zulu.856.zinhle
Sixoxisana noDJ Zinhle
Akufanele ukukholwe konke okuzwa kushiwo ngoZinhle, akahlanganise lutho noDJ Oskido kanti ufuna ukukhuthaza nabanye oDJ besimame - aphrojuse izigidi zama-albhamu
USEJOYINE oDJ besilisa abadansisa abantu kuze kuyovalwa uma kunamaphathi. "Kungenzeka ukuthi amadoda ayangisaba," kusho uDJ Zinhle. "Ngisafika kule ndima ngangishelwa kodwa manje abasasondeli eduze kwami."
Bamsaba kufanele. Abadansi badansela izingoma azidlala kwiJika Majika kuSABC1 nakwi-Oskido yeYFM - usethole inqwaba yabalandeli ngama-show awashayela bukhoma eMzansi nase-Europe.
Okuthikameza umsebenzi wakhe, amahlebezi okuthi uyilokhu ayikona namuhla ngenxa kaDJ Oskido.
"Lezo zinkulumo ziyingozi emsebenzini wami," kusho uZinhle oneminyaka engu-25.
"Kunzima ukuphila nazo kodwa engikwaziyo wukuthi nginguDJ wesimame ozakhele igama eSouth Africa kule mboni yomculo ebuswa abesilisa.
"Mhlawumbe akulula ukuthi abantu bancome umsebenzi wami yingakho nje bethi ngidume ngoba ngiya ocansini no-Oskido.
"U-Oskido uthi angingabanaki abantu ngoba bayakhuluma uma uqhuba kahle emsebenzini wakho.
"Ngiyawuhlonipha umsebenzi wami ngeke ngiwuthunaze ngokuqoma."
Usohlwini lwabesimame abasizwe u-Oskido ukuze baphumelele kule minyaka elishumi edlule njengoba asiza uThandiswa weBongo Maffin, uNhlanhla weMafikizolo noTina noZonke.
U-Oskido wabhuka uZinhle embhukela ikhonsathi ye-birthday yeYFM ngo-2006 emva kokuba ezwe umucu wakhe owodwa ayewuthakile.
"Zaqala lapho izinto ukwenzeka kodwa nganginovalo lokuthi ngizoshaya into ephansi," kusho kuvuma yena.
"Nginenkinga yokuba namahloni kodwa ngiyinqoba ngokwenza umsebenzi wami ngokuzimisela."
Wayengazelele
UZinhle ukhulele eDannhauser, eKZN. "Isiteshi sokusakaza engangisilalela kwakunguKhozi FM," kusho yena.
"Ngangilalela izingoma zikaWhitney Houston, Mariah Carey neBoyz II Men ukuze ngifunde amagama esiNgisi. Ngangingahlosile ukuba nguDJ - ngangifuna ukusebenza kwiTV kuphela."
Wayeneminyaka engu-18 ngesikhathi eya eJozi eyokwenza izifundo zokwethula izinhlelo kwiTV. I-camera yayimfanela - kodwa enamahloni okuvivinyelwa ukusebenza nethimba likaSimunye nokusebenza ezinhlelweni zentsha.
Waphindela ekhaya ehlose ukuzama omunye umsebenzi. Ngo-2002 waphindela eJozi eyokwenza izifundo ze-marketing efuna nokuthola indlela yokuvula ibhizinisi.
Wathola ukuthi unekhono lokuthaka izingoma engazelele. "Ngaqala ngokudlala izingoma emshinini kamfowethu," kusho yena.
"Ngo-2004 ngathola ithuba lokudlalela umphakathi. Ngadlala izingoma ezimbalwa komunye umcimbi emva kokuba engafikanga uDJ owayezodlala kuwona. Emva kwalokho ngathola izimemo.
"Ngazama ngawo wonke amandla ukuxhumana nabantu abenza lo msebenzi. Baningi abesimame abanekhono eSA abathanda ukusebenza emphakathini.
"Nginezinhlelo ezisabalele kanti ngithemba ukuthi ngizoba yisibonelo esihle kwabesimame abahlose ukwenza lo msebenzi."
Wacijeka
Ngesikhathi uZinhle edlala ngaphambi kokuba kuqale umdlalo webhola omkhulu, u-Unathi Nkayi weMetro FM wamkhombisa ukuthi angazisanganisa kanjani izihlwele ezazilinganiselwa ku-60 000.
"Ngangijahe ukudlala umculo wami kodwa u-Unathi wathi angilinde. Wathatha i-microphone wamemeza igama lami. Abantu basukuma bama ngezinyawo bamemeza bathi: 'Zinhle! Zinhle!' ngesikhathi ngidlala.
"Kwangikhanyela ukuthi kumele ngiphrojuse amarekhodi ami njengo-Oskido."
Lelo thuba uZinhle ulithole ngokwenza ama-show eJika Majika noThembi Seete.
Manje uThembi ufuna ukuba uZinhle aphrojuse umucu wakhe oxube umculo kamaskandi ne-house ozovala igebe eliphakathi komculo wesintu nowasedolobheni.
"U-Oskido ukhaliphile kanti ufuna ukukhiqiza ama-albhamu ahlabahlosile," kusho uZinhle. "Ngifuna ukuba nguphrojusa wesimame wokuqala ozokhiqiza ama-albhamu azothengwa ubuthaphuthaphu. Lokhu uThembi afuna ukuba ngimenzele kona kuyigxathu elikhulu emsebenzini wami."
Unomuntu wakhe
UZinhle ushisa izikhotha kwezikaqedisizungu eMzansi kanti usethole izicelo zokudlala kwiTV, emsakazweni, nasemicimbini emikhulu. I-albhamu yakhe entsha kulindeleke ukuba ayiqede ngePhasika. Okushiwo ngaye akumqedi amandla.
"Ukhona umuntu engithandana naye - ngahlangana naye kwiSA Music Conference ngo-2005," kusho yena.
"Akahlanganise lutho nemboni yomculo kanti izinkulumo ezizwakala ngami azimhluphi neze. Sike sibonane emva kwezinyanga ezintathu ngoba okwamanje ngimatasa nomsebenzi wami." [z]
Ushisa izikhotha emculweni!
indaba nguDOUG GORDON
