zulu.839.lifestyle
Impilo yosaziwayo noBONA
BONA ZULU - October 2005
KWAVULEKA umnyango wegaraji sazithola sesijamele izimoto ezimbili ezingamaBMW. Enye yazo ine-number plate ethi "Arthur," enye ithi "Cry 999."
Kuchaza ngokusobala ukuthi inkosi ye-kwaito isekhaya.
"U-Arthur akafuni ukuba abantu abaningi bazi lapho ehlala khona ngoba udinga isikhathi sokuba yedwa kanti futhi ungumuntu oyiqikelelayo impilo yakhe yangasese," kusho omunye wabasizi bakhe ngesikhathi esingenisa endlini.
"Ngiyanicela ningasho ukuthi uhlala kuphi."
Kwaba khona uhleko - wabe eseqhamukile u-Arthur Mafokate.
"Siyazama ukuyenza imfihlo indawo engihlala kuyo," kusho yena. "Kodwa uzomangala ukuthola ukuthi bangaki abantu abaziyo."
U-Arthur uhlala ndawana thile eMidrand. Ngaphandle kwale ndawo, kukhona nomunye umuzi awuphendulile wawenza istudyo sokuqopha - kwaba khona namagumbi okulala.
"Leyo ndawo ngeyalabo baculi abathanda ukusebenza ebusuku noma labo abangenazo izinto zokuya emakhaya emva kwama-shows asebusuku," kuchaza u-Arthur.
Cishe nsuku zonke uya ekhaya lakhe, aye estudyo nalapho kuhlala khona abazali bakhe nokuyindawo eseduze.
"Umama wami uyangiphekela ngakhoke kufanele ngiyolanda ukudla kuyena," kusho yena.
Umama wakhe uyazazi izidingo zokudla kuka-Arthur. "Ukudla kwami akufanele kube namafutha kakhulu noma ushukela ngoba ngiphathwa ama-ulcer," kusho yena.
Ekhaya indawo ayithandayo u-Arthur ikamelo lakhe lokulala. "Iyona ndawo enhle engithanda ukuba kuyona," kusho yena. Kodwa akasivumelanga ukuba sithathe izithombe zekamelo lakhe ngisho nokulunguza ngaphakathi. Ekameleni lami akungeni noma ngubani, ngisho nozakwethu imbala," kusho yena.
Uma engekho ekameleni lakhe lokulala, uzomthola esendlini enkulu. Namuhla kudlala isigqi se-albhamu yakhe yakamuva ethi Sika Lekhekhe.
Kodwa okusithathe kakhulu yizithombe ezibaziweyo - zabesimame nezezingane.
Uzithola emaphaseji, obondeni nangaphansi kwamatafula anengaphezulu eliyingilazi elibonisa okungaphansi.
Sabala ezabesimame eziyisishiyagalolunye nezezingane eziyisikhombisa.
"Izingane yizona zingelosi zami ezingibhekile," kusho u-Arthur.
Waphinde wasikhombisa izithombe ezibaziweyo ezimbili zabesimame abathwele izinkamba. "Ziyisikhumbuzo sokuthi abesimame babeyinakekela kanjani imindeni yabo beyokha amanzi emfuleni."
Namuhla u-Arthur uvakashelwe yindodakazi yakhe u-Owami ofana ncamashi nomama wakhe uQueen Sesoka.
"U-Owami uvamile ukungivakashela," kusho u-Arthur. U-Owami (3) uyakujabulela ukuhlala noyise. Njengamanje usethathe indawo yokuphuzela (bar) esemzini kayise njengoba esendlale amathoyizi akhe khona phansi.
"Uyathanda uma sifakela imibala ezithombeni ndawonye," kusho u-Arthur. "Ukubukela izinhlelo zeYo-TV naye kunginika lokho kuphumula."
Ngokushesha u-Owami waqala wacula: "He's got the whole world in His hands..."
Nakuba emncane kangaka kodwa izwi lakhe lihle.
Ngaphandle kwezinhlelo zezingane noma uMuzi Wezinsizwa, ohlekisa u-Arthur, uyathanda futhi ukubuka ezemidlalo.
"Ngingumthandi wezemidlalo," kusho yena. Ubukela yonke imidlalo.
"Kodwa ibhola yiwona mdlalo engiwuthandayo," kusho yena emamatheka.
Ngabe yiliphi iqembu olilandelayo"
U-Arthur waphefumulela phezulu wathi: "YiSundowns, Kaizer Chiefs, Orlando Pirates...iwona wonke. Elaphesheya engilithandayo yiBrazil."
U-Arthur uthe wayethanda izingubo ezibizayo kodwa manje usezigqokela ama-jeans.[z]
KWESOBUNXELE: U-Arthur nendodakazi yakhe u-Owami. Le ntombazanyana eneminyaka emithathu ifana ncamashi nomama wayo uQueen Sesoka kanti iyasithokozela isikhathi esichitha noyise.
Sisekhaya no-Arthur
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguPAPI MORAKE
NGENHLA KWESOKUDLA: Insimbi nezingilazi kwengeza ubuhle obumangalisayo ezintweni ezihlobisile.
NGEZANSI KWESOKUDLA: Leli danyana elinebhuloho elincane, yiyona ndawo u-Owami ayithandayo engadini.
NGENHLA NAKWESIKHULU: Lezi zithombe ezibaziwe zabesimame bethwele izimbiza "ziyisikhumbuzo sendlela abesimame ababenakekela ngayo imindeni yabo ngokukha amanzi emfuleni," kusho u-Arthur.
Nakuba eyivikela impilo yakhe yangasese, inkosi yomculo we-kwaito ikhombisa ukuba nobungani nokuphathana kahle...
BONA ZULU - October 2005
t
BONA ZULU - October 2005
Sisekhaya
no-Arthur
t
NGENHLA: U-Owami efakela imibala ezithombeni noyise ongusaziwayo.
KWESOKUDLA: Istudyo sika-Arthur sokuqopha siyikhaya lakhe lesibili.
