ZULU.834.legalaug
BONA ZULU - August 2006
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Angiholanga
Ngasebenzela inkampani edayisa izinto zokubhala izinyanga eziyisithupha. Ngangihola ngesheke engangilifaka kwi-account yami ebhange kanti isheke lokugcina ibhange alizange lilishintshe.
Langitshela ukuthi umqashi wami ubengenamali yokulikhokhela langibuyisela lona. Ngaya kumqashi wami kodwa ngathola ukuthi usethuthele kwenye indawo.
Sengiyitholile indawo abathuthela kuyona kanti uma ngikhuluma nomqashi uthi abanamali.
Manje bane-typist eyodwa nomshayeli odiliva izimpahla. Kodwa wanginika inothisi wangikhokhela nomholo wenyanga. Wathi mangingayisevi inothisi kodwa wanqaba ukukhokha umholo wenye inyanga. Ngenzenjani"
MY, Cape Town
Uma ulibhekisisa kahle isheke uzothola ukuthi linombhalo othi "refer to drawer".
Uma umqashi noma inkampani ingenayo imali ebhange, isheke liphindiselwa kulowo muntu olifake ebhange.
Asingabazi ukuthi kwakumele ukhokhelwe. Kuyacaca ukuthi inkampani owawuyisebenzela isazobaleka ingakukhokheli.
Kumele uqaphele manje, ngoba uma ungathathi zinyathelo zomthetho uphoqe inkampani ukuba ikukhokhele zingakapheli izinyanga ezintathu, uzolahlekelwa yilungelo lakho lokufaka isicelo sokukhokhelwa.
Ungafaka isicelo sokukhokhelwa kwiSmall Claims Court noma uxhumane nommeli ozokusiza athumele amasamanisi enkampanini owawuyisebenzela.
Ummeli uzofuna ukuba umkhokhele kanti singakweluleka ngokuba uxhumane neSmall Claims Court yangakini ukuze uthole usizo. Thatha isheke elanqatshwa yibhange uye nalo kumabhalane wenkantolo umchazele ngokwenzeka.
Uzokusiza ekubhalweni kwe "ncwadi yempoqo" lapho uzobeka khona imininingwane yesicelo sakho ubeke nosuku okumele lushaye usukhokhelwe ngalo.
Leyo ncwadi kumele ithunyelwe ngeposi elirejistiwe ubeke i-slip ozosithola.
Uma usuku olunqunyiwe lushaya inkampani ingakakhokhi, kuzodingeka ukuba uphindele kumabhalane umnike isitifiketi sencwadi erejistiwe umcele ukuba amthumele amasamanisi umqashi wakho.
Lawo masamanisi azobe ebizela umqashi enkantolo ngosuku oluthile.
Uzonikwa ithuba lokuchaza ngecala kanti nomqashi uzolithola ithuba lokubeka olwakhe uhlangothi mayelana nokuthi kungani engakukhokheli.
Inkantolo izokhipha isinqumo esizovuna wena iphoqe umqashi ukuba akhokhe imali akukweleta yona.
Uma umqashi engayingeni eyokukhokha, inkantolo izomthathela ezinye izinyathelo imphoqe ukuba akhokhe.
Kuyiqiniso ukuthi lokhu kuthatha isikhathi - kodwa kungcono kakhulu kunokuya kummeli. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
