ZULU.84.yourworld_flashback
▲Owinile ngu... KENELWE MODATU osenguMiss Soweto 2009!
►UMiss Soweto 2004 uLerato Kganyago uvumile ukuthi ugqokela kakhulu amakhaza kunefeshini.
▲Inkosi entsha yezamahlaya uPastor Mbhobho esesigcawini lapho uBig Kid edlala indawo ephambili.
►UBig Kid ebukeka ezipholele.
UMHLABA WAKHO
Amahlebezi ngezihlabani
UNtokozo Maseko wakwaBONA usibhekela obekwenziwa yizihlabani kamumva nje!
BAKHANGISA NGOBUHLE
Ababaningi abaqunga isibindi badela amakhaza ngesikhathi kuqokwa unobuhle waseSoweto. Bambalwa osaziwayo esababona njengowayenguMiss Soweto uLerato Kganyago, nowayengunobuhle
uDoris Msibi.
◄Umculi waseThekwini uBongi Dube wehluleka ukuncamisa abathandi bomculo wakhe kanjalo nakwezefeshini.
“Angicabangi kakhulu ngengizokugqoka. Engikwaziyo wukuthi ngithanda i-Urban Degree engiyigqoke kusuka ekhanda kuya phansi.”
OKWENZEKA SINGAKUBONI
Elinye lamathalente aphambili ukuqhamuka eThekwini ngumculi wesimame uGugu Yengwa odume ngoBig Kid kwezomculo.
Simbone ngesikhathi kuqoshwa i-video yesingili yakhe yasemsakazweni i-All Over. Oyimenenja yakhe uthi le ntokazi ithanda izingubo zabezithuthuthu namajakhethi omjaho iFormula 1 nokuyinto eyamkhuthaza enza i-video yakhe lapho ayengumshayeli wezimoto zomjaho.
Saphinde futhi sazithela kuPastor Mbhobho ongaphansi kwesitebela iBonsai Entertainment osekhombisa elikhulu ikhono ekwenzeni amahlaya lapha eMzansi.
▼UDoris eqhakaze ngezicathulo aziphiwa ngumngani.
◄Omunye wamajaji u-Doris Msibi we-e-tv eshaye umsiko wabe-House Of Olé.
“Bengifuna ukunganakwa kodwa ngashaya okunombala o-purple ukuze ngiqhakaze.”
izithombe: PH Photography (Miss Soweto) Paballo Thekiso (Miss SA Teen)
Oupa Bopape (Big Kid nabeMTN Divas Concert)
UMiss SA Teen una-19
UBONA wamenywa kugujwa usuku lokuzalwa lukaMiss SA Teen 2008 uKopano Mocwane eSun City.
Esephothule umsebenzi ayewenzela umphakathi (eRustenburg) kwesinye sezikole zemfundo ephakeme nase-museum wokulondolozwa kwamagugu, uKopano wazithokozisa nabangani, abomndeni nethimba labeYo.TV eSun City kwi-nightclub yabeminyaka engaphansi kwengu-18.
►Emva kwesikhathi ebusuku uKopano wakhetha ukugqoka le ngubo esasikhumba sengwe edineni losuku lwakhe lokuzalwa.
“Ngangingeke ngiyibuke kabili le ngubo - yakhethwa ngumngani wami futhi ngiyayithokozela. Iphuma eCameroon.”
Kuhlangene osaziwayo
Yavalwa ngonyawo oluhle iNyanga yabesiMame ivalwa ngabakwaMTN.
Izihambeli zalo mcimbi zabhema zakholwa zilalele umculo owawudlalwa bukhoma nguThandiswa Mazwai, Unathi Nkayi, Winnie Khumalo noLira.
▲Uzibiza ngokuthi uyi-divo (elifana nelabesimame le-diva), uhlale egqoke kahle - kangangoba ngeke uyiqonde i-wardrobe yakhe ukuthi iphetheni uSomizi MHLongo.
►Khohlwa nguBootylicious Beyoncé ngoba noMzansi uphethe uKhabonina “Khabodacious” Qubeka.
◄Umculi onekhono elimangalisayo uKelly Khumalo ugcizelele ukuthi uyathanda ukufaka amajezi njengezingubo.
◄UZizo Beda weSelimathunzi ngeke ungamthandi uma eshaye leli-heel kodwa sengathi le ngubo yakhe sesiyijwayele ukuyibona?
