ZULU.1314.surfer e
BONA - August 2005
TOSTEE.COM
UNEMINYAKA engu-16 nje-vo kodwa abaxhasi sebemfuna ukhasha kanti naye uLungani Memani uyavuma ukuthi ngabe uzidlalela ibhola emigwaqweni ewubhuqu yaselokishini iNelson Mandela Township empumalanga-koloni esikhundleni sokuvakasha emhlabeni jikelele - nokuba akhokhelwe ngokwenza umdlalo we-surfing (umdlalo okugitshelwa kuwo ibhodi olwandle).
Nakuba amabhishi akule ndawo yasePort Alfred yokuchitha amaholidi eseduze kodwa kwabaningi abakhele le ndawo, kubukeka sengathi aqhele ngamamayela ayisigidi.
"Sinamabhishi nolwandle oluhle kodwa bonke abantu baselokishini bayesaba ukwenza umdlalo we-surfing ngisho nokubhukuda imbala," kusho le ndodana yongumapendana ngokwetoho nobuye aziphilise ngokuthengisa ama-veg nama-fruit ezitaladini.
"Iningi labantu likholelwa ezintweni ezingekho kangangoba ngesikhathi ngiqala ukwenza lo mdlalo we-surfing, ngisho nabazali bami babecabanga ukuthi yinto embi, ngoba babesabela ukuthi ngizogcina sengicasule amadlozi."
Kodwa manje yibo abangabalandeli bakhe bokuqala.
"Kuyasithokozisa ukuzwa ukuthi uLungani ungowokuqala omnyama wakuleli ukuqokelwa ukwenza umdlalo we-surfing kuleli. Uziholela imali yakhe kanti baningi abantu abasha elokishini abafuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe. Uyavakasha ahlale nasemahhotela - okuyizinto thina esingakaze sizenze.
Ngaphandle nje kwe 'bala' - ochwepheshe bathi uLungani angaba ngomunye wabadlali balo mdlalo abaphambili asebake bakhiqizwa kuleli.
Ukuqokwa kwakhe ukungenela umqhudelwano weWorld Junior Championships eMelika ngo-October kungubufakazi bekusasa lakhe eliqhakazile.
"ULungani ungomunye wabaphambili kubadlali bomdlalo we-surfing beminyaka engaphansi kwengu-16 kuleli kanti wangena kuleli qembu ngenxa yemiphumela yakhe yomncintiswano," kusho uRobin de Kock oyimenenja jikelele yabeSurfing South Africa.
"Angaba yi-professional ahambe amazwe omhlaba, kodwa kuzofanele aye edolobheni elikhulu elifana neTheku esikhathini esizayo uma efuna ukuthuthukisa ithalente lakhe ngaphezu kwalokhu."
ULungani ongumfundi kaGrade 10 eNomzamo Secondary School uthi ufuna ukuqeda isikole ngaphambi kokuba abe yi-professional ngokugcwele kulo mdlalo nokuba avakashele amazwe omhlaba.
"Ngizimisele ngokuba yi-pro nokuba ngizibone ngingushampeni womhlaba ngelinye ilanga, kodwa futhi ngiyabona ukuthi kukhona okuyofanele ngibe nakho kokuziphilisa - njengemfundo," kusho uLungani.
Ngesikhathi uLungani eqokelwa iqembu lakuleli ngoMay elalizokuya emiqhudelwaneni yamazwe omhlaba, abantu ababethokoze kakhulu ngabomndeni wakhe nami.
"Iminyaka engu-15 ngihlala ngenza umdlalo we-surfing ePort Alfred kanti kade nganginesifiso sokuzama ukuba ngedlulisele uthando enginalo lwalo mdlalo ezinganeni zaselokishini."
Iminyaka eminingi eThekwini, ngeminyaka yo-1980 ngangenza lo mdlalo siwenza noBheki Dlamini ongumZulu.
Ngesikhathi ngigingqa isithupha ngifuna ama-lift ngisuka ezindaweni zabezambane likapondo ngiya ebhishi, uBheki wayedoja izimpi zasezitaladini KwaMashu egodle ibhodi lakhe lokwenza lo mdlalo.
Kwakuthi lapho efika emabhishi ayehlukaniswe ngokwebala
- nokuyilapho amagagasi ayemahle - adoje abaphathi bamabhishi ukuze bangamboni uma engena emanzini.
Ingqalabutho yakuleli uTony Mbedeni wazinikela ukuba afundise idlanzana lezingane zaselokishini lasePort Elizabeth ukubhukuda nokuba ngabahlengi bezimpilo olwandle (lifesavers) emva kwezigameko zokuminza kwabantu elokishini.
Njengoba ngangichitha isikhathi sami esiningi ebhishi ePort Alfred, uTony nami sasibonana noma kanjani. Ngesikhathi ethatha isinqumo sokufundisa izingane ezingu-20 umdlalo we-surfing, ngalisebenzisa nami lelo thuba...
