zulu.1313.penpals
thola umngani
Uma uthanda ukubhalelana nomngani, sibhalele kuleli kheli: BONA/Penpals, Box 32083, Mobeni, 4060. Sitshele ngawe – usinike igama nekheli lakho!
ULerato Motete uneminyaka engu-48 ufuna ukwakha ubuhlobo nabesilisa beminyaka engu-48-58 abangabhemi futhi abangaphuzi njengaye. Ukhonze ukuya esontweni, ukulalela umculo nokubukela iTV. Ikheli lakhe lithi Box 26055, Langenhoven Park, 9330. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UMichael J. Zandile (35), waseJ.C. Steyn, Private Bag X602, Kirkwood, 6120, akaphuzi akabhemi, unengane eyodwa. Ukhonze ukubukela iTV nebhola kanti uthi futhi ungumuntu obakhonzile abantu kanjalo nokufunda amaphephabhuku. Ufisa ukuxhumana nezintokazi zeminyaka engu-25-35 ezizimisele ngomendo. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa, isiZulu, isiNgisi, isiBhunu noma isiVenda zihambisane nezithombe.
U-J.P. Sithole (37) ungumama wabantwana ababili, uthanda ukuxhumana nabesilisa beminyaka engu-38-48 abazimisele ngomshado. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu, isiPedi, isiXhosa, isiZulu, isiSwati noma isiNgisi zihambisane nezithombe. Ikheli lakhe lithi: 450 Ext. 1, Intabazwe, Harrismith, 9880.
U-K.O. Mtiwane sekusele kancane ukuba aphume ejele kanti uthanda ukuzwana nabesimame beminyaka engu-21-40 abanokuzethemba nabazimisele ngomshado. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa, isiNgisi noma isiZulu. (Ngisho ngabe uHIV-positive, uvumelekile ukuba ubhale.) Ikheli lakhe lithi: Department of Correctional Services, Private Bag X602, Kirkwood, 6120.
UThandile Thupeni, wase-No 24 NU-8, Lillian Ngoyi, Kwa-50, Mdantsane, 5219, ngowesilisa ongayedwana oneminyaka engu-55 othanda ukuzwana nabesimame abanozwelo nothando nabanengane eyodwa abazimisele ngomshado. Akakwazi ukukhuluma kanti futhi akezwa kahle ngenxa yokukhubazeka ekubeni sekuphele iminyaka engu-15 engasebenzi. Akaphuzi futhi akabhemi. Unezingane kodwa azihlali naye.
U-MZJ oseBoard No. 204690068, St Albans Correctional Services, Medium (B), Private Bag X6055, Nelson Mandela Bay, 6000, ufisa ukuxhumana nabesimame beminyaka engu-26-34 abazimisele ngothando lweqiniso. Kufanele kube ngabantu abanothando, abathembekile, abamesabayo UNKULUNKULU futhi abangaphuzi, abangabhemi.[z]
U-F.N. Dipha ngowesimame oneminyaka engu-47 othanda ukuxhumana nabesilisa beminyaka eko-50. Akakhathazeki noma bashonelwa amakhosikazi noma bebhema kodwa makungabi abaphuzayo. Ikheli lakhe lithi: Nduku Hill Cafe, Private Bag X1015, Tsolo, 5170.
UBuyile Tyeke (33), oseKirkwood Correctional Centre, Private Bag X602, 6120, uthanda ukwakha ubuhlobo nabesimame beminyaka engu-20-35. Ukhonze ukubukela ibhola lezinyawo nokuya esontweni nokulalela umculo woKholo. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa, isiNgisi noma isiZulu zihambisane nezithombe.
UThobeka Kambile (42) nguMkhrestu ozelwe kaBusha othanda ukuxhumana nabesilisa abangamaKhrestu beminyaka engu-52-60. Ikheli lakhe lithi: 32 783 Ngquba Street, Makhaza, Khayelitsha, 7784. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa noma ngesiNgisi.
U-Eric Trompter ngowesilisa oneminyaka engu-25 okhonze ukudlala nokubukela ibhola lezinyawo, ukubhala, ukufunda amaphephandaba nokuthwebula izithombe. Uthanda ukuxhumana nabesimame beminyaka engu-20-30 abafana njengaye abangabhemi futhi abangaphuzi. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa, isiZulu noma isiBhunu. Ikheli lakhe lithi: J. C. Steyn, Private Bag X602, Kirkwood, 6120. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
U-Z. Nanto (35), wase-V5 Site B, Khayelitsha, 7784, uthanda ukuzwana nezintokazi ezingazodwana noma ezidivosile zeminyaka engu-45-55. Ukhonze ukulalela umculo woKholo, ukuya esontweni nokubukela ama-soapies aseSouth Africa. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe. [z]
