ZULU.850.muthi
nguFORCE KHASHANE
I-ASTHMA yisifo esiyingozi esiphatha abadala nabancane. Uma abaphethwe yilesi sifo bethole ukwelashwa okufanele, baba ngcono kodwa yisifo okufanele uzihluphe ngaso lesi.
Singaba yingozi.
"Kokunye uma sesingiphethe lesi sifo kudingeka ukuba ngiphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulensi," kubhala omunye umfundi.
"Uma kubanda angikwazi ukuhamba ngisheshe, angisayiphathike eyokugijima ngoba nginqanyukelwa umoya.
"Uma ngisendaweni enuka upende, iphunga lawo liyangihila."
Ngabe inyanga ingangisiza"
Yisifo esiyingozi
Okokuqala okufanele sikukhumbule wukuthi i-asthma yisifo esiyingozi esidinga ukugadwa nokwelashwa emtholampilo noma kudokotela.
Umuthi owuthathe enyangeni ungasiza udambise izimpawu zayo.
Ezweni lethu sinezihlahla, izimpande, namakhambi angasisiza ukuze siphile kangcono.
Elinye ikhambi elingasiza uphila okuyikhambi elinamandla ngendlela emangalisayo.
Leli gama lisachaza ukuphila ngisho noma lisetshenziswe kunoma yiziphi izilimi zase-Africa kubandakanya isiSuthu nesiXhosa.
Leli khambi libulala amagciwane livikele abantu emimoyeni emibi kanti ungalisebenzisa uma ufuna ukuba nenhlanhla.
ELimpopo Province, ukwenza isibonelo, uphila wawusetshenziswa eminyakeni eminingi edlule njengekhambi lokuvikela ukwanda kwamagciwane adala umkhuhlane, ukukhwehlela, i-asthma nezinye izifo.
Abantu ababenolwazi ngamandla aleli khambi babefaka ucezu lukaphila ezitsheni ezazinamanzi okuphuza.
Iyona ndlela ababezi "goma" ngayo leyo.
Ababephuza lawo manzi axutshwe nophila babengaphathwa umkhuhlane noma yisifuba.
Abanye bayalishunqisa leli khambi emakhaya abo ukuze amabhizinisi abo achume ngoba liheha abathengi.
Kukhona namanye amakhambi angenza uphila ube namandla kakhulu kunakuqala.
Ikhambi elingawenza kahle lowo msebenzi yinsangu.
Ungakhathazeki!
Abaningi bazomangala uma bezwa kuphathwa igama laleli khambi elingekho emthethweni. Ukubonakala uliphethe kungakuqhatha namaphoyisa.
Kodwa insangu iyazelapha izifo kanti lokho kwatholwa abantu bakithi emandulo nabezinye izizwe. Njengamanje kuzanywa izinhlelo zokuba ukusetshenziswa kwensangu kube semthethweni.
Ayiyona ingozi njenge-cocaine, noma i-heroin.
Njengayo yonke imithi, nayo idinga ukusetshenziswa ngendlela efanele.
Kodwa uma unovalo lokusebenzisa insangu ungasebenzisa ikhathazo nomhlonyane ukuze uphila ube namandla.
Hlanganisa la makhambi uwafake emanzini angangelitha upheke kubile.
Phuza uhhafu wengilazi kabili ngosuku, khumbula ukuwufudumeza njalo uma uwuphuza.
Lo muthi uyasiza uma ukhwehlela noma unqanyukelwa umoya nokuyinto ehlupha abane-asthma.
Uphuze noju uma ukhwehlela kabi noma unqanyukelwa umoya.
Ungawusebenzisa lo muthi uma uphathwa wumkhuhlane kulobu busika.
Ubilise ugqume imizuzu engu-10 ngaphambi kokuyolala.
Khumbula ukuthi ngokusebenzisa leli khambi usuke udambisa izimpawu zesifo. Uma ungabi ngcono, zama ukubonana nodokotela.[z]
34 BONA ZULU - April 2006
Ezemithi yesintu
Amandla kaphila
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