Ekhuluma ngalezo zinsuku emva kweminyaka eyisithupha noTony osenza umsebenzi wokuba ngumakhenika, saphela yinsini sikhumbula indlela okwakuqokwa ngayo.
"Njengoba izingane zazingu-20, amabhodi okwenza lo mdlalo eyisithupha, kwakudingeka ukuba sibhukude siwelele ngaphesheya komfula iKowie - kuthi abangu-12 abafinyelele kuqala lapho, kube yibo abazofakwa eqenjini."
"Uyakhumbula ukuthi sasimpintshana kanjani evenini yakho siya ebhishi," kusho kuhleka uTony. "Abafana abayisithupha babeqala kuqala benze lo mdlalo we-surfing imizuzu engu-20 emva kwalokho badedele abanye. Lezo kwakuyizikhathi ezimnandi."
Ngokusizwa nguTony nomunye wabadlali bomdlalo we-surfing owaziwayo uWarwick Heny, umndeni wami nami sachitha iminyaka emithathu sizabalazela ukuthola amabhodi amadala okwenza lo mdlalo namasudi awo (ama-wetsuits) siwadlulisela kulezo zingane. Kulezo zingane ezingu-12 zokuqala, uLungani kuphela nomngani wakhe omkhulu uLuzuko Faxi abaqhubeka nomdlalo we-surfing.
Bobabili kumanje banemibala yezifunda kanti futhi baxhasiwe. Umsebenzi wethu sawenza sahlehla ukuze bazakhele ikusasa kulo mdlalo bathole nabangani abasha.
ULungani wawuthanda eqala ukuwenza lo mdlalo eneminyaka elishumi ewenza ngebhodi elaligugile ne-wetsuit eyayinkulu kunaye.
"Kwathi lapho ngigibela amagagasi okokuqala, kwaba sengathi ngingakwenza kaningi lokho,"
Imenenja kaLungani nguWarwick Heny. Njengamanje uLungani ungomunye wabadlali balo mdlalo beminyaka engaphansi kwengu-16 kanti ukleliswe kwabathathu bokuqala abaphambili kwabeminyaka yakhe lapha eSouth Africa.
UThandile Mkele onguthishanhloko eNomzamo Secondary School uthi lo mdlali osemusha oya ezakhela igama emdlalweni we-surfing ungomunye wabafundi abaphambili bakaGrade 10 esikoleni sakhe.
"Uyakwazi ukwahlukanisa phakathi komsebenzi wesikole nomdlalo awenzayo. Ungumfundi wokuqala ngqa walesi sikole ukuba abe seqenjini lesizwe kunoma yimuphi umdlalo. Siziqhenya kakhulu ngaye."
"Kufanele sizame kube khona esibafaka kulo mdlalo," kusho uLungani. "Ukube angizange ngilinikwe leli thuba, ngabe namanje ngisalokhu ngikhahlela ibhola elokishini.
"Umdlalo we-surfing wumdlalo omkhulu!"
@LiveWire
BONA ZULU - October 2005
Ushampeni wangomuso
Ugibela amagagasi!
indaba nguDAVE MACGREGOR
izithombe ngabe @LIVEWIRE
Insizwa yaselokishini eyenza izimanga emdlalweni we-surfing okumanje iqokelwe iqembu lakuleli labenza lo mdlalo...
NGENHLA: ULungani nomngani wakhe omkhulu uLuzuko Faxi naye onemibala yezifunda emdlalweni we-surfing.
KWESOBUNXELE: ULungani enza umdlalo we-surfing.
KWESOKUDLA: Ekuqaleni abazali bakhe babengahambisani nokuba uLungani enze lo mdlalo wasolwandle, kodwa manje yibo (nodadewabo futhi) abangabalandeli bakhe abakhulu.
BONA ZULU - October 2005
t
t
Kusukela ekuqaleni ngigibela igagasi lokuqala, ngalangazelela ukuqhubeka
NGENHLA: Amabhodi abo okuqala e-surfing... ULungani (kwesobunxele) noDave McGregor nabanye balo mdlalo abasafufusa.
BONA ZULU - October 2005
NGENHLA: Ukube kwakungesiyo imizamo kaTony, ngabe ithalente likaLungani alizange livele. Wasusa izingane ezitaladini wazifundisa ukubhukuda, ukudoba nokukhempa - okuyizinto ezazingakaze zizenze phambilini.
NGEZANSI: Usehamba izindawo ngomdlalo we-surfing...
Lapha ufundisa afunda nabo nge-surfing.
Umdlalo
we-surfing!
Entshonalanga baqala ukuzwa ngomdlalo we-surfing emva kohambo lukaCaptain Cook oluya eHawaii ngo-1778. KuseHawaii lapho lo mdlalo wokuma uhambe ngebhodi olwandle wenziwa ngcono khona.
Lo mdlalo wawuyingxenye yosiko lwabantu baseHawaii. Amakhosi nabantukazana babewenza lo mdlalo kodwa emabhishi ehlukene.
