ZULU.853.health
Joyina impi yokulwa ne-HIV/AIDS ngalolu sizo
1 HLOLWA NGISHO UNOKWESABA
Bangu-5,7 million abantu baseSA abaphila neHIV/AIDS - kodwa kungenzeka babe yi-million kuphela abazi isimo sabo, ngokusho kukaDkt Ian Sanne oyiMD yabeNGO iRight To Care.
Njengoba ukukhuliswa kwengane kusondeza umama ohlelweni lwezokwelapha, njengasema-antenatal clinics, iningi labo liyasazi isimo sempilo yabo. Cishe bangu-27% abesilisa bakuleli asebake bahlolwa ngokusho kukaMiriam Mhazo oyimenenja yalolu hlelo kwabeNew Start.
“Lokhu kusho ukuthi izigidi zabesilisa abaphila neHIV/AIDS bayaqhubeka nokuyifafaza ngoba bengenalwazi lokuthi banayo. Ukwazi isimo sempilo yakho kuyakwakha - kukusize ekuhleleleni ikusasa eliqhakazile ngisho ngabe unalo noma awunalo leli gciwane,” kusho yena.
Lesi yisona sizathu somkhankaso we-A Man Knows owethulwa ngenyanga edlule. Abanye abaphambili kulo mkhankaso ngosaziwayo abafana noDJ Fresh, Lucas Radebe noMakhaya Ntini, kanti ubandakanya nengoma eyaqanjwa ngumculi uJohnny Clegg nokuyilapho owesilisa ecela abangani bakhe ukuba bamsize bameseke ngesikhathi ezilungiselela ukuyohlolwa.
“Ucwaningo lukhomba ukuthi abesilisa bakuleli banolwazi ngeHIV/AIDS kodwa iningi lethu lihambela kude nezikhungo zokuhlolwa ngenxa yokwesaba,” kusho uClegg.
“Yebo ukuhlolwa kuyesabisa, kodwa indoda yangempela ivikela labo abathandiweyo bayo, umndeni wayo nomphakathi ngokuhlolwa njalo ukuze yazi isimo sayo sempilo.”
2 YILWA NE-TB
Uma uHIV-positive kwaphinde kwatholakala ukuthi uneTB - gcizelela ukuthi welashelwe lezi zimo kanye kanye - ngokusho kukaPhrofesa Salim S Abdool Karim ongumqondisi wabeCentre For AIDS Program Research in SA. Ngokocwaningo lwasePrince Cyril Zulu Clinic, isibalo sabafayo sincipha ngokungaphezu kukahhafu uma iziguli zinikwa ama-ARV nemithi yeTB kanye kanye.
I-TB yiyona ehamba phambili ekudaleni ukufa kubantu abaneHIV e-Africa ngokusho kukaDkt Peter Piot, ongumqondisi omkhulu kwabe-UNAIDS. Iningi labantu kutholakala ukuthi line-HIV emva kokutholakala kweTB.
“Le miphumela ikhombisa ukuthi kufanele sihlenge izimpilo sigweme ukufa okungenasidingo okudalwa yiTB ngokuqikelela ukubhekana nalezi zifo ngendlela efanele,” kusho yena.
3 INHLOSO YOKUSOKA OKUPHEPHILE
Ucwaningo lukhombisile ukuthi ukusokwa kwabantu besilisa kungabavikela ngo-70% ekutheni baphathwe yiHIV njengoba uBONA wabika nyakenye. Kodwa umbiko wabeWorld Health Organisation ukhombisa amazinga ethusayo ezinkinga - kulo lonke elase-Africa hhayi nje kuphela eSA.
Cishe ingxenye yokuthathu yokusokwa ngokwesintu, ikhomba imiphumela yezinkinga ngokwabacwaningi u-Omar Egesah, Robert Bailey noStephanie Rosenberg. Abaqhuba lo msebenzi badinga ukuqeqeshwa ukuze wenzeke ngendlela engenabungozi nenenhlanzeko.
Ungasiza ukuvikela izimpilo zabesilisa ngokuba ucele osopolitiki bafake izimali ezizosiza ekuqeqesheni abaqhuba lo msebenzi njengezingcibi, nasekutholeni izinto zokuwuqhuba ezisezingeni.[z]
Indaba: Patricia McCracken
izindlela zokulwa ne-
AIDS
EZEMPILO
Cishe u-27% wabe-silisa baku-leli sebehlo-liwe
◄UJohnny
Clegg
waqamba ingoma.
IZIMPIKO EZIKUSAPHI?
“I-Red Bull ikunika izimpiko,” ngokusho kwesikhangiso - kodwa uDkt Scott Willoughby wesibhedlela iRoyal Adelaide unxusa ukuba nikhethe iziphuzo ngokucophelela - ezinika umdlandla zivame ukusetshenziswa njengezithako, kodwa zingakunika izimpiko ezibheke ‘ezulwini’...
Iyisiphuzo esiyisikhuthazi ngoba ine-caffeine engaba yizinkomishi ezimbili ze-instant coffee. Yisiphuzo esavalwa eNorway, Uruguay naseDenmark ngoba kuthiwa siyingozi.
Kwabahlolwa kwatholakala ukuthi baba negazi elifana neleziguli eziphethwe yisifo senhliziyo emva kwehora bephuze iRed Bull. Uma ubandakanya nezinto ezifana ne-stress noma ushukela, lokhu kungaphetha ngokufa,” ngokusho kukaDkt Willoughby.
Hlale uphilile,
yehlisa isisindo
Abacwaningi baseFrance bahlola abesilisa nabesimame abangu-2 200 – bathola ukuthi ngokukhuluphala ngomzimba kwenza ukuba ungazikhumbuli kahle izinto (44% ngokuyikho) ukuqhathaniswa nabancane ngomzimba (56%). Emva kweminyaka emihlanu lesi simo sisuke sesedlulele ngo-37%. Kodwa kwabancane ngomzimba akunjalo.
