amaphathi kanti uBra Georgie nabangani bakhe babengena bacashe ngemuva kwezihlalo namatafula ubusuku bonke bazitike ngokudla nangotshwala.
“Babesibona ekuseni sesiphuzile!” kusho uBra Georgie.
IJOYINTI LIKA-UNCLE DAVE
Kwakukhona nejoyinti likaDave Motsamai lapho uBra Georgie nabangani bakhe babeya khona baphuze ubhiya badle nenhlanzi.
“UMama uBabes Motsamai wayengethemba engikweletela azi ukuthi ngizomkhokhela uma senginemali. Ngangifika kwakhe ngingene ekhishini ngoba ngangazi ukuthi ungibekele iniphu,” kusho uBra Georgie.
Leli joyinti lisekhona kanti lalikhonzwe yizihlabani zebhola ezinjengoSugar Motale no-Alfred “Russia” Jacobs ababedlala kwi-Orlando Pirates ngokukaBra Georgie.[z]
Indaba: Force Khashane
Izithombe: Shaun Smith
U-Bra Georgie eseRockville esikoleni afundiswa kusona i-geography ne- history ngesiBhunu.
▼U-Bra Georgie no-Anna Polotse – noma u “Ma Stocky” kanti izingane zakule ndawo zisambiza kanjalo.
▼U-Bra Georgie emi ngaphandle ejoyintini lika-Uncle Dave!
I-DUBE VILLAGE
Lapha uBra Georgie unomzala wakhe uMojalefa Nchabeleng. U-Bra Georgie wayeneminyaka engu-16 ngesikhathi umndeni wakhe uthutha uyohlala kwa-anti wakhe eDube Village indawo eyayithathwa njengephambili.
Umcabango wokuba ngumdlali okhokhelwayo wamfikela esehlala eDube. U-Gibson Kente owayebhala imidlalo yeshashalazi wayehlala kule ndawo. “Ngenza inhlolo-khono kwaBra Gib ngaphumelela,” kusho uBra Georgie.
“Zintathu izinto uBra Gib ayezifuna kumdlali. Kwakufanele abe nekhono lokudlala, lokucula nelokudansa. Ngangizazi zonke lezo zinto.”
UBra Georgie wayebuye abe neso lokubona amantombazane.
“Ngaleso sikhathi umama wayesebenza emahhashini esiphathela iziphuzo nokudla ayekuthatha emsebenzini,” kusho uBra Georgie. “Sasimema abangani nama “cherrie” zidume!
“Umama wayezivalela ekamelweni lakhe ukuze angaboni ukuthi senzani!”
