zulu.854.soccer
Okumele
SIBABHEKE
ngo-2009
Sibhekisisa abanye babadlali beBafana abangasisiza
siwine eminye imidlalo kule sizini nabanye abasafika kuPSL abangagcina sebethole
ithuba lokudlala kwiBafana…
BONA ZULU January 2009
EZEBHOLA
◄Steven Pienaar.
SEZIHUBELA sakusha! I-South Africa kumanje isisalelwe yizinyanga ezingu-18 ngaphambi kokuba idlale emdlalweni wokuvulela imidlalo yeWorld Cup ka-2010.
Izwe elizodlala neBafana eSoccer City ngoJune 11 2010 liyokwaziwa ngoDecember ozayo. Umbuzo okhona ngothi, ngabe siyobe sesilungile?
Asikhulumi ngenkundla yebhola…
I-Bafana Bafana yaqala ukwenza amalungiselelo eminyakeni engaphezu kwemibili eyedlule. Ukuqashwa komqeqeshi owayehola ukubedlula bonke ucarlos Alberto Parreira kwakhombisa ngokusobala ukuthi iSAFA ihlose lukhulu.
Kwathi lapho iBafana isikhombisa izimpawu zentuthuko, wahamba uParreira kwafika uJoel Santana.
USantana naye wayengaphansi kwengcindezi…
Imiphumela ikhombisa ukuthi noSantana wakha ngendlela abalandeli abakade babeyilindele.
Ngeke lokhu
akwenze yedwa. nampa abadlali abane uBONA ocabanga ukuthi bayokwazi ukusedlulisa emzuliswaneni wokuqala
ngo-2010…
Ikhono analo ekudlaleni esiswini limenza abe ngomunye wabadlali abavelele kwiligi yaseNgilandi. Uyinkinga kubadlali basemumva kanti futhi uliphasa kahle ibhola nokuyinto engaba wusizo kakhuluezinhlelweni zemidlalo yeBafana. Ukulimala kumenze wangadlala emidlalweni eminingi yezwe lakhe kodwa waya emidlalweni ka-2002 eSouth Korea – nakuba engadlalanga.
Ngalokhu uzokube engomunye wabadlali abadala eqenjini lesizwe.
Ukuhlasela ngasezimpondweni, ngelinye lamaqhinga eBafana. Kulaphoke uTsepo odlala ngakwesobunxele emumva eqhamuka khona. Lo mdlali wadayiswa yiBenoni Premier United bemdayisela iMaccabi Haifa yakwa-Israel lapho esedlale isikhathi esingaphezu konyaka. Ikhono lakhe laqala ukubonakala ngaphambi kokuba adlale kwiPSL - nguyena mdlali kuphela ophuma eqenjini elisemazingeni aphansi lapha eSA osedlale emidlalweni yamazwe. Lokhu kwenzeka ngesikhathi eqokwa ukuyodlala kwi-African Nations Cup ka-2006 eGibhithe.
Kulezi zinsuku kungenzeka lo mdlali abange indawo yakwesokunxele emumva nesiqongqwane uBradley Carnell kanti angase aphumelele ngoba mncane futhi unejubane.
▲Tsepo Masilela.
Ukuqokwa ngumqeqeshi uCarlos Alberto Parreira nongumsizi wakhe wakwelaseBrazil uJairo Leal kukhomba lukhulu ngekhono lalo mdlali ngesikhathi esadlalela iLamontville Golden Arrows.
Le nsizwa isithat5he amehlo amakilabhu amaningi aseNgilandi kanti futhi isikwazile ukuba iziphendlele indawo eqenjini lesizwe lakuoleli iBafana.
Ukuphuthwa kwakhe amathuba kwenza ukuba iBafana ihlangabezane nobunzima emidlalweni yakamumva yokuhlungela. Ngisho kuthiwani, lo mdlali unalo ikhono kangangoba asingabazi uzokwazi ukubhekana nanoma yisimo esinjani ngo-2010.
Umdlali osemncane kodwa
onejubane
‘‘
▲Kagisho Dikgacoi
Lo mdlali weBafana wabolekwa ngemali engu-R8-million - lokho kukodwa kukhomba elimangalisayo ikhono. UMoon wahamba kubo eMphithi ekuqaleni kwemfundo yase-high school waya esikoleni sebhola iSchool Of Excellence, waba ngukapteni weqembu lakuleli lika-U14. Lo mdlali i-Ajax yamdlalisa ngasophondweni lokuhlasela, kodwa uParreira wamdlalisa emumva kwesokudla - nokuyindawo eyinkinga kwiBafana. UMoon ngomunye wabadlali abadlala kangcono kwiNations Cup eGhana ekuqaleni konyaka nokuyinto eyamenza wabonwa yiqembu laseGreece iPanathinaikos lamthenga ngezigidi.
