zulu.825.Project (2)
Amakhasi ephrojekthi kaBona
BONA ZULU – September 2006
Okokubasa kwasemandulo
Okokubasa kwasemandulo sikuthola ezinsaleleni zezitshalo noma zezilwane. Amalahle, uwoyela ne-gas kwenziwa ngokokubasa kwasemandulo. U-75 percent wamandla asetshenziswa eSouth Africa utholakala emalahleni.
Kusetshenziswa amathani okokubasa kwasemandulo nsuku zonke ukuze kusebenze imishini nezinjini, kwenziwe nogesi. Okokubasa kwasemandulo awukwazi ukubuye ukuvuselele kabusha kanti njengamanje yikona esikusebenzisa ngokuphindwe ka-1 000 kunalokho umhlaba ongakwenza.
Kungenzeka ukuthi nike naphelelwa wugesi ngakini ngenxa yokungaphakeleki kahle kwawo noma kubekhona obaziyo abangenawo. Kulolu shicilelo sibheka izizinda zikagesi sizithokozise nangokwenza uzibuthe kagesi i-electromagnet.
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweScience TODAY eshicilelwe abakwaMaskew Miller Longman. Uchunge lweTODAY lunokungafundwa abafundi bakaGrade 7 kuya kuGrade 9.
Okokubasa kwezikhathi zakudala yikona okungcolisa umoya kakhulu
Uma sishisa okokubasa kwasemandulo, kuphuma intuthu edunga
umoya kube khona izifo ezigulisa abantu, izilwane nezitshalo.
Amalahle ane-sulphur ne-nitrogen okuphuma kube yi-gas emoyeni uma ebaswa. Ngesikhathi lama-gas womabili ehlangana namanzi asemoyeni, kwakheka imvula ene-acid eshisa
ibulale izitshalo kufe
nezilwane ezisemifuleni nasemadamini.
Amalahle ashayo abuye akhiphe i-carbon eba
yi-carbon dioxide uma
isihlangene ne-oxygen emoyeni. I-carbon dioxide ivalela ukushisa ikuvimbe kungaphumi eMhlabeni kanti lokho kwenza umhlaba
ushise. Lokho kubizwa nge-global warming.
I-primary energy source yileyo ekhipha amandla ngqo.
Okulungele
izingane zeminyaka engu-8-14
Amandla avuselelekayo
Amandla omoya.
I-biomass energy – isebenzisa amandla ewathathe
esitshalweni noma esilwaneni.
I-solar energy – isebenzisa amandla elanga.
Amandla amanzi – amandla amanzi anyakazayo asetshenziselwa ukukhiqiza ugesi
wamanzi.
Ukwenza uzibuthe
Izinsimbi eziningi azinawo uzibuthe. Kodwa i-iron nolunye uhlobo lwensimbi kungenziwa kube nozibuthe. Ezinye izinto zingaba nozibuthe ngokusetshenziswa kukagesi, lezo zinto zibizwa nge-electromagnets.
Zenzele i-electromagnet
Udinga: u-wire wensimbi, i-roll yebhodi, ibhethri, i-compass, ne-tape yokunamathisela.
1. Thandela ucingo lwekhopha kwi-roll yebhodi. Ucingo lunamathisele nge-tape.
2. Beka i-compass ohlangothini locingo lwesokudla nolwesobunxele. Ubonani?
3. Xhuma i-coil ebhethrini ukuze amandla kagesi akuyona angene ocingweni.
4. Phinda i-step sesibili. Ubonani?
Siphisana ngamakhophi angu-5 e-Illustrated Dictionary of Natural Sciences and Technology!
Thumela imibono yakho mayelana nokonga ugesi ukuze kusizakale izizukulwane ezizayo.
Thumela imininingwane yakho kuleli kheli:
Science Giveaway
Maskew Miller Longman
PO Box 396
Cape Town
8000
Ungakhohlwa wukubhala igama lakho, ikheli, inombolo yocingo negama lesikole sakho.
Ugesi
Ugesi ungamandla athathwa kwenye into nayo ekhipha amandla ngoba iwathole kwenye, njengamalahle.
BONA ZULU – September 2006 59
i-compass
i-roll yebhodi
ilanga
Ngabe bewazi?
Izilwane ezinjengamajuba zisebenzisa uzibuthe woMhlaba ukuthola indlela. Ingxenye yobuchopho bazo isebenza njenge-compass.
i-tape
ucingo lwe-copper
Umtitilizo!
ibhethri
