zulu.829.SMS
ABATHENGI bayazwana nemincintiswano yamaSMS ngoba kubukeka kulula ukuyingenela kunaleyo engenelwa ngokubhala kanti akudingeki ukuba uzihluphe ngezimvilophu noma isitembu futhi kuyona utshelwa ngaleso sikhathi uma uwine umklomelo njengoba kwenzeka nakweyamakhadi ahlikihlwayo.
Kodwa ukungenela le mincintiswano kuyabiza ikakhulu uma uzothumela amaSMS awuchunge. Abantu abahlomulayo ngabagqugquzeli bayo ngoba kulula ukuyihlela, ishibhile kuneposi kanti iyashesha ngoba kuyona akuhlungwa mingenelo ethunyelwe ngeposi.
Iqiniso wukuthi imincintiswano yamaSMS ayikungeniseli mali kalula. Kumnandi ukuyingenela kodwa kufanele ufunde ukuzigada ukuze uthole ukuthi uzoba nawo yini amandla okuthenga i-airtime edleka ngesikhathi uwangenela.
Ekupheleni kuka-August ngonyaka odlule kuhlangane abalawula ama-networks namakhasimende kwasungulwa iWASPA, okuyinhlangano abethula kuyona imigomo abayilandela kule mincintiswano babuye babheke nezikhalo zabathengi.
Emva konyaka bavumelana ngendlela abazoziphatha ngayo kubandakanya nama-networks nokuyindlela ezokwenza ukuthi kuhlawuliswe kubuye kwelulekwe ama-networks ngokuthi aqede lo mkhuba owenziwa yilabo abadla izimali zabantu noma kube yiwona azobheka imali engena ngale mincintiswano.
Sixoxisane neWASPA kanti nazi izeluleko esinike zona ukuze ugweme ukusebenzisa imali eshisiwe ngemincintiswano yamaSMS…
STEP 1: Hlakanipha. Angaphezulu kwe-billion amaSMS esiwathumela ngonyaka emincintiswaneni. Kulawo, angu-15 million aya emincintiswaneni yamaSMS. Okusho ukuthi mancane amathuba okuthi uwine.
STEP 2: Dlalela ukuwina. Emincintiswaneni yamaSMS akukho muntu ongamphonsa imibuzo uma ungagculisekile ngoba angena kwi-computer okuyiyona ehlola imingenelo ichithe leyo engabhaliwe ngendlela.
Okumele ukwenze…
lKuhlole okubhalayo: Uma ungayifakanga kahle i-barcode yomncintiswano lowo mngenelo uyachithwa – kodwa usazoyikhokhela iSMS.
lUngashiyi sikhala: Ungashiyi sikhala ngaphambi nangasemva kwe-barcode ngoba i-computer ngeke isibone kanti nomngenelo wakho uzobhuntsha – kodwa usazoyikhokhela iSMS.
lFunda ukuzithiba: Imithetho emisha yezokukhangisa ithi izinkampani kumele zikwazise uma amaSMS ezoba wuchunge, utshelwe ukuthi azoba mangaki nokuthi azobiza malini. Uma amaSMS ewuchunge, abathengi bayawayeka noma benze amaphutha. Ngisho noma ungathatha siphi isinyathelo, usazowakhokhela lawo maSMS.
STEP 3: Ungawafaki ama-ringtones. “Inkinga enkulu esibhekene nayo ngeyosizo olubhekiswe kwabadala nolutholakala ngokwesivumelwano okuyindlela yama-subscription,” kusho uNeil Henderson weWASPA. “Kokunye umuntu ufaka i-ringtone yamahhala ocingweni abuye athole uchunge lwamanye emva kwalokho. Ngaleso sikhathi usuke engaboni ukuthi uyawakhokhela kanti uma esekuthola lokho uyakhala…”
STEP 4: Siza ekulweni nezigebengu. Imihlahlandlela yeWASPA elawula indlela imincintiswano yamaSMS ekhangiswa ngayo iqale ukusebenza ngo-October 1. Uyavikelwa uma ulisebenzisa lelo thuba. Qoqa ubufakazi bakho…
lIzikhangiso zamaSMS azihambisane nenani lawo nemithetho – kwiTV, lokhu kumele kuvezwe okungenani imizuzwana engu-15 kubhalwe kugqame.
Uma kubhalwe ephepheni, umbhalo awube ngusayizi ocishe ube ngu-50 percent wombhalo omkhulu kulelo phepha noma ulingane nosayizi wombhalo walolu daba.
lInani alingabi nazindleko ezifihliwe.
lAmanani eSMS awavele enjengoba enjalo, isibonelo: “Kufuneka amaSMS amabili abiza R5 iyinye.”
lUma kuyindlela yokuthenga ngokwesivumelwano, imigomo nemibandela ayicace kahle njengokuthi: “Yi-subscription lena. Uzokhokha u-R15 njalo ngesonto nokuyinto eyoyekwa uma usuyiyekile, kanye no-R4 ngalokho okufaka ocingweni lwakho.”
lAluvele usuku lokuvala komncintiswano, kungabekwa zaba uma sekufanele kukhishwe imiklomelo.
Kufanele kube khona inombolo ongayishayela uma ufuna usizo phezu kokuba iWASPA yamukela iWebsite.
lImincintiswano ayicacise ukuthi mingaki imingenelo yomuntu ngamunye nemiklomelo ewinwayo, iminyaka yabantu okufanele bawungenele, indawo lowo muntu ahlala kuyona nokunye.
lAyingakhishwa imiklomelo yemali emincintiswaneni yezingane.
lUma kuqoqwa imali ezosiza abantulayo akucace ukuthi yimalini ezobanjwa ama-network neyizindleko kuleyo abantu abangenele ngayo.
lKufanele uxwayiswe uma uzohlawuliswa ngokwehluleka ukuthola i-download noma olunye usizo; i-network yakho noma ucingo lungayamukeli into ofuna ukuyifaka. lKufanele uxwayiswe uma ingekho imizuzu noma amaSMS amahhala njengoba iVAS (Value-Added Services) ivame ukuphelelwa yizinombolo zama-network.
lAmaSMS awangathathi isikhathi eside.
lMakungafakwa lutho oluzophoxa abathengi ocingweni.
STEP 5: Ungathuli. Ukukhala kwabathengi kuyasiza ngakhoke faka isikhalo sakho kwiWASPA, kwi-network yakho noma kwiConsumer Desk eseduze nawe.
I-WASPA yamukela izikhalo ezibhalwe phansi kanti uma zifika kuyona ziyahlolwa ukuze kutholakale ukuthi ziyahambisana yini nemithetho yayo.
lTel: 011-476-7710;
lFax: 011-678-2097;
lNoma ubhalele kuleli kheli: WASPA, Box 73570, Fairland, 2030 (ubhale igama lakho, ikheli, inombolo yocingo otholakala kuyona emini nemininingwane yesikhalo sakho).[z]
Nqoba impi yamaSMS!
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
isithombe GREAT STOCK!
Yisikhathi sokuziphindiselela kwabasiqola ngemincintiswano yamaSMS…
Izindlela ezingu-5 zokonga imali
BONA ZULU – November 2005
t
t
Imincintiswano yamaSMS ayikunothisi
BONA ZULU – November 2005