▲Bryce Moon.
BONA ZULU January 2009
►
UMQEQESHI ESINGAMBHEKA
UManqoba Mngqithi akakaze adlale ibhola emazingeni aphezulu kodw ukhombisile ukuthi lokho akusho lutho. Le nsizwa eyayinguthisha ibilokhu iwufunda kancane kancane lo msebenzi wayo omusha njengoba isebenze wemakilabhini amaningi afana noMaritzburg United, Royal Tigers ne-University of KwaZulu-Natal ngaphambi kokujoyina i-Arrows ngo-2005.
Wayengumsizi kaKhabo Zondo nokwathi emva kweminyaka emibili, wathatha izintambo zokuqeqesha.
◄
IZIHLABANI ZEBHOLA ESINGAZIBHEKA KULO NYAKA
(Lamontville Golden Arrows)
I-Kaizer Chiefs yamenqaba ngesikhathi esemncane - nokuyisinqumo engicabanga ukuthi bayazisola ngaso manje.
USenamela ngumdlali onekhono ekuphaseni ibhola elidlulisa esiswini kanti futhi ungomunye .
wabadlali ababe nesandla ekuqaleni kahle kwaleli qembu le-Lamontville Golden Arrows kule sizini yePSL.
Uma kwenzeka lo mdlali eqhubeka ngendlela adlala ngayo kulezi zinsuku, angase aziphendlele indawo eqenjini lesizwe
iBafana Bafana.
(Ajax Cape Town)
IBafana inenkinga ngendawo yomdlali wasemumva kwesokudla, kodwa lokhu kubukeka sekuzokuba nesixazululo njengoba sekukhona u-Allie. Ikhono lakhe ligqama kakhulu lapho egijima ngasezimpondweni ehlasela ethumela amabhola kubagadli beqembu lakhe. U-Allie waqala ukudlala kwiBafana ngoSeptember 2008 kanti ubukeka esazohlala uma eqhubeka nefomu yasekilabhini yakhe.
(AmaZulu)
Isihlabani somqeqeshi uClive Barker ucabanga ukuthi uVan Heerden uyoyithola indawo kwiBafana Bafana emumva kwesobunxele ngesikhathi semidlalo yeWorld Cup ka-2010.
AmaZulu aba nenhlanhla yokuba asayinise lo mdlali kuqala njengoba wayegaqelwe amaqembu amaningi amakhulu.
Lo mdlali mfishane ngokwesidumbu kodwa uyisikhondla esinamandla ukukhonzile ukushoshela phambili.
(Thanda Royal Zulu)
Le nsizwa kubhekeke ukuba ithengiswe ngemali engu-R10-million eqenjini laseSweden - lokho kuzokwenzeka uma iqembu laseGerman lingamthathi. UParker kwabaningi wenza izimanga ezazenziwa nguBennie. Kuyacaca uma engashaya uhhafu wamagoli ashaywa ngubennie eqenjini lesizwe, uzozakhela igama njengeqhawe lesizwe.
(Bloemfontein Celtic)
Lo mdlali weCeltic oyi-winger ugijima yonke indawo enkundle. Unekhono elimangalisayo elingaba negalelo ekusizeni iqembu lakhe.
Kumanje iningi labadlali basemumva bamaqembu ehlukene cishe sebeyazi ukuthi lo mdlali uyingozi engakanani kanti futhi unekhono lokujika nebhola… [z]
Indaba: Mark Gleeson
Izithombe: GALLO
BONA ZULU January 2009
Ubukeka ezokuba yiqhawe lesizwe ngendlela adlala
ngayo
‘‘
◄Kagiso Senamela.
I-MOROKA SWALLOWS – IQEMBU LE-PSL ESINGALIBHEKA
Lezi ‘zinyoni’ zaseDube zingezinye zezingqalabutho zebhola lakuleli, nakuba ngeshwa emakhabetheni ezindebe zalo sekuphele iminyaka izinkomishi zingabonwa.
Umqeqeshi walo omusha wakwelaseBrazil uJulio Leal usebe nomsebenzi onzima wokukhuthaza usiko lokudlala ngokuzimisela ukuze abe neqembu angathembela kulona. Kumanje sezikhona izimpawu zempumelelo njengoba enabadlali abafana noLefa Tsutsulupa, David Radebe noMorgan Shivambu nabanye.
◄Nazeer Allie.
▲Bernard Parker.
◄Marc van Heerden.
