zulu.837.health
Umalaleveva uyingozi!
KULELI lizwe umalaleveva udlange eLimpopo, eMpumalanga naKwaZulu-Natal ngokukaDkt. Rajendra Maharaj weMalaria Research Lead Programme yeSA Medical Research Council. E-SA, kuthathwe izinyathelo ezinqala zokulwa nalesi sifo njengoba isibalo sabantu abahlaselwa yisona sehle sasuka ku-64 600 ngo-2000 safinyelela ku-7 750 ngo-2005.
Kodwa ngo-2006 lesi sifo sibuye ngamandla, isibalo sakhuphuka ngamaphesenti angu-50.
Ngubani osengozini?
Yizingane ezinezinyanga ezine kuya phezulu kanti zingashona ngokushesha zihlaselwe yilesi sifo ngokomkhankaso weRoll Back Malaria (RBM) oneminyaka engu-10 wasungulwa.
Uma izingane zisinde kumalaleveva wobuchopho, zingasala zinezinkinga ezingapheli njengokungaboni emehlweni, ukungakhulumi kahle, zibe nesifo sokuwa noma zikhubazeke ngokomzimba.
Abakhulelwe basengozini yokuphathwa umalaleveva ngokuphindaphindeke kathathu kunabangakhulelwe ngokweRBM. Kufanele bagweme ukuya ezindaweni ezinomalaleveva.
Uwuthola kanjani?
Cishe kunezinhlobo ezingu-3 200 zomiyane, iningi labo aliyithwali i-parasite kamalaleveva eyodwa kwamane ahlukene ahlasela abantu. Kodwa abantu abahlala e-Africa basengozini ngoba kule ndawo omiyane ababulalayo ababizwa ngama-Anopheles bathwala i-parasite kamalaleveva eyingozi ebulalayo.
Yiziphi izimpawu zawo?
Umuntu onomalaleveva uyakhathala, agodole ajuluke, aphathwe yikhanda, kube buhlungu kwesingezansi kokunye aphalaze. Umuntu osegula kakhulu uba ne-jaundice, kudlikizele umzimba, kudleke isibindi, aphathwe yizinso aquleke.
Uma izimpawu zikamalaleveva zisheshe zatholakala, lesi sifo asibulali. I-parasite kamalaleveva ivame ukungawazweli amakhambi okwelapha lesi sifo, ngakhoke bheka ukuthi ikhambi olitholayo eligunyazwe ukuba lisetshenziswe eSA ngokukaDkt. Maharaj - lelo khambi libizwa nge-artemisin-lumefantrine.
Ungagwemeka kanjani umalaleveva?
Uma ulunywe omiyane abaningi, kungenzeka ukuthi omunye wawo ukuthelele ngomalaleveva.
Abantu abahlala endaweni ehlushwa wumalaleveva imizimba yabo igcina isiyijwayele indawo enomiyane. Okusho ukuthi uma ukhulele endaweni ehlushwa wumalaleveva, uhambe uye kwenye indawo, qiniseka ukuthi uyazivikela uma usuvakashela ekhaya.
Zivikele ngale ndlela:
Gcoba okuxosha izinambuzane. Okugcobayo makube neDEET (diethyl toluamide).
Lala uzimboze ngenethi lombhede - uma uhlala endaweni ehlushwa wumalaleveva, buza emtholampilo wangakini ukuthi banawo yini amanethi. Kungasiza nokufaka u-wire emawindini.
Goma uma uvakashela endaweni enomalaleveva. Zigome phakathi kwamahora angu-48 nesonto ngaphambi kokuya kuleyo ndawo. UDkt. Maharaj uthi uma uhlala eSA qiniseka ukuthi uthola umgomo we-malarone noma
i-mefloquine. [z]
BONA ZULU October 2008
AMANDLA EMPILO
Umalaleveva yisifo esiyingozi esithwalwa omiyane - nakhu okwenza kubaluleke ukuba uzivikele nokuthi wena nomndeni wakho ningazivikela kanjani kulesi sifo... indaba nguPatricia McCracken