AmaKahunas (izangoma) zazihuba amahubo ngenhloso yokubusisa amabhodi amasha okuhamba olwandle zikhuthaze nalabo ababenza lo mdlalo.
Kodwa emva kokufika kwama-haole ("abelungu") umdlalo we-surfing wehla kakhulu cishe ngaphezu kweminyaka engu-150.
Ngeminyaka yama-20th Century, lo mdlalo wawusunyamalele kuleli lizwe leziqhingi. Kwathi ngo-1905, ithimba labantu baseHawaii laqala ikilabhu yokwenza lo mdlalo. Yayiholwa nguDuke Kahanamoku - owawina izindondo ezimbalwa ekubhukudeni kuma-Olympics - lo mdlalo waqala wasabalala emhlabeni wonke, wafika e-Australia ngo-1915.
Umdlali walo mdlalo owaduma uDuke waba ngumdlali wezithombe zaseHollywood kanti umdlalo we-surfing wawenza waze waba mdala.
Namuhla abenza lo mdlalo bangahola amakhulu ezinkulungwane zamadola emalini eyumklomelo kuphela ekubeni kukhona nabaxhasi...
UKelly Slater, okunguye odumile kwabangama-professional abenza lo mdlalo noseke wawina izicoco zomhlaba izikhathi eziyisithupha, kuze kube yinamuhla cishe usethole imali eyisigidi samadola aseMelika emincintiswaneni nesamba esicishe sifane kumakontileka. [z]
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Umshado ohlanganise amafa
Mina nomyeni wami sasishade ngendlela yokuhlanganisa amafa. Wangishiya esethandana nomunye wesimame abagcina ngokuba babe nezingane ezimbili naye. Wayesebenzela inkampani eyayimhambisa izindawo eziningi. Le nkampani yayihlele ukuba umamezala wami noma mina sizolanda ingxenye yomholo wakhe ehhovisi lakhe elikhulu eWelkom.
Wamshiya lowo wesimame esethole omunye wesimame futhi kodwa bangaba nazingane. Emva kweminyaka emibili wafa ebulawa yi-AIDS.
Lona wesimame anezingane naye, wahamba waya enkampanini okwakusebenza kuyo umyeni wami eyobuza ngemihlomulo efana no-provident fund nokunye.
Inkampani yamnika yonke imihlomulo.
Imantshi enkantolo yanginika isitifiketi okuthiwa yi-certificate of appointment esingigunyaza ukuba ngiphothule konke okumayelana nefa. Kwathi lapho ngifika enkampanini yomyeni wami nalokhu, bangitshela ukuthi bona banendaba nenhlalakahle yezingane kuphela.
Yini okufanele ngiyenze"
LL, Randburg
Isitifiketi owasinikwa yimantshi asiphathelene nokuthi imihlomulo ye-provident fund yomyeni wakho kufanele ngabe yakhokhelwa kanjani izingane.
Ngokwemininingwane osinike yona, kuyacaca ukuthi umyeni wakho wayekhokhela i-provident fund ngosizo lwabaqashi bakhe ukuze bamnike imihlomulo noma itholakale esefile kulabo abondlayo.
I-provident fund ilawulwa ngokomthetho wePension Funds Act No 24 of 1956 kanti iphethwe ngamalungu ebhodi elaziwa ngokuthi ama-trustee. USection 37C walowo mthetho uthi uma lesi sikhwama sesazi zingakapheli izinyanga ezingu-12 ukuthi oshonile unabantu akade ebondla, imali ikhokhelwa labo ababhalwe ngokusemthethweni efeni lakhe.
Ibhodi linamandla okusho ukuthi ngobani okufanele bahlomule noma bacaze imali ngendlela egculisayo.
Odabeni lomyeni wakho, ibhodi elengamele lesi sikhwama latshelwa ukuthi okuyibona bantu okufanele bathole imali yizingane lezo nawe okhulume ngazo encazelweni yakho.
Uma ukholwa wukuthi lokhu akuhambanga ngeqiniso, mhlawumbe ubona ukuthi nawe kukhona okwakufanele ukuthole, ngokomthetho uSection 30(a) of the Act, unalo ilungelo lokufaka isikhalazo sakho ngokuba ubhalele abalesi sikhwama ubeke izizathu zakho zokungagculiseki ngesinqumo.
Uma abebhodi behluleka ukubhekana nesikhalazo sakho zingakapheli izinsuku ezingu-30, noma ibhekana nesikhalo sakho kodwa wena ubona ukuthi awukaneliseki, usungadlulisela isikhalazo sakho koyi-Pension Funds Adjudicator.
Oyi-adjudicator uyobhekana nesikhalazo sakho kuphela uma ingakapheli iminyaka emithathu imali yakhokhwa.
AboPhiko loFezela bathi kufanele uxhumane nommeli ukuze akusize ufake isikhalazo sakho kulesi sikhwama.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - October 2005
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
