zulu.827.yourworld_overseas
Abesimame abacebile
Le ntokazi encane emadodakazini akwaWilliams iyona ehamba phambili emdlalweni wethenisi emhlabeni, yathola imiklomelo engango-R200 million ngo-2008 nje kuphela. Manje ihola imali enkulu kunabo bonke abadlali besimame, ibuye ibe nezivumelwano ezicela ezigidini ngezigidi zamarandi. Muva nje ikhombisa isitayela sayo ngelebuli yezimpahla ezibizwa ngeSerena Williams Signature Statement enezikhwama, ubucwebe nezingubo. Amanani alezi zinto aqala ku-R130 kuya ku-R800 kanti zangenisa phakathi kuka-R3 million no-R20 million emahoreni amathathu okuqala zethulwe kwi-channel yezokuthengisa.
IZIHLABANI ZAPHESHEYA
U-Oprah kuphela oyisihlabani esinsundu esiyi-billionaire nokuyinto emenza abe ngowesimame onsundu onamandla. Kodwa kuyacaca ukuthi ukuba nemali elinganiselwa ku-R20 billion akwanele kule ntokazi. Uhlelo lwakhe lomsakazo oluthi Oprah And Friends lubiza u-R450 million. Kukhona ne-Oprah Winfrey Network (OWN) ezoqala ngo-2010. Akusilo uhlelo nje lolu kodwa yisiteshi sonke. Yinto ongayifanisa no-etv ozoba ngowomuntu oyedwa ubuye uphathwe yilowo muntu. Kukhona nezinhlelo ezenza imali enhle ezifana neDr Phil Show yeTV ephrojuswa yinkampani ka-Oprah, iHarpo (eqanjwe ngokupelwa kuka-Oprah abhekiswe emuva).
I-CD entsha yalo mculi we-soul ethi As I Am kwakungeyesine kwangunombolo 1 awakhiphe elandelana kanti yadayiswa yafinyelela kwi-platinum kathathu eMelika. Uma engaculi, udlala emafilimini nakwiTV. Wadlala efilimini kaJada Pinkett-Smith ethi The Secret Life Of Bees wabonakala nasezinhlelweni zaseMelika ezidumile ezinjenge-Ugly Betty neMedium. Ngabe konke lokhu kumbeka kusiphi isimo ngakwezezimali? Ngo-2008 ubenemali engango-R120 million.
Sikwethulela o ‘sistahs’ abamnyama abame kahle embonini yezikaqedisizungu
Indaba: Ntokozo Maseko Izithombe: Gallo
Ukushiya kwakhe iDestiny’s Child acule yedwa kwamsiza lo mculi weR&B. Eminyakeni eyisithupha eyishiyile wakhipha nama-albhamu amabili afinyelela kwi-platinum, usekwazile ukuzakhela igama ngefeshini eyimpumelelo, wadlala emafilimini wathola nezivumelwano zokushicilela ezimngenisele u-R700 million ngonyaka odlule nje kuphela. Kukhona no-R405 million awuthole ngokudayiswa kwamathikithi amakhonsathi akhe akamuva ehamba amazwe omhlaba kanti usesayine isivumelwano nabakwaL’Oréal, American Express esimngenisela omunye u-R80 million ngonyaka.
Unyaka ka-2008 awuzange ube mubi kulesi sihlabani esasingumculi esesidlala indawo yomhleli wephephabhuku ononya kwi-Ugly Betty sathola nemali engango-R35 million ngemisebenzi yaso kwezikaqedisizungu. Lesi sihlabani esineminyaka engu-46 sizothola u-R24 million enkampanini yezimonyo yakwaProactiv eminyakeni emine ezayo njengengxenye yesivumelwano sika-R160 million eyasisayina nale nkampani. Kuthiwa uVanessa naye uzoba nochunge lwezimonyo azolwenzela le nkampani, okusho ukuthi isazoba ningi imali ezongena ephaketheni lakhe.
Lo mkhangisi osengusomabhizinisi ubematasa kule minyaka embalwa edlule. Unguphrojusa wohlelo oludumile oluthi America’s Next Top Model noluthi The Tyra Banks Show abuye alushayele. Ziningi izinhlelo asazozenza kwiTV ezinjengeStylista emayelana nokwenzeka ngempela empilweni. Lezi zinhlelo kanye namafilimu adlala kuwona zimngenisele imali engaphezulu kuka-R180 million ngo-2009. Lokho kufakazela ukuthi kuyasiza ukuba nobuhle obuhambisana nobuchopho.[z]
