zulu.845.coverstry
Okwenza sithi
‘Asifuni!’
Abadlala indawo kaLefa noPalesa kwiScandal basitshela ukuthi kungani bezonda iziqephu zokuqabulana nezocansi
IZEHLAKALO ezithinta uthando zishesha kakhulu kuma-soapie uma uziqhathanisa nokwenzeka ngempela empilweni yethu. Bheka okwenzeka esihlabanini esisekhaveni yethu esingu-Aubrey Poo odlala indawo kamfundisi uLefa kwiScandal.
Ezinyangeni ezingu-10 usethandane namantombazane andawonye amabili, washiya enye eyiphule umoya, enye wayifaka indandatho yesethembiso. Intokazi ebe nenhlanhla yokuthathwa nguPalesa odlala indawo kaRefilwe Madumo osekhaveni yethu.
Kodwa kule-soapie uPalesa akalungile neze – akababheki abesilisa abathandana nodadewabo kanti uyadelela enjalo nje.
Kodwa u-Aubrey akanankinga: “Abalandeli bathi kimina, ‘Heyi, wena naleya ntombazane!’ Kuningi esikwenzayo abakubonayo,” kusho umdlali iningi lethu elamazi edlala kuMuvhango.
Lezi zihlabani ezisekhaveni yethu ziyaqabulana zithintane kakhulu uma zidlala kanti ithimba lakwaBONA lathola ukumangala uma uRefilwe enqaba ukuqabulana no-Aubrey ngesikhathi kushuthwa izithombe zekhava.
“Asifuni ukuqabulana,” kusho uRefilwe osekuphele cishe iminyaka emibili edlala kwiScandal.
“Izindebe zami zinhle kakhulu! Ngiqabula uma kunama-camera eTV kuphela,” kusho yena.
URefilwe, umdlali osevuthiwe osedlale emidlalweni yamahlaya efana neGoing Up neMazinyo
Dot Q uthi akathandi nhlobo ukudlala eziqephwini zocansi.
“Ngiba novalo – izandla zami zijuluke ngiphiswe wukuchama uma ngingakadlali. Angiphatheki neze kahle.”
Kodwa u-Aubrey akanankinga yokuqabula le ntokazi adlala
nayo kulo mdlalo – ziningi
iziqephu zocansi ezake zamnika inselelo. Esikhathini esingengakanani esidlule kwadingeka ukuba aqabule indoda emdlalweni wasesteji. Lowo mlisa wamqabula kathathu esiqephwini ngasinye, okusho ukuthi kwaba yizikhathi ezingaphezulu kuka-580 i-show yonke.
Nakuba kulula ukuqabula umdlali wesimame, nako kunezinselelo zako.
“Uma udlala esiqephwini esinjalo, umdlali umbheka ucabange ukuthi, ‘Oh bandla wesaba ukuthi ngizozama ukumthinta!’” kusho u-Aubrey.
Banenhlanhla ngoba ophrojusa balo mdlalo babenza bakhululeke.
U-Aubrey wasitshela ukuthi zithwetshulwa kanjani izithombe zeziqephu zocansi.
“URefilwe ugqoka ama-top anombala ofana nesikhumba ekubeni kufanele ukuba uPalesa abe nqunu. Sivame ukugqoka amasokisi ngoba i-camera isuke ingabhekisiwe ezingxenyeni zangasese zemizimba yethu!” kusho yena ehleka.
URefilwe ungumuntu ongagwegwesi uma ekhuluma – uyazi ukuthi umuntu onjani afuna ukuthandana naye.
“Ngifuna ukukhululeka othandweni,” kusho umdlali oneminyaka engu-25 owazalelwa ePolokwane.
“Akufanele ufihle imizwa yakho. Kufanele ube sothandweni ozokhululeka kulona.”
URefilwe akakashadi kodwa unombono ngomshado wephupho lakhe.
“Ayikho ingubo yomshado esemqondweni wami kodwa ngiyoshadela engadini. Kuyoba ngumshado ongenabukhazikhazi, ngeke ngigqoke izicathulo.”
U-Aubrey, onengane yentombazane uthi akusiwo umsebenzi wakhe ukuhlela umshado wakhe.
“Lowo msebenzi ngiyowushiya ezandleni zikamakoti. Okwami wukufika ngibukeka kahle!”
U-Aubrey akanamahloni okuzwakalisa imibono yakhe ngothando. Kungenzeka ukuthi waqeqesheka kahle esathula i-All You Need Is Love.
“Umuntu mthande namaphutha akhe,” kusho yena.
“Uma ushada, methembe umuntu wakho – uphila impilo yakho yonke uhleli nomuntu ozikhethele yena uphile nento owazibophezela kuyona.”
Ngesikhathi sibukela isiqephu somshado kaPalesa noLefa kwi-e-tv ngo-7.30 kusihlwa ngoDecember 18, abadlali bayobe benza izinto ezehlukene.
“Ngiyobe ngiseMozambique,” kusho uRefilwe ngenjabulo.
U-Aubrey uyobe ehleli
nabantu abathandayo. “Ngiyochitha isikhathi nomndeni wami ikakhulu ugogo wami,” kusho yena. “Ngiyobe ngigubha nonyaka wokuqala indodakazi yami
izelwe!” [z]
Indaba: Patricia McCracken Isithombe esikhulu: Ivan Naude; ezinye: e-tv
Iziphaqulo: Faith Seuoe
Izinwele: Lucy Ngwira
Umgqokisi: Corlene Furstenberg
Tha-nda umu-ntu nama-phu-tha akhe
IKHAVA
►
◄
▲Kwamangaza abaningi ukufika kwabazali bakaLefa umshado usuqalile.
▲UPalesa akashadanga umshado omhlophe – wayegqoke i-gown esagolide ehlotshisiwe ne-robe enesigqoko.
◄Babemamathekela umthwebuli wezithombe, kodwa umshado wona awuhambanga kahle.
◄U-Lucy Ngwira ocwala izinwele afake i-make-up wahamba iGoli lonke efuna ubuhlalu ayezobufaka ezinweleni zikaPalesa.
EKHAYA NO-REFILWE NO- AUBREY
Engikwenza ngeSonto:
U-Palesa: Ngigqoka ama-pyjama – yilona engithola ngalo isikhathi sokuphumula. Ngihlala embhedeni, ngilale, ngifunde ngidle.
U-Aubrey: Ngifaka isikhindi, ama-slops nesikibha ngiphumule. Kokunye ngigqoka ngibukeke kahle ngiye e-restaurant yomngani wami ngiyodla i-lunch.
Ngithanda ukulalela:
UPalesa: I-jazz, soul, umculo wase-Africa ne-rock.
U-Aubrey: Umculo opholile ne-jazz, luningi uhlobo lomculo engiluthandayo kubandakanya ne-rock.
Izincwadi engizikhonzile:
UPalesa: Ngifunda amanoveli amabili ngesonto. Ngithanda athinta okwase-Africa. Engiyithanda kakhulu eka-Alice Walker ethi Temple Of My Familia. Abanye ababhali engibathandayo ngoZakes Mda, Maya Angelou, Chinua Achebe noChris Abani.
U-Aubrey: Angiwathandi amanoveli. Ngithanda ukufunda izincwadi ezikhuluma ngomlando wabantu ozongisusa usinga. Manje ngifunda i-Audacity Of Hope kaBarack Obama ne-A Hand To Guide Me kaDenzel Washington. Kuyisifiso sami ukudlala naye!
