zulu.828.trivia
KULANDELA ukuxhunywa kokuqala kwezinso ngo-1953 eMelika, uChristiaan Barnard (Nov 8, 1922 – Sep 2, 2001) wenza ukuhlinza kokuqala kufakelwa izinso kuleli ngo-1959 waphinde waqhubeka wenza okwenhliziyo.
UBarnard ngowokuqala ukuhlinza umuntu amfakele inhliziyo esibhedlela saseGroote Schuur eCape Town ngoDecember 3, 1967.
Lokhu kwathatha amahora angu-9. Wayesizwa wumfowabo uMarius nethimba labangu-30. Umuntu owayehlinzwa nguLouis Washkansky (54) owayephethwe yisifo sikashukela nesenhliziyo.
“Kobhekene nokufa akusona isinqumo esinzima lesi ngoba usuke azi ukuthi impilo isisekugcineni.” UBarnard emva kwalokhu wabhala ngesinqumo sikaWashkansky sokuzinikela ukuba ahlinzwe.
“Uma ibhubesi likusukela eduze komfula onezingwenya, ungagxumela emanzini uzitshela ukuthi uzohlamba uphumele ngaphesheya.”
Umuntu owanikela ngenhliziyo eyafakelwa nguDenise Darvall owafa engozini yemoto ngoDecember 2. UDkt Marius Barnard wakuchaza kanje lokho kuhlinza: “UChris wama isikhashana ethule ebuka, wahlehlela nyova wathi, ‘iyasebenza.’”
UWashkansky waphila izinsuku ezingu-18, emva kwalokho wabulawa yi-pneumonia eyayidalwe izidakamizwa ayezisebenzisa.
BONA ZULU December 2008
1967, December 3:
UPhrofesa Christiaan Barnard waba ngowokuqala emhlabeni ukuhlinza afakele umuntu inhliziyo
AMAKHASI ATHOKOZISAYO
AmaMulti-Game
IZIMFUDU
■ Izimfudu yizilwane ezihuquzelayo ezihlala ezweni ezinamagobolondo amakhulu aqinile azivikela ezitheni.
■ Ingxenye engaphezulu yegobolondo kuthiwa yi-carapace, isayidi elingaphansi kuthiwa yi-plastron - zombili lezi zingxenye zihlanganiswe okwaziwa ngokuthi yi-bridge.
■ Izimfudu zingosayizi abehlukene kuye kufinyelele ku-2m ngobude.
■ Izimfudu zesifazane zimba imisele zizalele khona amaqanda angafika ku-30. Lokhu kuvame ukwenzeka ebusuku. Liwagqiba ngenhlabathi. Athatha kusukela ezinsukwini ezingu-60 kuya kwezingu-120 achamsele.
■ Izimfudu ziphila ngotshani, ukhula, amacembe, amafulawa nama-fruit.
■ Ufudu lungaphila iminyaka engaphezu kweyikhulu. Ngalokhu, lusetshenziswa njengophawu lokuphila isikhathi eside kwamanye amasiko njengaseChina.
Azi konke…
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe sizokutshela igama lento.
“Njalo emva kwezinsuku ezintathu isisu somuntu siyebuza sibe nontwentwesi olusha”
LELI qembu laseParow eCape Town i-Ajax CT lasungulwa ngo-1999 ngokuhlanganiswa kweSeven Stars neCape Town Spurs ngesikhathi i-AFC Ajax yaseHolland yandisa isikhungo sayo samakhono kuleli.
Lolu hlelo lomsebenzi we-Ajax CT impumelelo yalo yayikalelwe ekuqaleni kodwa lokho kwashintsha ngesizini ka-2006/07. Ngesikhathi leli qembu lisaqeqeshwa nguMuhsin Ertuğral laphetha iligi yePSL lingunombolo 4 lawina ne-ABSA Cup lishaya oshampeni beligi iMamelodi Sundowns ngo-2-0 kumafayineli.
NgoJanuary 2007 i-Ajax CT yakwazi ukwehlula iqembu layo elikhulu laphesheya ngo-3-1 emdlalweni wobungani owawuseCape Town.
Ukunqoba okukhulu kwe-Ajax kwaba wukwehlula kwayo iMoroka Swallows ngo-5-1 ngo-2006 - kanti ukwehlulwa kwayo okukhulu (i-Ajax), yabhaxabulwa yi-Orlando
Pirates ngo-6-0 ngo-2004.
▲Umdlali wasesiswini we-Ajax Cape Town uClifford Ngobeni (wazalwa ngoJune 27, 1987 eSoweto eGoli) kanti kumanje uvivinywa yi-AFC Ajax.
UTHI UBUWAZI?
Umuntu oyedwa kwabangu-20 unezimbambo ezeqe ngeyodwa
I-Puzzle Yezithombe
Isithombe ngasinye sizokunika umkhondo wokufanele ukubhale ezikhaleni ezimnyama.
Inyanga ka-12 nekungeyokugcina onyakeni ngokwekhalenda iGregorian Calendar neyodwa yezinsuku ezingu-7 ezinde kwezingu-31. UDecember uqhamuka egameni lesiLathini elithi decem elichaza u-10 kanti kwakuyinyanga ka-10 ekhalendeni endala yamaRoma. KwiSouthern hemisphere iyinyanga enezinsuku ezinde zonyaka.
Emlandweni wakuleli
1956
December 5: Zingu-156 izishoshovu zezombusazwe ezaboshwa nokwaholela ekuqaleni kokuqulwa kwecala lokuvukela umbuso elathatha iminyaka emine eDrill Hall eGoli.
1961
December 16: I-ANC yethula uphiko lwayo lwezempi Umkhonto we Sizwe.
1962
December 10: UMartin Luther King noChief Albert Luthuli bethula umkhankaso wamalungelo abantu bekhuthaza ukulwa nobandlululo - “Action Against Apartheid.”
1996
December 10: Kwasayinwa umthetho sisekelo wakuleli ngokusemthethweni.
2007
December 18: UJacob Zuma wakhethwa njengosihlalo we-ANC.[z]
BONA ZULU December 2008
